Osopolitiki ngeke baphinde bazitamuzele emnothweni uma sibambelela ezinguqukweni ezinqala – isithangami

IZINGUQUKO ezinqala osekuneminyaka ziqalile ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela azibalulekile kuphela ngenxa yokuthi zizolekelela ukukhulisa umnotho kodwa zimqoka futhi ngoba yiyona ndlela yokuvikela umnotho kungakhathalekile ukuthi wubani ophethe kuhulumeni.

Imeya yaseThekwini isekhaleni lomkhankaso wokuphucula ingqalasizinda yezokuvakasha

ISIMO semboni yezokuvakasha eThekwini sizoshintsha njengoba imeya kaMasipala waseThekwini iqinisa umkhankaso wokuvuselela izindawo zokuvakasha ezingadumile nokwandisa ingqalasizinda yezokuvakaskha yedolobha.

ISabelomali sikhombisa ukuthi idlangile inhlupheko eNingizimu Afrika futhi bayingcosana abakhokhintela, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISABELOMALI esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana izolo sicacisa inhlupheko eNingizimu Afrika, ikakhulu isibalo sabantu abathembele osizweni lukahulumeni.

ISabelomali sibeke into ecacile ngokulungisa umnotho nesimo sezwe – iBLSA

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) ibongela ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngokuthula iSabelomali esinesithunzi futhi esizwakalayo sokubhekana nezinselelo zezwe nesiqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ezinguqukweni ezinqala.

Kongiwe uR17.5bn ngezinhlelo ezihlukene zokunciphisa ukumosa kuhulumeni 

UHULUMENI uzokonga uR17.5 billion ngezinhlelo ezihlukene osanda kuzethula ezifaka ukubuyekeza izinto ezingasebenzi kahle nangenxa yohlelo olugquqguzela izisebenzi ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi.  

Uhulumeni ukitaze izakhamuzi ngentela nokulungisa omasipala kwiSabelomali 

UHULUMENI ngeke usanyusa intela ngoR20billion njengoba wawubikezelelile ngonyaka odlule. Yize umNyango weziMali uthi lezi ngezinye zezindlela zokuphungulela abakhokhintela umthwalo kodwa kubukeka kungeminye yemizamo yokujabulisa izakhamizi kwazise lona wunyaka wokhetho lohulumemi bomasipala.   

Kuhamba kahle ngokuphatha imali. Sekushoda iSabelomali esizokhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso 

I-INTERNATIONAL Monetary Fund (i-IMF) isigcizelele umyalezo okade amabhizinisi ewudlulisa wokuthi izinguquko ezinqala eNingizimu Afrika zingawukhulisa umnotho ngendlela ebonakalayo, inqobo nje uma izwe lizoqhubeka ngomgqigqo eliqale ngawo.  

Usekhulumile umengameli, manje akusukunyelwe indaba yokukhiqiza, kuloba uBusi Mavuso 

NJENGOBA isidlulile iNkulumo eBhekiswe esiZweni ethulwe ngoLwesine oludlule, osekufuneka manje wukuphuthumisa ukwenza izinto umengameli uCyril Ramaphosa azimemezelile nokubhekana nangazishongo.

Kwethulwe umbiko ngezingozi zabathengi 

KUNEZINTO ezine ezithinta abathengi baseNingizimu Afrika okufanele umlawuli wemboni yezimali, iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) azibeke eqhulwini ukuvikela abathengi. 

Umengameli uveze isithombe esiyiqiniso ngokwenzeka ezweni – iBusiness Leadership SA

“SISESIMWENI esingcono namhlanje kunesasikuso ngonyaka odlule.” Bekuyilena ingqikithi yomyalezo kamengameli uMnu Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo eBhekiswe esiZweni izolo.

Seziyaqala izitokfela ukushaya ngonyawo olusha – iFNB 

ZIYANDA izitokfela ezisibonayo isidingo nomvuzo wokutshala imali isikhathi eside kunokuyibekela izidingo zesikhashana kuphela. 

Mkhulu umsebenzi ohlalele uhulumeni ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIMO samathuba omsebenzi eNingizimu Afrika asisihle neze. Noma sekuyindabizekwa kakhulu lena kodwa ukujula kwayo kuqhakanjiswa kabusha yimininingwane ngesimo semisebenzi eNingizimu Afrika ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA).

Ukuhlehlela emuva kwezinguquko zikagesi kungase kuxoshe abatshalimali, kuloba uBusi Mavuso  

UMBIKO weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) obuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala oshicilelwe ngesonto elidlule utshengise ukuthi ikhona inqubekelaphambili yonke indawo ngaphandle kwasembonini kagesi. 

INingizimu Afrika ibuyela ekuzikhiqizeleni imigomo yamatele 

NJENGOBA iNingizimu Afrika ibhekene nokubheduka kwamatele nezinkinga ezihambisana nawo, njengokutholakala kwemigomo ngokushesha, kuntwela ezansi ngemva kokuthi isikhungo socwaningo kwezolimo sidlulisele kungqongqoshe womnyango umthamo wokuqala wemigomo yamatele seloku sagcina eminyakeni ewu-20 edlule ukuyikhiqiza.

Kukhunjulwa ukudilika umgodi eLily Mine emva kweminyaka eyishumi yesehlakalo

NGOLWESINE oludlule kuhlangane iminyaka eyishumi kwadilika umgodi eLily Mine eBarberton, eMpumalanga. I-Junior Mining Council (iJMC) ilila nemindeni yabantu ababhubha, izisebenzi eziyisishiyagalolunye nomphakathi waseBarberton ukukhumbula lolu suku olubanga umunyu.

Usemningi umsebenzi ekuphuculeni indlela omasipala abaphatha imali ngayo – umcwaningimabhuku-jikelele

NJENGOBA iNingizimu Afrika izobanokhetho lohulumeni basekhaya, umncwaningimabhuku-jikelele uthi simo sikahulumeni wasekhaya siyaqhubeka nokubasibi ekuletheni izidingo emphakathini.

I-Standard Bank iphuthumisa izinhlelo zokuqeda amagatsha angayiphathi imali

I-STANDARD Bank Personal and Private Banking iphuthumisa uxhaxha lwayo lwamagatsha ukuhambisana noshintsho endleleni amakhasimende asenza izinto ngayo nokuncipha kwezindawo ezisebenzisa imali ewukheshi njengoba kwanda amagatsha angeke esaphatha imali kulo nyaka.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page