UMnu uPhilani Zwane, umsunguli weP’s Potato Chips yase-Orange Farm, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ukuvikela izingane zakubo ekufeni sekuyibhizinisi

WUTHOBILE ZWANE

KWESINYE isikhathi ukudlula entweni ekuphathe kabi kuyishintsha unomphela impilo yomuntu. Kwabanjalo kwinsizwa yase-Orange Farm, eGauteng, ngemva kokugulelwa wumuntu wakubo amkhonzile ngemva kokudla ama-chips angalungile. Leso sigameko samnika umqondo webhizinisi owashintsha impilo yakhe.

UMnu uPhilani Zwane, oneminyaka ewu-25, wasungula iP’s Potato Chips ngo-2022 ngenxa yesigameko esithinta amantombazane akubo ayefunda amabanga aphansi.

Uneziqu i-National Diploma in Business Management zaseSedibeng TVET College nesitifiketi se-New Venture Creation asithola ohlelweni i-Wakanda Food Accelerator, uhlelo oluqeqesha amabhizinisi asemkhakheni wokudla.

Uthe lezi zingane zathenga ama-chips esitolo sabantu bokufika, zawadla kodwa enye yagula ngenxa yalawo ama-chips.

“Ngenhlanhla ingane ayifanga. Yaya esibhedlela, kwatholakala ukuthi yinto eyayidlile. Yathola usizo, yase ilulama. (Ngiwumnewabo) ngabona ukuthi ngibenzele ama-chips, bangabebesawathenga ngaphandle. Ngaqala lapho, ngawenza ayiloko engifisa abeyiko. Ngaliqala leli bhizinisi nginemali engangoR1 000,” kulanda yena.

Uthi enza ucwaningo, wathola ukuthi akekho umuntu owenza lolu hlobo lwama-chips. Wabona ithuba lokuthi abengowokuqala, ikakhulu omnyama kuleli lokishi eliseningizimu yaseGoli.

Namuhla wenza izinhlobo ezihlukene zama-chips, okubalwa i-paprika, i-chutney,i-pepper ne-salt & vinegar. Iphakethe elilodwa ulidayisa uR25 kodwa uyawadayisa ngama-combo bese ikhasimende lithola isaphulelo.

Ama-chips aseP’s Potato Chip esenziwa

FUNDA NALAPHA: Benza oncamnce abathinta abantu abamnyama emanonini

Uthi okwamanje umkhiqizo wakhe utholakala eGauteng kodwa bayakwazi ukuwuposa noma yikuphi eNingizimu Afrika. I-P’s Potato Chips isiqashe izisebenzi ezintathu ngokugcwele nezimbili zetoho.

Ekhuluma ngezinselelo zaleli bhizinisi, uZwane uthi imithetho yebhizinisi isamkhinyabeza njengoba ibhizinisi lakhe lisakhula. “Yize izinsiza zokusebenza nginazo, indawo engisebenzela kuyo ayingivumeli ukuthi ngikhiqize ngendlela engifisa ngayo. Ukukhiqiza kusahamba kancane kanti nezokuthutha ziseyinselelo,” kusho uZwane.

Indlela ekupakishwa ngayo umkhiqizo weP’s Potato Chips ihluke kuneyabanye. “Uma ubheka abanye engincintisana nabo, umkhiqizo wami uhlukile. Uma usuvule iphakethe, uyakwazi ukuphinda uvale ngaphandle kokusebenzisa i-peg, okuyinto engatholakali kwabanye.”

Ecebisa abafuna ukusungula ibhizinisi, uthi: “Into engihlale ngiyisho wukuthi eNingizimu Afrika sinenkinga yokushoda kwemisebenzi kodwa futhi sinezifundiswa eziningi ezihleli emakhaya. Ukuze siguqule loku kufanele siqale amabhizinisi. Noma yini oyicabangayo, yenze.

“Abantu abaningi namabhizinisi amaningi abawacabangayo amahle kodwa bayasaba ukuqala. Uma usuqalile, izinto ziyazenzakalela futhi uthola abantu abazokuseka nosizo lukahulumeni,” kuphetha uZwane.

Facebook: P’s Potato Chips

Instagram: @ps_potato_chips

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page