Kuyadumaza ukuthi undunankulu waseGauteng uMnu uPanyaza Lesufi nemeya yaseGoli uMnu uDada Morero abazihluphanga ngokuphendula incwadi yeBusiness Leadership South Africa efisa ukubasiza. Isithombe: Sithunyelwe

Umasipala waseGoli awuswele. Inkinga wukuthi awuphethwe kahle, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uhlanganile ukubhunga ngocwaningo obelubheka isimo sedolobha laseGoli, oluthulwe wuNks uLael Bethlehem weGenesis Analytics. Imiphumela ishaqise kakhulu.

Eminyakeni eyishumi edlule, okuyisikhathi lapho lo mkhandlu ushintshe khona izimeya eziyisishiyagalombili ngenxa yokubamapeketwane kwezombusazwe, ukuhlinzeka ngezidingo kuwile, amaqembu ezigebengu obuhleliwe asengenise kakhulu kanti nokungenisa imali kwehlile.

Ayingimangazanga imiphumela kodwa ngimangazwe wukujula kwezinkinga. Ngenxa yokubona lezi zinselelo ezibhekene neGoli, ngibhalele undunankulu wesifundazwe uMnu uPanyaza Lesufi ukubheka ukuthi iyiphi indlela amabhizinisi angalekelela ngayo ukuxazulula lezi zinkinga.

Idolobha laseGoli libaluleke kakhulu emnothweni wezwe. Liyikomkhulu ezinkampani zaseNingizimu Afrika eziwu-70% futhi umkhiqizo womnotho owu-16% uqhamuka kulona. Libalulekile embonini yezimali, ezohwebo, izitolo nezokuthutha izimpahla. Uma kubheda izinto eGoli, kuyazwela emnothweni wonke. Amabhizinisi ayibeke eqhulwini indaba yaleli dolobha futhi kulula ukubona ukuthi kungani.

Ngeshwa, akubanga ngisho ukusho ukuthi incwadi yami ifikile, ingasaphathwa eyokuyiphendula. I-Business Unity South Africa ibhalele imeya yaseGoli uMnu uDada Morero, naleyo mizamo ayithelanga zithelo. Ukuthula nje kanjalo akumukelekile.

Ngivamile ukusho ukuthi uma osomabhizinisi nohulumeni besebenzisana bakwazi ukushintsha izinto ezinkulu, ukusimama kukagesi nokuphucuka kwezokuthutha yizona zinto ezibonakalayo zale miphumela. Kufanele senze kanjalo nangodaba lwaseGoli.

Kodwa ukuze senze njalo, sidinga umuntu othembekile kuhulumeni esizosebenzisana naye, osopolitiki nezikhulu abawaziyo umsebenzi abafisa ukuphucula izinto. Asikwazi ukusebenzisana nabangene shi ezinhlakeni ezinenkohlakalo noma abangazimisele ukwenza imizamo yokushintsha izinto.

Ucwaningo lweGenesis Analytics lucacisa ukuthi kungani le nselelo ijule kangaka. IGoli alishodi ngezinsizakusebenza. Empeleni yilona elisebenzisa imali enkulu kakhulu ngomuntu eyedwa kuneminye imikhandlu emikhulu, njengoba lisebenzisa uR18 200 ngesakhamuzi esisodwa uma kuqhathaniswa neCape Town esebenzisa u-R14 230. Yilona futhi elinesibalo esikhulu kakhulu sezisebenzi zikamasipala njengoba ziwu-8,5 ezibheka abahlali abawu-1 000 kanti eCape Town bayisikhombisa, kuthi Ekurhuleni babewu-5,6.

Yize kusetshenziswa le mali futhi kukhona lezi zisebenzi, leli dolobha lilahlekelwa amanzi amaningi ngenxa yezindawo ezivuzayo nantshontshwayo, angaphezu kwadayiswa yiCape Town. Liyahluleka ukukhokhisa abantu ugesi owu-21% eliwuthenga e-Eskom, okungenxa yokuxhunywa kwezinyokanyoka nokucupha amamitha.

Uma kungalungiswa loku kukodwa nje, inkinga yemali ingacishe ixazululeke. Inkinga akuzona izinsizakusebenza kodwa wukugwamandwa kwamandla ombuso.

Ucwaningo lukaNks uBethlehem luveza ukuthi amaqembu amaqola angene shi ezinhlelweni zokuthenga izimpahla, isabelomali nendlela okuqashwa abantu ngayo, ayazitamuzela ngapha nangapha. Yiloku kanye okwawisa i-Eskom futhi isifundo ngokushintsha kwezinto e-Eskom sicacile. Uma ungakalwi nenkohlakalo, ngeke uzishintshe izinto.

Idolobha laseGoli lidinga imizamo yamaphoyisa eqondene nalo ngqo, izinhlaka ezizosebenzisana nokhomishana wamaPhoyisa nomqondisi woPhiko lokuShushisa eZweni ukuphenya nokushushisa amaqembu amasela emkhandlwini. Yileso isinyathelo sokuqala.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/25/imikhandlu-emikhulu-ibeka-umnotho-engozini/

IGoli alihlwempu; wukuthi aliphethwe kahle. Ukulungisa loko kudinga ukusimamisa ubuholi futhi kubewubuholi obuqotho, obugxile ekuqedeni amaqembu ezigelekeqe, kuvuselelwe amanzi nogesi futhi kubenohlelo olucacile lokulungisa isimo sezimali. Kungenzeka.

Sibonile izikhungo ezinkulu zishintsha izinto e-Eskom naseSouth African Revenue Service. Zombili zazibukeka sengathi ngeke zisashintsha kwaze kwabe ziyalungiswa. Isike yakhona inkinga eGoli futhi yalungiseka. Amabhizinisi akulungele ukuseka imizamo yokushintsha izinto. Esikudingayo manje wuhulumeni ozimisele ukubambisana nathi.

Kolunye udaba: mayelana nemibhikisho ebihlelwe izolo. Abantu banelungelo lokubhikisha futhi ngiyalihlonipha lelo lungelo. Kodwa imisebenzi namathuba ababhikishayo abawufunayo azoqhamuka ngokuthi kukhule umnotho kanti ukukhula komnotho kuncike ekusimameni nasethembeni labatshalimali okuwukuthi kuyaphazamiseka uma kubanodlame futhi kucekelwa phansi impahla.

Ukulungisa iGoli nokwenzeka nezinye izinguquko ezinqala yinto efanayo: umnotho ohamba kahle yiwona ovula amathuba adingwa ngabantu baseNingizimu Afrika. Abanodlame futhi bacekele phansi izimpahla bahlehlisela emuva yona kanye le mizamo ezosiza abantu abathi babamele. Imibhikisho kufanele ihambe ngokuthula.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page