Intokazi eyayisaba izinkukhu isewumfuyi wazo ovelele
WUTHOBILE ZWANE
UMA wawungatshela umfuyi wezinkukhu waseLimpopo kuqala ukuthi ngelinye ilanga uyobangomunye wabafuyi bezinkukhu abavelele esifundazweni wayeyokuhleka. Phela wayezisabisa okwenyoka izinkukhu.
Namuhla uNksz uCamilla Ndhlovu, waseNkonkowa, eTzaneen, usewumnikazi we-Oak Farm, ipulazi elingamahektha awu-29.9, lapho efuya khona izinkukhu eziwu-40 000. Le ntokazi eneminyaka ewu-35 yaqala ukuzifuya ngo-2022.
Ngokubambisana nenkampani iBush Valley Chickens, usekhulise ibhizinisi lakhe ukuze lifinyelele ezinkukhwini eziwu-140 000. Usifiso sakhe esikhulu wukukhiqiza izinkukhu eziwu-1 million.
Uthi esemncane wayazi into eyodwa kuphela. Wayefuna ukwakha ifa elizoshintsha impilo yakhe neyabanye abantu. Uthi: “Ngangingazi ukuthi ngizokwenza liphi ibhizinisi, kodwa ngangazi ukuthi ngifuna ukwenza into ezohlala isikhathi eside. Into engangingayicabangi wukuthi ngizogcina sengifuya izinkukhu ngoba ngangizisaba,”

Amanye amachwane e-Oak Farm
Nakuba afundela ubuthisha e-University of South Africa, ngoba unina wayefisa ukuthi abenomsebenzi oqondile, inhliziyo yakhe yagcina imholele ekufuyeni izinkukhu.
Waqala ngokufuya izinkukhu eziwu-300 kubo nomalume wakhe. Kusukela lapho uthe waqala ukufisa ngezifiso ezinkulu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/19/umfuyi-ulandela-igama-lakhe-lobubhunu/
Nokho indlela yakhe ayibangalula. Uthe ngaphambi kokuthola usizo lwezimali kwafanele aqale athole umhlaba. Uthi wake wahamba amakhilomitha acishe afike kwawu-30 efuna ipulazi elifanele. Eselitholile, kwadingeka ukuthi enze isiqiniseko sokuthi ibhange liyakholwa ukuthi unalo ulwazi futhi uzophumelela ukufuya.

UNksz uNdhlovu uziphatha ngothando izinkukhu zakhe
“Angizalelwanga epulazini futhi angizange ngilithole njengefa. Ngaqala ngokuya ebhange ngiyobuza ukuthi yini okufanele ngiyenze ukuze ngithole ukusizakala. Ngacwaninga, ngagcwalisa wonke amaphepha adingekayo, ngafuna ipulazi kwaze kwaba yilapho ibhange lingithemba khona.”
Uthi kwakunezinsuku lapho ayezizwa sengathi akufanele abekulo mkhakha kodwa uthi akazange avumele ukwesaba kumvimbe.
“Kwafanele ngilwele wonke amathuba. Kwakubakhona izikhathi lapho ngizizwa ngingeyilutho kodwa angizange ngidikibale. Kimina ukufuya kuwubizo,” kusho yena.
Namuhla i-Oak Farm ikhulisa izinkukhu ngaphansi kwesivumelwano neBush Valley Chickens, enye yezinkampani ezinkulu ezikhiqiza izinkukhu eLimpopo.
Ngaphandle kokukhulisa ibhizinisi, uNksz uNdhlovu ukhathazeke ngekusasa lentsha. Uthi abantu abaningi basacabanga ukuthi ukufuya kusho ukusebenza epulazini kuphela.
“Ukufuya kunamathuba amaningi. Kukhona ezobuchwepheshe, ubunjiniyela, ezokumaketha, ezezimali, ezokuthutha nokwenza ibhizinisi. Lona wumkhakha ongakha umcebo, udale amathuba emisebenzi futhi usize ukondla izwe,” kusho yena.
I-Oak Farm isiqashe izisebenzi eziyisishiyagalombili ngokugcwele nezinhlanu eziyitoho. Uthi lokhu kumenza aziqhenye ngoba akagcini ngokuziphilisa kodwa usiza neminye imindeni. “Ngifuna intsha ibone ukuthi ukufuya akuyona into yabantu abadala neyakudala. Yibhizinisi lekusasa.”
UNksz uNdhlovu uthi amathuba akhona eNingizimu Afrika kodwa kudingeka intsha iphume iyowafuna. “Uma sifuna ukulwa nokuntuleka kwemisebenzi kufanele sisebenzise amathuba akhona futhi singesabi ukuqala,” kululeka yena.
Kwabafisa ukusungula ibhizinisi, ubacebisa ngokuthi ucwaningo lubalulekile futhi lenza ibhizinisi limpumelele. “Ungaqali ibhizinisi ungazi ukuthi uzodayisela bani. Qinisekisa ukuthi imakethe ikhona ngaphambi kokuqala futhi funa ukucijwa, wakhe ubudlelwano nabantu abasemkhakheni, ubhale phansi ngezinhlelo onazo ngebhizinisi futhi ungakhathali ukufaka izicelo lapho okunamathuba khona,” kusho yena.
Ufisa ukukhulisa ibhizinisi lakhe libengelinye lamakhulu eNingizimu Afrika, lidale amathuba emisebenzi amaningi futhi likhuthaze intsha nabesifazane ukuthi bangene emkhakheni wokufuya.
Facebook: Camilla Ndhlovu
Instagram: @camillandhlovu

