Ezikhungweni zemfundo ephakeme kunomnotho wokudayisa nokuthenga izinto ezidingwa yizitshudeni. Isithombe: Sithunyelwe

Izitshudeni zenza imali ngezidingo zabantu enyuvesi

WUSIPHOSETHU JACK

IZITSHUDENI zasemanyuvesi namakolishi amaningi aseNingizimu Afrika ziqhamuka nezindlela ezinobuhlakani zokwenza ibhizinisi zibuka izidingo ezikhona kulezi zikhungo zemfundo ephakeme. Nakuba ukuxhaswa ngemali kusiza abantu abasha abaningi kodwa ukuphila enyuvesi alwenele ukuphila enyuvesi.

Ngenxa yalesi sizakhu izitshudeni sezisungula amabhizinisi amancane angabhalisiwe okubalwa kuwona ukudayisa ama-laptop, izincwadi zesikole nezimpahla zasendlini okudayiswa ngamanani angabizi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/12/umfundi-wasenyuvesi-uwasha-izimoto-emakhaya-abantu/ 

UKamogelo Lidwaba ngesinye sezitshudeni esinebhizinisi elinjena. Udayisela izitshudeni ezingakwazi ukuthenga ama-laptop amasha angamasekeni. Uthi iNSFAS ayimxhasanga nakuba ayesifakile isicelo.

Uthi: “Ngidayisa ama-laptop angamasekeni ngoba izitshudeni eziningi azinawo amandla okuthenga amasha, njengoba ngazi ukuthi ama-laptop adingeka kakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme.”

Imali ayitholayo imsiza ukuthi akhokhe imali yesikole. Nakuba ingenele kodwa inciphisa umthwalo wokuthi aqhubeke nokufunda. Ngokwenza izinto azidayisayo ukuthi zingabizi, uLidwaba udayisela izitshudeni ezidinga ama-laptop ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi wesikole, ukuthumela umsebenzi wesikole online nokwenza ucwaningo.

Lo mqondo ofanayo webhizinisi ubonakala nasekudayiseni izincwadi zesikole. UMuofhe Thovhakale, ofunda eTshwane University of Technology (eTUT), uthi ujwayele ukuthenga izincwadi azidayisayo kubafundi angaphambili esikhundleni sokuzithenga ezitolo zezincwadi. 

“Izincwadi zasezitolo zezincwadi zibiza kabi,” kusho yena. “Uma ngithenga kubafundi abangaphambili ngiyonga.”

Loku kumsiza ukuthi asebenzisa imali ayiphiwayo kangcono. Izitshudeni ezindala ziyahlomula ngokubuyelwa yimali ezathenga ngayo izincwadi zesikole kanti izitshudeni ezintsha zikhokha imlai encane zithenga kunaleyo ezingayikhokha ezitolo zezincwadi. Le ndlela yokwenza izinto iqhubeka minyaka yonke kanti kusimama umnotho wasezikhungweni zemfundo ephakeme osekelwe ekuthembaneni nasemandleni okuthenga.

Izitshudeni ezihlala esikoleni zibhekana nezinselelo ezidala ithuba lebhizinisi. Ezindaweni eziningi ezihlala izitshudeni awekho amafriji, okusho ukuthi kufanele zizithengele awazo ukubeka ukudla. Uma abafundi abangaphambil sebehamba bayawadayisa la mafriji bangahambi nawo.

ULubabalo Sigcawu, ofunda eTUT, uthi ukudayisa lezi zinto kusiza umuntu odayisayo nothengayo. “Uma sesiqede isikole, asisawadingi la mafriji amancane,” kusho yena. “Esikhundleni sokuhamba nawo, siwadayisela ezinye izitshudeni ngemali ephansi.”

La mabhizinisi ezitshudeni akhombisa into enkulu, ukuphokophela nokwenza izinto ngendlela entsha. Ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukubanebhizinisi akusho ukusungula izinkampani ezinkulu. Kwesinye isikhathi kuqala nge-laptop eyisekeni, incwadi yesikole esebenzile noma ifriji elincane nokuphokophela phambili.

• Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page