Abaqashi abangadluliseli imali abayibamba emholweni wezisebenzi ezikhwameni zempesheni sebezoboshwa. Isithombe: yiMagnific

Abaqashi abawu-6 064 abagodle imali yempesheni bazoshushiswa

WUBONISWA MOHALE

KUZOSHUBA kubaqashi abangayidluliseli ezikhwameni ezifanele imali yomhlalaphansi yezisebenzi yize beyibamba emholweni wazo njengoba umlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) esesebenzisana noPhiko lokuShushisa ukuqinisekisa ukuthi akudlalwa ngemali yazo yomhlalaphansi.

Kulo nyaka iFSCA ishicilele amagama ezinkampani eziwu-6 064 eziphula umthetho olawula ukuphatha imali yezimpesheni i-Pension Funds Act. Kulaba baqashi akuyona nje imboni ezimele kodwa kukhona nomasipala. Imininingwane ngabo bonke itholakala kwi-website yeFSCA ethi www.fsca.co.za.

I-FSCA inqume ukuthatha izinyathelo zomthetho ukuqinisekisa ukuthi abaqashi bafaka imali yomhlalaphansi ezikhwameni ezifanele.

Ithe: “Sithola ukuthi abaqashi abakhokhi ngesikhathi imali yomhlalaphansi, okusho ukuthi izisebenzi zilahlekelwa yinzalo obekufanele ziyithole. Sifuna bakhokhe nemali yenzalo ngoba isinyuke ngoR1,04 billion yabawuR8,33bn.

“Siyaqonda ukuthi abaqashi banezinselelo zemali emnothweni ongenzi kahle kodwa okwenza baphule umthetho wezimpesheni wukuthi bayayibamba imali yempesheni emholweni wesisebenzi bese bengayidluliseli esikhwameni esifanele. Kulapho umthetho kufanele usebenze khona,” kuqhuba yona.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/07/impesheni-yezisebenzi-zomasipala-nonogada-isengozini/

Le mali ewuR8,33bn eyezisebenzi eziwu-600 000 ezingamalungu ezikhwama zempesheni ezihlukene. NgoLwesihlanu ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe ePhalamende esinye sezizathu zokubamba isabelo somasipala wukuthi bakweleta izisebenzi imali yazo yempesheni ewuR1,7bn.

Uthe omunye umbandela wokudedela imali ebanjiwe wukuthi bakhokhele izisebenzi imali yazo yempesheni futhi baveze nobufakazi baloku.

Yize kunabaqashi abawu-16 556 abangayikhokhi kahle imali yempesheni yezisebenzi kodwa iFSCA ithi ukhona umehluko njengoba abawu-200 ababesohlwini lokungakhokhi kahle sebesukile kulo, sebelandela umthetho.

Umkhulumeli womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions uNksz uZanele Sabela uthe kuyabadina ukuthi namanje kusenabaqashi abangayifaki ngesikhathi imali yempesheni abayibamba emholweni wezisebenzi.

“Isibalo sabaqashi abangayifaki ngesikhathi imali esikhwameni sempesheni sinyukile sisuka ku-15 521, saya ku-16 556 ekupheleni kwangoFebhuwari walo nyaka. Kuyasidina ukuthi izisebenzi zilahlekelwa yinzalo ekubeni abaqashi beyibamba imali emholweni wazo. Okusicika kakhulu wukuthi nomasipala babalwa kubaqashi abangakhokhi ngesikhathi imali abayibamba emholweni wezisebenzi,” kusho yena.

Uthe bayakuthakasela ukuthi kunezinyathelo iFSCA ezithathayo noGodongwana njengoba eyibambile imali yomasipala abathintekayo.

“NgoLwesine besihambise uhlu lwezikhalo emaHhovisi omGcinimafa nenyunyana engaphansi kwethu iSouth African Municipal Workers Union ngoba sikhathele ukuthi imali yempesheni yezisebenzi ingayi ezikhwameni ezifanele. Asifuni ukuthi izisebenzi zihluphekele ukungaphathi kahle imali komasipala nasembonini ezimele.

“Kufanele siqhubeke nokuqina isandla futhi abangawulandeli umthetho bakhokhiswe ngenkani noma babhadle ejele,” kusho uNksz uSabela.

Uphethe ngokuthi ngeke besagcina ngokumasha kodwa sebezoqoqa imininingwane yazo zonke izisebenzi ezigetshengwa imali yazo yempesheni ngabaqashi abangayidluliseli ezikhwameni zempesheni imali yazo ukuze bavule amacala futhi bashushiswe ukuqinisekisa ukuthi izisebenzi zithola imali yazo yempesheni ihamba nenzalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page