Njengoba ungqongqoshe womNyango weziMali ezothula iSabelomali ngoLwesithathu, kulindeleke izindaba ezizojabulisa abantu baseNingizimu Afrika ngokusimama komnotho, nokhu kusenzima. Isithombe: Sithunyelwe

ISabelomali yindabizekwayo ezintweni eziseqhulwini kuleli sonto

YINTATHELI YOMBELE

IZINDABA ezinkulu kuleli sonto wukumenyezelwa kweSabelomali. Okunye kuzobayizimemezelo zezimakethe ezivamile zokuphela kwenyanga ngasekupheleni kwenyanga.

Kulindeleke ukuncipha kwamanani omkhiqizo ngoJanuwari, okufanele kwehlise izinga le-producer price index, okuyisikali soshintsho ngesikhathi esitholwa ngabakhiqizi bezwe ngezimpahla zabo. 

ISabelomali ngoLwesithathu kufanele sibeyizindaba eziwuju, sikhombise ukuncipha kwezindleko zokuboleka, ukusimama komnotho okuthe xaxa nokuncipha kokusebenzisa imali ekuthengeni izimpahla zomkhiqizo. Loku akufanele kugcine nje kugcine ngokwenza umNyango weziMali ukuthi ukufinyelela ezinjongweni zawo kodwa futhi kufanele kuthulwe abakhokhintela umthwalo emahlombe, into osekuneminyaka eminingi bayigcina. 

Uma kuqhathaniswa nangalesi sikhathi ngonyaka odlule ngenkathi kubanesixakaxa esikhulu ngeSabelomali, esacishe sahlakaza uHulumeni woBumbano, kulo nyaka izwe lisesimweni esihle kakhulu. Ukushintshela umgomo wokwehla kwamandla emali   ku-3% kunciphise izindleko zokuboleka zezwe kanti izinto ziphucukile ngasohlangothini lokukhula komnotho. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/17/ningasibukeli-kude-isabelomali-sezwe-siyithinta-ngqo-imali-yenu-umeluleki/ 

Amanani ezimpahla ayanyuka, okuqinisa amandla erandi nethemba ngomnotho. Loku kwenze kwanyusa imali engenile ngo-10.4% okokuqala ezinyangeni eziyisishiyagalolunye zokuqala zonyaka. Ngakolunye uhlangothi, ukuthenga kume ezingeni eliwu-6%, okubengcono kunokwakubikezelwe kwiSabelomali samaphakathi esasithi kuzobawu-8.3%. 

Kulindeleke ukuthi kubenemali eningi engenile kanti kufanele umNyango weMali wesase ngosuku lweSabelomali . Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uGodongwane kufanele axegisele abakhokhintela kunokuthi anciphise intela ye-carbon, okuyindabizekwayo. Kuthiwa angase anyuse intela yokugembula online ngo-20%, nokho izingxoxo zisekuqaleni.

Izimakethe zilindele imali esele esikhwameni seSabelomali yesithathu iminyaka ilandelana, okufanele kwenze izinga lifinyelele ku-77.9% wesikali somkhiqizo wezwe ngonyaka wezimail u-2025/26. 

UmNyango weziMali uthembise ukuthi izinga lesikweletu lizoma ku-77% maphakathi nonyaka, kanti ukushoda kwemali kwiSabelomali kuzoncipha kusuka ku-4.5% kuye ku-3.2% eminyakeni emithathu ezayo.

UmNyango weziMali udinga ukunconywa ngokuphatha kahle izimali kodwa loku akusho ukuthi iNingizimu Afrika isiphumile ebunzimeni. Sisaloku sinyuka isikweletu semali esetshenziswayo nezindleko zokukhokha isikweletu ziyaqhubeka nokudla imali eningi kanti ijoka lokukhokha intela liyaqhubeka nokuzwela. 

Ngaphezu kwalokho izinto ezinyusa imali imali esebenzayo, okubalwa kuzona imali yemiholo yezisebenzi zikahulumeni nokuvama ukuhlengwa kwamabhizinisi kahulumeni nomnotho okhula kancane, akukashintshi okutheni. Emva kweminyaka ekusebenziseni imali emnothweni okhula kancane, kuncane kakhulu okungenziwa wumNyango weziMali. Ngeke uboleke imali futhi ngeke unyuse intela kakhulu kanti ukunciphisa isabelomali kungazwela kakhulu kubantu abampofu abathembele osizweni lukahulumeni. 

Loku kusho ukusimamisa umnotho kuncike ekusebenziseni imali kahle nasekuphuculeni ukusebenza kukahulumeni nokuphuthumisa izinguquko zokusimamisa umnotho, konke okungelula ukukwenza nokukuphuthumisa.Nokho ukusasa okufanele kwagqame ngesikhathi sokuthula iSabelomali kufanele kubuye nganeno. Izinto ziyathembisa kodwa asikaphumi ebunzimeni . – Lolu lwazi lucashunwe kwiBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page