Ukhetho lomasipala oluzayo luzozala oholumeni bobambiswano, kuloba uJabulani Sikhakhane
UKHETHO lomasipala ngoNovemba luzoba ngolubaluleke kakhulu emlandweni wezwe kusuka ngo-1994. Isizathu saloku yisimo sezimali somasipala baseNingizimu Afrika esintengayo nokuhluleka kwabo ukumelana nezidingo zemiphakathi. Akukacaci ukuthi sizolungiswa kanjani lesi simo.
Omasipala abaningi abanawo amandla, ikakhulu izisebenzi ezimakhono namava, omsebenzi okudingeka wenziwe ukuvuselela ukusebenza kwabo.
Kunenkinga futhi ngabantu abangenela ukhetho ukuze bakhe imikhandlu. Akubona abantu abanolwazi lomsebenzi wokuphatha le mikhandlu.
Phezu kwaloku, amalungu ale mikhandlu nezikhulu zomasipala basebenzela izisu zabo ngokuzitapela ezimalini zomasipala. Izisebenzi, ikakhulu ezingamalungu ezinyunyana, nazo azizibekile phansi. Sekuneminyaka zicindezela omasipala ukuthi bakhokhe imiholo ephezulu, kwezinye izinkathi edlula amandla omasipala.
Imiphumela yakho konke loku ukuhluleka komasipala ukumelana nezidingo zemiphakathi. Ugesi namanzi akutholakali ngaso sonke isikhathi ngenxa yokuthi sekuyiminyaka eminingi omasipala behluleka ukuvuselela ingqalasizinda kagesi neyamanzi.
Sezigugile iziteshi zikagesi eziningi eziletha amandla kagesi ukuze asetshenziswe yizakhamuzi. Yingakho ziquleka mihla namalanga. Amapayipi athwala amanzi nawo asehanjelwe yiminyaka, okwenza omasipala balahlekelwe ingxenye enkulu yamanzi ngenxa yokuqhuma kwamapayipi.
Ngenxa yesimo sezimali, kuvamile ukuthi ezindaweni eziningi amapayipi aqhumile athathe eside isikhathi ukulungiswa.
Konke loku kukhombisa isimo sezimali somasipala, imininingwane yaso ekhishwe wumGinimafa njalo emva kwezinyanga ezintathu.
Inkinga enkulu ukuhluleka komasipala ukuqoqa izimali abazikweletwa yizakhamuzi. Imininingwane ekhishwe wumGcinimafa kuleli sonto ikhomba ukuthi imali ekweletwa omasipala isinyuke yafinyelela kuR484 billion ekupheleni kwangoMashi wangalo nyaka, okuyisamba esiphindwe kane kunesesikhathi esifanayo ngonyaka odlule (okuwuR108.6bn).
Ingxenye enkulu yalesi samba – uR339bn (uR66.9bn) – ikweletwa yizakhamuzi, kulandele amabhizinisi (uR105.3bn) nemikhakha ehlukene kahulumeni (uR28.5bn).
Cishe u-90% (wu-80%) walezi zikweletu yimali esinesikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu ingakhokhiwe.
Ukunyuka kwemali ekweletwa womasipala izakhamuzi kubuye kubeyinkomba yesimo somnotho wezwe, osekuneminyaka engaphezu kwewu-15 ukhula ngezinga elingenele izidingo zezwe.
FUNDA NALAPHA: Ukunyuka kwezindleko zokuphila kusincisha umoya – izisebenzi
Loku kubonakala ngokuncipha kwamathuba omsebenzi. Ngakolunye uhlangothi izindleko zempilo sezinyuke ngezinga eliphezulu. Intengo kagesi isinyuke ngokuphindwe kasikhombisa uma iqhathaniswa nezinga lokwehla kwamandla emali.
Konke loku sekwenze ukuthi izakhamuzi eziningi zingakwazi ukumela nezindleko zempilo.
Inani elikweletwa omasipala libuye libe yinkomba yokuthi omasipala abekho magange ukuqoqa lezimali, ikakhulukazi ngoba abezepolitiki besaba ukususa uthuthuva. Besaba ukuthi bangavukelwa umbhejazane izakhamuzi.
Ukwanda kwemali ekweletwa omasipala sekubenze basala bengenamandla okukhokha izikweletu zabo. Ekupheleni kwangoMashi bebekweleta uR148bn. Ingxenye enkulu yale mali (uR79.4bn) imali bayikweleta i-Eskom, kulandele eyamanzi (uR26.4bn).
Omasipala bathenga ugesi e-Eskom bese bewudayisela izakhamuzi namabhizinisi; namanzi ngokunjalo.
Imizamo yomGcinimafa yokukhuthaza omasipala ukuthi bakhokhe izikweletu zabo zikagesi ayibanga nampumelelo kangangokuthi i-Eskom isize walusukumela lolu daba ngokusebenzisa amandla omthetho. Usemkhankasweni wokuthi omasipala abawukweleta imali basayine isivumelwano esiyinika igunya lokuphatha ingxenye yomsebenzi wabo kagesi, ikakhul ukuwudayisa nokuqoqa imali.
Kwenzeka konke loku nje imiholo yezisebenzi zikamasipala namalungu emikhandlu isinyuke ngo-104% kusukela ngo-2015/16, isuka kuR84,2bn yaya kuR172,2bn.
Ukunyuka kwemiholo sekususe umsindo, ikakhulu eGoli lapho umasipala wakhona kusanda kuvela ukuthi usayine isivumelwano nezinyunyana esizokwenyusa imiholo ngoR10bn, nakuba lo masipala ungenayo imali yokumelana nezindleko zawo. Usenqunyelwe ugwayi katiki yi-Eskom ngesamba semali ohluleka ukusikhokha.
Umbiko womGcinimafa wango-2024 ocwaninga ngesimo sezimali somasipala waveza ukuthi bayanda omasipala abahluleka wukumelana nezindleko zokukhokha ingxenye yomqashi yesikhwama sempesheni neye-medical aid.
Lo mbiko wabika ukuthi abaholi bezepolitiki abathatha izintambo komasipala emva kokhekho lwango-2021 abakenzi mehluko otheni ekusebenzeni komasipala. Wabika nokuthi kunokuklwebhana kwizigungu zomasipala komasipala abakhulu lapho amaqembu epolitiki ephethe ngokubambisana.
Lo mbiko awuniki ithemba ngekusasa lomasipala njengoba kunemibono yokuthi akukho qembu olindeleke ukuthi lithole amavoti anele ukuphatha lodwa emadolobheni amakhulu.
Loku kusho ukuthi sisazoqhubeka isidingo sokuthi amaqembu epolitiki axoxisane namanye ukuze kwakhiwe oholumeni bokubambisana.


