Osopolitiki ngeke baphinde bazitamuzele emnothweni uma sibambelela ezinguqukweni ezinqala – isithangami
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
IZINGUQUKO ezinqala osekuneminyaka ziqalile ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela azibalulekile kuphela ngenxa yokuthi zizolekelela ukukhulisa umnotho kodwa zimqoka futhi ngoba yiyona ndlela yokuvikela umnotho kungakhathalekile ukuthi wubani ophethe kuhulumeni.
Sisho kanje isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uNksz uBusi Mavuso emcimbini weStandard Bank obubuyekeza iSabelomali sango-2026/27 eCape Town, eNtshonalanga Kapa, izolo.
Uthe “ipolitiki iyohlale iyipolitiki” kodwa ukuqinisa amaxhama ngalezi zinguquko kwenza ukusebenza kahle komnotho kungabisemseni wabaholi bepolitiki.
“Uma sibheka indaba kagesi, silungise eyokukhiqiza ugesi kodwa ingqinamba enkulu kusengeyokuwusabalalisa. Siyazi ukuthi i-Eskom ithathele iNersa (iNational Energy Regulator of South Africa) izinyathelo zomthetho ngoba ikhala ngokuthi bekungafanele inike lezi zinkampani eziyishiyagalombili esizinike amalayisensi okuphehla ugesi ngoba ikhala ngokuthi lezi zinkampani zizoyithathela amakhasimende ayo amakhulu.
“Loku kutshengisa ukuthi kungani kubalulekile ukuqhubeka nomsebenzi wezinguquko ezinqala emnothweni ngoba awukwazi ukubayimbangela yenkinga uphinde ushaye umthetho ngokuthi isisombululo kufanele sibenjani,” kusho uNksz uMavuso.
Uthe uma kungaphinde kugwamandwe amandla ombuso, yilezi zinguquko eziyovikela umnotho. Mlalele enaba ngalokhu.
I-Operation Vulindela wuhlelo lukahulumeni oluhlanganisa umnyango wezimali, iHhovisi likaMengameli nemboni oluxazulula izinkinga ezikhona emnothweni. Isigaba sokuqala salolu hlelo sigxile enkingeni kagesi, imboni yokuthutha izimpahla ngenxa yezinselelo zezitimela namachweba, okungaphansi kweTransnet.
KwiSabelomali ngoLwesithathu umnyango wezimali uthe, seziyabonakala izithelo zalolu hlelo, wathi umsebenzi owenziwe kulona ubenesandla ekutheni iNingizimu Afrika ikleliswe kangcono yiS&P, inkampani ebuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokubanomphumela endleleni akhokha izikweletu ngayo, ukuphucuka kwezinto e-Eskom naseTransnet nokuqala kokukhula komnotho.
Ngo-2026/27, umnotho kulindeleke ukuthi ukhule ngo-1.6%, kuthi ngo-2027/28 kubewu-1.8% ngaphambi kwango-2% ngo-2028/29. Sesiqalile isigaba sesibili se-Operation Vulindlela kanti yize sisaqhubeka embonini kagesi neyezokuthutha kodwa selusabalalele nakweyamanzi, ukulwa nobugebengu nokulungisa omasipala.
Usomnotho omkhulu eStandard Bank uMnu uGoolam Ballim, oncome kakhulu iSabelomali njengoba ethe usinika amamaki awu-7 ½ kwawu-10, uthe yize umnotho ungakakhuli ngezinga elifiswayo nelingakwazi ukudala imisebenzi eyinqwaba kodwa kuhle ukubona umehluko.
“Kufanele sikhumbule ukuthi iSabelomali siwumsebenzi weminyaka okhula kancane, kancane. Siyabona manje izinto ezithinta indlela okuphathwa ngayo, ukwandisa isibalo sabantu kuhulumeni, imithetho, ukugodla imali komasipala uma izinto zingahambi kahle ngoba siyazi ukuthi lokho kunomphumela ongakanani kokwenzeka kuhulumeni ezweni lonke… Ithemba emnothweni liyanyuka futhi siyabona ukuthi kukhona ukuzinikela kosopolitiki,” kusho yena.

Ukhomishana wophiko oluqoqa intela uMnu u-Edward Kieswetter, obeyingxenye yalo mcimbi, uthe kuhle ukuthi uhulumeni usubonile ukuthi kubalulekile ukubambisana nemboni ezimele ngoba awukwazi ukwenza izinto wodwa futhi awunamali.
Uthe impumelelo ye-Operation Vulindlela ilele ekutheni ayigxilile enkampanini ethile kunalokho ibheka umsebenzi odinga ukwenziwa embonini ethile.

“Asiphumanga enkingeni yokucinywa kukagesi ngoba silungise i-Eskom, silungise imboni kagesi. Ubugebengu yiyonanto elandelayo okufanele ibeseqhulwini. Uyabona nje uma sikhuluma ngokuthi sisho imali engakanani uma sikhuluma ngemboni yezimpahla eziwumkokotelo, yimboni lena esilinganisela ukuthi cishe iwuR800 billion noR2 trillion, okusho ukuthi sikhuluma ngemali yentela ecela kuR300bn. Imboni yezimpahla eziwumkokotelo iyingozi ngempela emnothweni,” kuxwayisa uKieswetter.
U-Kieswetter, ozothatha umhlalaphansi ekupheleni kuka-Ephreli, uthe yize kunezimpawu zoshintsho oluhle emnothweni kodwa enye into esahlehlisela uhulumeni emuva wukungabambisani.
“Emhlabeni jikelele, ohulumeni abadalelwe ukuphumelela. Kuhulumeni, abantu bathanda ukusebenza emakhosombeni abo bodwa nokuphazamisa impumelelo ngoba bayancintisana. Kufanele sishintshe indlela esicabanga ngayo njengokuthi singasebenzisana kanjani nendlela imali eyabiwa ngayo. Imali yabelwa iminyango, hhayi izinhlelo, njengokuthi iya emaphoyiseni kodwa akushiwo ukuthi iqondene nokulwa nobugebengu,” kusho yena.
I-South African Revenue Service (iSars) ingenye yezinto ezibalwayo uma kukhulunywa ngezinto ezimbalwa esezenzekile emnothweni ngaphansi kombuso kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa. Iloku inyuka imali ekwazi ukuyiqoqa ngonyaka njengoba isiyandise isibalo sabantu abasebenzayo. Ihlinzekwe ngoR7bn eminyakeni emithathu ezayo enhloso yayo wukuphucula ukusebenza kwayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/25/kongiwe-ur17-5bn-ngezinhlelo-ezihlukene-zokunciphisa-ukumosa-kuhulumeni/
Imali okulindeleke ingeniswe yintela ngo-2025/26 isingaphezulu ngoR21.3bn, nokho eminyakeni yezimali emithathu ezayo izokwehla ngoR57.2bn kunokwakushiwo kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngonyaka odlule ngenxa yokuhoxiswa kwesiphakamiso sokunyusa intela ngoR20bn.
I-Sars bekulindeleke ukuthi iqoqe phakathi kukaR20bn noR50bn wemali ethe xaxa wemali okweletwa yona ngokuthi iqoqe uR120bn isuka kuR95bn ngo-2025/26.
U-Kieswetter uthe loku kuzosiza uhulumeni ungenise imali ethe xaxa ngentela ngoba kuvele kunemali okweletwa yona nokuwukuthi uma iqoqwa izokwanda imali onayo kunokugijimela ukunyusa intela ekhokhwa yizakhamuzi nezinkampani.
Isiyonke imali ekweletwa iSars ibimi kuR646bn ngoJanuwari kanti uR518.2bn wemali akekho obewuphikisile. I-Sars ibisaqoqe uR79.4bn, okungaphansi ngoR15bn webiklanyiwe. Imali osekubhekwe ukuthi ingene ngo-2025/26 wuR1.98 trillion esikhundleni sikaR1.95trn.

