IBhange lomBuso lishiye izingqapheli zikhexile lingayikhuphuli imalimboleko
WUBONISWA MOHALE
IBHANGE lomBuso limangaze izingqapheli zomnotho limemezela izolo ukuthi imalimboleko liyigcina ku-7%, nakuba amandla emali enyukile esuka ku-4,5% ngoMeyi, abaya ku-5% ngenyanga edlule.
IBhange lomBuso lizibekele ukuthi amandla emali kufanele abewu-3% noma enye esinye isibalo esingekho kude kakhulu naso.
Enye sezingqapheli, isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe siyaqala ngqa ukushaya eceleni ngemalimboleko sithi iBhange lomBuso lizonyusa bese lingayinyusi.
Uthe: “Ngiyaqala ngqa ukuqagula okuphambene nesinqumo esenziwa yiBhange lomBuso seloku ngaba khona. Bengilindele ukuthi linyuse imalimboleko ngoba phela isikali elizibekele sona siwu-3%. Sibonile emhlanganweni odlule amandla emali ewu-4,5% linyusa imalimboleko ifinyelela ku-7%, manje amandla emali asewu-5% (kodwa) aliyinyusi imalimboleko?”

UDumisa uthi umangele iBhange lomBuso lingayikhuphuli imalimboleko
IBhange lomBuso livame ukuthatha izinqumo elithi zivikela abantu baseNingizimu Afrika ngokunyusa imalimboleko uma kunyuka amandla emali kodwa izolo umphathi waleli bhange uMnu uLesetja Kganyago uthe akukho obekuphoqa ukuthi banyuse imalimboleko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/23/izonyuka-nakanjani-imalimboleko-izingqapheli-zomnotho/
“Sibheke isimo esikhona manje sokuthi amanani kawoyela ehlile uma siqhathanisa nangokudlule. Ukukhuphuka kwamandla emali nako akukho kude kakhulu nesikali esizibekele sona. Sizosiqapha isimo bese sithatha isinqumo esifanele emhlanganweni wethu wangoSepthemba,” kusho yena.
Uthe yize iMelika iqale phansi ukuhlasela i-Iran kodwa ingozi ayikabinkulu ukuthi sebenganyusa imalimboleko. Ubalule nokuthi balindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1,1% kulo nyaka, ukhule ngo-1,2% ngonyaka ozayo bese ukhula ngo-2,0% ngo-2028.
Isikhulu esiphezulu seFNB uNkk uLytania Johnson sithe ukunganyuki kwemalimboleko kusho ukuthi inzalo ekhokhwa abanezikweletu izohlala ku-10,5%.
“Isinqumo sokungashintshi kwemalimboleko sizolekelela abantu namabhizinisi njengoba kunezinselelo emnothweni. Yize imizi eminingi idonsa kanzima kodwa ukunganyuki kwemalimboleko kuzosiza abantu bamabhizinisi ukuthi benze izinqumo zesikhathi eside ngoba bazi ukuthi bazosala nemali engakanani emva kokufeza izidingo,” kusho yena.
Umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions uNksz uZanele Sabela uthe bayakuthakasela ukunganyuki kwemalimboleko.
“Siyasithakasela isinqumo seBhange lomBuso elivamise ukunyusa imalimboleko uma eke anyuka kancane nje amandla emali. Ukunyusa imalimboleko bekuzonswinya izisebenzi njengoba umnotho ungakhuli kahle.
“Sibonile ukuthi imali yokugibela nekaphethroli inyukile ngenxa yokunyuka kwamanani kawoyela nemalimboleko ngokudlule. (Sinxusa) ukuthi uma esehla amandla emali nemalimboleko yehle ngesikali esizokwenza umehluko kwizisebenzi nakubantu,” kusho yena.

