Umengameli uMnu uCryil Ramaphosa nezikhulu zikahulumeni nezamabhizinisi ngenkathi kwethulwa isigaba sesithathu sokusebenzisana eHyde Park, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Kufanele sikhulise umnotho ngokungaphezu kwango-3% futhi sakhe imisebenzi eyizigidi, kuloba uBusi Mavuso

LUKHULU oluhle olungenzeka eNingizimu Afrika. Sinabantu abakhaliphile abakwazi ukuzuza izinto ezinkulu, kusukela kwezemidlalo kuye ezinkampanini ezivelele emhlabeni. Ukukhuthaza abantu abavelele emabhizinisini nakuhulumeni ukuthi bagxile ekukhuliseni umnotho cishe ngo-3% kuzozala impumelelo.

Ngesonto elidlule ngesikhathi kuthulwa isigaba sesithathu sokusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni, ngibone ukuthi impela sibheke empumelelweni. Kukhona lapho umengameli uMnu uCyril Ramaphosa, ongqongoshe nezinye izikhulu zikahulumeni behlale phansi nezinye izikhulu eziphezulu zezinkampani nabanye abaholi bamabhizinisi okukhona kubona nosihlalo weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uMnu u-Adrian Gore. 

Zingaphezu kwango-30 izikhulu eziphezulu, okungezinye zalezo ezinohlonze emabhizinisini, ezivolontiyile ukusebenza emikhakheni ehlukene ngenhloso yokukhulisa umnotho. Loko kukhombisa ukuzinikela okumangalisayo ezweni nokuphokophela impumelelo yalo.

Emcimbini wokuthula isigaba sesithathu sokusebenzisana, ngiziqhenye kakhulu ngokwenziwa ngamabhizinisi. Sifike nabantu abazimisele futhi abanazo izinsizakusebenza. Njengoba eshilo nomengameli, loku kusebenzisana kusho ithemba kumabhizinisi nakuhulumeni.

Kukhombisa nokuthi ukuthembana sekukhule kangakanani kusukela loku kusebenzisana kwaqala, okufakazelwa yimpumelelo yako. Uhulumeni ozibophezele ezinguqukweni nokuthi kubenemigomo eseka ukukhulisa umnotho usebenzisana namabhizinisi azibophezele ekutheni izinto zenziwe ngendlela cishe uzoheha abatshalimali kakhulu.

Siyakubona loko ukuthi kuwukhulisa kanjani umnotho ngokutshala imali ezindleleni ezintsha zokuphehla ugesi, ingqalasizinda entsha yezokuthutha nokuthuthukisa umsebenzi emachwebeni.

Abatshalimali abazimele sebefake ngaphezu kwangoR360 billion emisebenzini emisha yokuphehla ugesi ovuselelwayo. Yize kusanda kuqala kodwa sesibonile kufakwa ngaphezu kwangoR20bn ezinhlelweni ezintsha zamachweba nezitimela, kwiDurban Container Terminal namaguzu amasha.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/24/inkantolo-ichithe-izinkampani-ezivalwe-yitransnet-ukusebenza-nayo/

Ukuvuselela ukusebenzisana kusho ushintsho olukhulu. Siloku sigxile ekulungiseni okonakele. Loko kubala izinguquko ezinqala nokushintsha indlela ingqalasizinda yethu esetshenziswa ngayo, ikakhulu ekagesi neyezokuthutha.

Kuthinta kakhulu nezobulungisa okusize ukuthi siphume ohlwini okufakwa kulo amazwe angenamithetho eqinile yokulwa nobushokobezi nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force.

Uhulumeni wenze umsebenzi omuhle ukushintsha isimo sezimali ebesisimbi kakhulu kwaze kwafika lapho sikhushulwa khona endleleni ebesikleliswe ngayo yizinkampani ezibuyekeza indlela amazwe aphatha imali ngayo.

Asicacise ukuthi usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuqikelela ukuthi izinguquko ziphothulwa kahle (okufaka ukuhlukanisa inkampani yokusabalalisa ugesi, ukuthulwa iSA Wholesale Electricity Market neTransport Economic Regulator) kodwa imiphumela isiyabonakala. Sekuphelile ukucinywa kukagesi futhi izinto ziphucukile emachwebeni nasezitimeleni. 

URamaphosa uthule isigaba sesithathu sokubambisana kukahulumeni namabhizinisi

Kodwa lezi yizinto ezizosiza ukukhulisa umnotho, akupheleli kuzona. Sekuyisikhathi sokugxila ekukhuliseni umnotho manje. Njengoba umengameli eshilo ngesonto elidlule, indlela yokuhlola ukuthi izinguquko ziyasebenza yini akusona isibalo semigomo ethuliwe noma eshintshiwe kodwa amathuba ewalethayo.

Siyazibona izinto eziqala ukwenzeka emnothweni futhi siyayibona inqubekelaphambili eyenzekayo ekulungiseni ingqalasizinda engasebenzi. Yinde le ndlela kodwa siyawabona amathuba aqhamukayo.

Njengoba eshilo uGore ngesikhathi kwethulwa isigaba sesithathu ukuthi lobu budlelwano bungawukhulisa umnotho ngo-3%, okuyikona okudingekayo ukuxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi esinayo, isikhathi okufanele isibalo semisebenzi sibengaphezu kwesibalo sabantu abadinga ukuqashwa. Loku kuncike ezigabeni ezintathu. Esokuqala, ukuphothula izinguquko ezidingekayo ezimbonini ezizokhulisa umnotho, ekagesi neyezokuthutha.

Okwesibili, ukugxila ezimbonini ezimbalwa iNingizimu Afrika ekwazi ukuncitisana namazwe omhlaba kuzona ezingakwazi ukwakha inqwaba yamathuba emisebenzi, okuyizimayini, ezolimo, ezokuvakasha nezengqalasizinda.

Okwesithathu, ukugxila kwezinye izinto ezinesandla ekuheheni nasekuxosheni abatshalimali – ubugebengu, inkohlakalo, ubufakazi bokuthi iNingizimu Afrika izivulile izandla ukwamukela osomabhizinisi nedolobha laseGoli.

Ukusebenza kwalesi sigaba kuncike kwimiphumela. Isibalo sezivakashi zakwamanye amazwe, imithamo yomkhiqizo wezolimo edayiselwa amanye amazwe, imithamo yemikhiqizo yokumbiwayo, imisebenzi emisha yokwakha nokukhula komnotho. Loku kukhula kufanele kuhambisane nemisebenzi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/06/izinhlelo-ze-operation-vulindlela-zihamba-ngononina/

Ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani yizinkinga esezibeyisimbelambela ezweni lethu. Kodwa siyazi ukuthi uma sisebenzisana, singazuza izinto ezinkulu. Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo kwabanye emhlabeni bokuthi kungabanjiswana kanjani.

Imvamisa, iyangikhathaza indlela izinguquko eziqhubeka ngayo kodwa ngesonto elidlule, kubeyithuba lokuthi umuntu abuyekeze ukuthi sesikhathule indima engakanani nethuba elikhona.

Umsebenzi onzima uqala manje. I-BLSA izobamba iqhaza ezimbonini ezimbalwa ifuna imiphumela. Sonke kufanele sisebenzele ukukhulisa umnotho ngokungaphezu kwango-3%. Imisebenzi edingekayo eNingizimu Afrika incike kuloko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page