Kongiwe uR17.5bn ngezinhlelo ezihlukene zokunciphisa ukumosa kuhulumeni
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
UHULUMENI uzokonga uR17.5 billion ngezinhlelo ezihlukene osanda kuzethula ezifaka ukubuyekeza izinto ezingasebenzi kahle nangenxa yohlelo olugquqguzela izisebenzi ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi.
Kwethulwa iSabelomali sango-2026/27 eCape Town, eNtshonalanga Kapa, izolo, umNyango weziMali uthe ukubuyekeza izinhlelo ezithinta ukuthutha umphakathi nezibonelelo kuholele ekutheni wonge uR12bn.
Umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe: “Le mali esiyongile kwezokuthutha (uR8.53bn) izosetshenziselwa ukusiza izitimela, iPassenger Rail Agency of South Africa, sizozwa ngomNyango wezokuThutha ukuthi kuzohlala kunjalo yini noma kukhona okunye okucabangayo uma usubuyekeze uhlelo lwamabhasi.
“Enye imali (kuR12bn) iqhamuke ngokunqanda umkhonyovu obuwenzeka ngokukhokha izibonelelo zikahulumeni futhi kungenzeka le mali inyuke njengoba iSassa (iSouth African Social Security Agency) isaqhubeka nokuqinisekisa abantu abakhokhelwa izibonelelo,” kusho yena.
Eminyakeni emibili edlule, uhulumeni wamemezela ukuthi uzothula uhlelo olugqugquzela iisebenzi esezisondele empeshenini ukuthi zithathe umhlalaphansi ukuze wonge imali futhi ukwazi ukuqasha intsha. Ngaleso sikhathi wawuthe ucabanga ukuthi bawu-30 000 abantu abazogcina behambile.
Namhlanje umGcinimafa uthe isigaba sokuqala salolu hlelo sesiphothuliwe kanti izicelo esezigunyaziwe ziwu-7 687, eziwu-4 644 kuzona ngezabantu abasebenzela iminyango kahulumeni ezifundazweni, kuthi abanye ngabasebenzela iminyango kahulumeni ezweni lonke.
Isiyonke imali ezokhokhwa wuhulumeni ngaloku wuR3.7bn kanti kulindele ukuthi imali ezokongiwa wuhulumeni wuR5.5bn, uR2.6bn ozokongiwa ngo-2026/27, uR1.4bn ngo-2027/28 kuthi uR1.5bn ngo-2028/29.
“Isibalo sezicelo esizitholile ziwu-8 200 kanti kukhona ezinye eseziphasisiwe eziwu-416 nezinye eziwu-442 zabazoqhamuka embuthweni wamasosha. Loku kusho ukuthi empeleni izicelo eseziphasisiwe seziwu-8 100 futhi sizogcina sisebenzise uR4.26bn kulo R4.5bn ebesiwuhlinzekele lokhu. Cishe abantu abazogcina besheshe bathatha umhlalaphansi bawu-12 000 kuya kwabawu-13 000 sebebonke. Nokho loku akusho ukuthi uhlelo alwenzekanga ngendlela, kusho kuphela ukuthi abantu abashiyayo bayabiza,” kusho umGcinimafa.
Kukhona nezikhala zezisebenzi eziwu-4 323 uhulumeni oziphenyayo ngoba usola ukuthi kunezisebenzi eziyizipoki. Nokho uthe awukakakwazi ukusho ukuthi cishe lezi zisebenzi sezidle uhulumeni imali engakanani.

