Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthi ziningi izindawo uhulumeni ongathatha kuzona ukwelekelela umnotho. Isithombe: Sithunyelwe

Ziningi izindlela zokuxazulula inkinga yokungakhuli komnotho – izingqapheli

WUSLINDILE KHANYILE 

UKUTSHALA imali kukodwa ngeke kuwukhulise umnotho kodwa okudingekayo wukukuxuba lokhu nezinto ezizokhuthaza abantu ukuthi bathenge kakhulu ngoba kunobufakazi bokuthi yiloku okuthela izithelo. 

Usho kanje usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule namhlanje. UGqubule ubephawula ngokungase kwenzeke uma sekuthulwa iSabelomali sango-2026 ngoLwesithathu. Uthe akukwazi ukuzitshwa ukukhuthaza abantu ukuthi bathenge ngoba u-66% womnotho umi ngakho.  

“Azikaze izinto zibe ngale ndlela eziyiyo manje. Sekuphele iminyaka ewu-17 umnotho ukhula ngo-1.1%, abantu abangasebenzi sebewu-12.5 million kodwa into ezokwenzeka kulesi Sabelomali wukuthi kuzokwenziwa kubesemthethweni ukuthi akufanele imali isetshenziswe kakhulu ngokushaya umthetho i-fiscal responsibility law nokuzokwenza izinto zibe zimbi kakhulu kuneziyikona manje. 

“Into okufanele yenzeke wukuthi sitshale imali kakhulu kwingqalasizinda, sethule nemali ezosiza abantu abangasebenzi ngoba lezo zinto zizokwenza ukuthi abantu bathenge. Ngesikhathi umnotho ukhula phakathi kwango-20023 nango-2008, wakhula okungenani ngo-4.5% ngonyaka kanti kwabanemisebenzi emisha ewu-3.1 million, nokwenza isibalo sabantu abangasebenzi sehla sisuka ku-40.6% saya ku-28.7%. Ukudinga kokubili ukutshala imali nokuthi abantu bathenge,” kusho yena.

Uthe kufanele kukhunjulwe ukuthi ukutshala imali kwingqalasizinda kuvula amathuba okuqasha abantu abathathu abangenawo umatikuletsheni.  

Isazi somnotho uSolwazi uBonke Dumisa naso ukugcizelele ukubaluleka kokuthuthukisa ingqalasizinda. Sithe ngenye yezindlela ezilula zokwakha imisebenzi kubantu abangafundile okutheni.  

UDumisa uthi ngeke uGodongwane aliphinde iphutha nge-VAT

“Ngifuna ukukhuluma ngezinto ezingeke zenzeke. Ngeke siyibone imizamo yokunyusa intela yezimpahla i-VAT ngoba uGodongwana wafunda lukhulu kokwenzeka ngonyaka odlule. Okunye, lona ngunyaka wokhetho lomasipala ngakho ngonyaka wokhetho akwenziwa noma yikanjani. 

“Okunye okungeke kwenzeke wukuthi ngeke ayifake indaba yomshwalense wezempilo iNHI (i-National Health Insurance). Yize kuyinto enezinhloso ezinhle lena kodwa ngisho eBritain lapho yaqala khona, iyabasinda. Kangakanani-ke lapha ezweni lethu njengoba isibalo sabantu sikhula ngaphezu kwendlela umnotho okhula ngayo? Into edingekayo wukulungisa izikhungo zezempilo lezi esinazo,” kusho yena. 

Ngonyaka odlule ukuthula iSabelomali kwahlehliswa kwaze kwabakabili ngoba uhulumeni wawuzama ukunyusa i-VAT, isinqumo esaphikiswa ngamanye amaqembu ayingxenye kahulumeni wobumbano, umNyango weziMali wagcina ugobe uphondo.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/zizovalwa-izinhlelo-ezingawenzeli-lutho-uhulumeni-ugodongwana/ 

UDumisa uthe nokufuna ukuthi uhulumeni unyuse imali yezibonelelo akuwona umqondo ophusile ngoba isibalo sabantu abakhokha intela sincane kakhulu.  

“Ngiyazi abanye abantu abathandi uma ngisho loku kodwa akuwona umsebenzi kahulumeni ukwakha imisebenzi. Umsebenzi kahulumeni wukuqinisekisa ukuthi indawo amabhizinisi asebenzela kuyona ikulungele ukwakha imisebenzi. Uma amabhizinisi ekhula, uhulumeni uqoqa intela ethe xaxa. 

“Enye into edingekayo wukubuyekeza imfundo ukuze uhlobo lwabafundi olukhiqizwayo lube olunamakhono adingwa umnotho,” kwengeza uDumisa.  

UGqubule ubona ngenye indlela njengoba ethi uhulumeni unayo imali yokusiza umnotho ongayithatha eBhange loMbuso njengoba kwenzeka ngo-2024 ngesikhathi kuthathwa u-R150 billion kwi-Gold and Foreign Exchange Contingency Reserve Account (iGFECRA), isikhwama esiwugadingozi. 

Uthe enye imali ingathathwa kwiPublic Investment Corporation, iGovernment Employees’ Pension Fund nakwi-Unemployment Insurance Fund.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page