Akuqine isandla ukuvala abangagunyaziwe ukululeka ngemali – abeluleki
YINTATHELI YOMBELE
USOSESHINI wabaluleka ngezikweletu eNingizimu Afrika iNatioal Debt Counselling Association (iNDCA) ufuna kuchitshiyelwe umthetho wezikweletu i-National Credit Act, ukuze kungabikhona abeluleki abangagunyaziwe kule mboni.
Usihlalo weNDCA uNkk uRené Moonsamy uthe abaluleka ngezikweletu kufanele kubengabantu abathembekile abakwazi ukusiza abantu abacwile ezikweletini ukuphatha kahle imali yabo.
“Abaluleki bezikweletu kufanele babenencwadi ebagunyaza ukwenza lo msebenzi futhi esho ukuthi bavunyelwe ukusebenza eNingizimu Afrika. Sifuna loku kubeseqhulwini lwezichibiyelo njengoba uhulumeni ufuna ukuqinisa imithetho elawula imboni yezimali ngaphansi komthethosivivinywa i-Conduct of Financial Institutions (i-COFI) Bill,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/30/imali-ewur15-billion-yabantu-baseningizimu-afrika-ikhokhela-izikweletu-njalo-ngonyaka/
Uthe iziphakamiso zabo sebezithumele emNyangweni wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
“Iziphakamiso zethu zihambisana nomgomo wokuphatha kahle abantu futhi zizobavikela ngokuqinisekisa ukuthi kusebenza abantu abanegunya. Okokuqala esikuphakamisayo wukuthi abasebenza kule mboni babeneziqu ezihambisana nomsebenzi abawenzayo. Kufanele babeneminyaka yokufundela umsebenzi, babhale izivivinyo futhi kubengabantu abayikhokha kahle intela, abangakaze balahlwe yicala. Imvume yokusebenza kufanele ivuselelwe ukuze abantu bahlale bekufanele ukusebenza,” kusho yena.
Okwesibili abakuphazamisayo wukuthi abasebenza kule mboni bangabinamacala okukhwabanisa, ukungathembeki noma ukungaphathi kahle imali. Uthe kufanele bahlolwe ngaphambi kokuqashwa ukuthi abakaze balahlwe yicala nokuthi bayiphethe kahle yini imali kjuthi njalo ngonyaka babenesivivinyo esibheka ukuthi basakufanele ukwenza umsebenzi.
Okwesithathu wukuthi zonke izinkampani ezisebenza embonini yokululeka ngezikweletu kufanele zikwazi ukuphatha ngendlela, ukuqinisa ukuphepha kwemininingwane yabantu futhi zihlale zibuyekeza izinhlelo zokusebenza. Kufanele zibike isimo sazo sezimali njengoba umthetho ufuna kwenzeke.
Okwesine wukuthi kucace okulindeleke kumeluleki wezikweletu obhaliswe ngokusemthethweni, okulindeleke kosaqeqeshwa nakuzo zonke izisebenzi zale mboni, ikakhulu eziphethe izindaba zomshwalense.
Abeluleki bezikweletu abasaqeqeshwa kufanele basebenze ngaphansi kweso lomeluleki obhaliswe ngokumsethweni kuze kube bathola isitifiketi esiyimvume yokusebenza.
“Sikholwa wukuthi uma sisebenzisa iziphakamiso ze-COFI Bill embonini yokululeka ngezikweletu zonke izinkampani ezikuyona zizolazi izinga lokusebenza esililindele kuzona. Kuzoqinisekisa ukuthi abantu bayavikeleka futhi uma kukhona abangenzi kahle basheshe bajeze,” kusho uNkk uMoonsamy.
Uphethe ngokuthi abemboni yokululeka ngezikweletu kufanele babeke phambili izidingo zamakhasimende abo futhi bawaphathe kahle, bakhulume nawo ngaso sonke isikhathi futhi kubenendlela ecacile engenzeleli yokuxazulula izikhalo.

