Ezimakethe kulindelwe izibalo zomkhiqizo eNingizimu Afrika naphesheya. Isithombe: yi-Unspash

Kuzophuma umbiko ngethemba losomabhizinisi ngekota yesithathu namandla emali

YINTATHELI YOMBELE

KULELI sonto amehlo azobe ethe njo embikweni i-RMB/BER Business Confidence Index (iBCI), obheka umuzwa wosomabhizinisi nethemba abanalo ngomnotho wezwe.

Kuzophuma nezibalo zokuthenga izimpahla  i-Absa purchasing managers index (iPMI), ezizokhombisa ukuthi ukuntenga kokuthenga izimpahla kweminye imikhakha yomnotho kudalwa yizindleko zokukhiqiza eziphezulu noma wukungabinesiqiniseko kosomabhizinisi ngokwenzeka emnothweni.

Ukululwa kwezikweletu zezinkampani ezizimele, ukudayisa kwezimoto ezintsha neS&P Global PMI kuzocacisa ukuthi emizini yabantu bayathenga nokuthi amabhizinisi athenga ziphi izimpahla. Izibalo zokuthenga izimoto zibalulekile ngoba zizokhombisa ukuthi abathengi bebeqhubeka nokuthenga nangekota yesithathu.

Kubalulekile ukuqaphela ukuthi iStatistics South Africa ihlehlise ukukhipha izibalo zama-akhawunti ezwe zekota yesibili, ezingeke zisakhishwa ngomhlaka-8 wangoSepthemba kodwa esezizophuma ngo-Okthoba.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/24/kubhekwe-izibalo-zamandla-emali-okukhiqiza-nezohwebo-kuleli-sonto/

Phesheya kuzobhekwa iPMI. E-China kuzobhekwa izibalo zokukhiqiza zezwe, ezizocacisa ukuthi ukwehla kwezibalo ngoJulayi kuqhubekile yini ngo-Agasti. EMelika ezimakethe kuzobhekwa ucwaningo lokukhuphuka nokwehla kokudayisa izimpahla, phecelezi ama-US ISM manufacturing and services index.

Isonto lizophela ngombiko wokuqasheka kwabantu ngo-Agasti eMelika, ozobe ubhekwe ngabomvu ngemva kokuthi izibalo zamaholo zikhombise ukuthi ehlile. Konke loku kuzokwenzeka ngaphambi komhlangano webhange lombuso lakhona iFederal Reserve Bank ozoba kule ngoSepthemba.

Uma kunyuka isibalo sabantu abangasebenzi kuzobikezela ukuthi ibhange lombuso lakhona lizoqinisa isandla uma lenza izinqumo ngemalimboleko kanti uma sehla isibalo sabangasebenzi ngeke kube lula ukuthatha izinqumo kwiBhange lomBuso.

EYurophu kuzobhekwa amandla emali ango-Agasti njengoba ebalulekile uma ibhange lombuso i-European Central Bank (i-ECB) inquma ngemalimboleko ngoSepthemba.

I-ECB isanda kuphawula ngendlela eyenza abatshalimali babone ukuthi izoqinisa isandla, okusho ukuthi ingase inyuse imalimboleko emhlanganweni wayo olandelayo. Uma amandla emali entenga, kuyosho ukuthi iyanyuka imalimboleko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page