Kuyavala ukwamukela amagama abazongenela ukhetho lomasipala
WUBONISWA MOHALE
KUYAVALA ngoLwesihlanu ukuqoka abazongenela ukhetho lomasipala olungoNovemba. Ikhomishini yokhetho i-Independent Electoral Commission (i-IEC) ithi amaqembu epolitiki nabantu abazongenela ukhetho ngokuzimela kufanele bathumele amagama abo ngezindlela ezaziwayo okuyi-online candidate nomination system (i-OCNS) noma bahambise imininingwane efanele emahhovisi ayo komasipala abazongenela ukhetho kubona.
Ithe yize igqugquzela ukuthi abangenela ukhetho bathumele imininingwane yabo kwi-OCNS kodwa iyaziqonda izinselelo ezihlukene abantu namaqembu epolitiki ababhekene nakho, ngakho likhona ithuba lokuthumela amagama abazongenela ukhetho ngesandla. Ukwamukela amagama kuzovala ngo-5 ntambama emahhovisi e-IEC nakwi-OCNS.
Ikhumbuze abazothumela amagama abangenela ukhetho ukuthi baqinisekise ukuthi konke bakuthumela ngesikhathi ngoba awekho amagama azomukelwa uma sekudlule isikhathi somnqamlajuqu kanti nakwi-OCNS ngeke kwenzeke lutho uma sekudlule isikhathi esinqunyiwe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/12/ikhomishini-yokhetho-isiqalile-ukubala-izinsuku-ngaphambi-kokhetho/
Uhlu lwabazongenela ukhetho luyoshicilelwa ngomhlaka-16 wangoSepthemba. Abazophumelela ukungenela ukhetho bazothola izitifiketi ezibagunyaza ukulungenela ngomhlaka-25.
Abangenela ukhetho kufanele baqinisekise ukuthi bayifakile imali ehambisana nokuthi bafuna ukukhethwa komasipala. Idiphozithi iyabuya uma ongenele ukhetho lokuba yikhansela le-proportional representative ethola isihlalo esisodwa noma ethola amavoti awu-10% kwiwadi. Ongaphumelelanga ukuthola amavoti adingekayo idiphozithi yakhe ayibuyi kodwa iya esikhwameni sezwe i-National Revenue Fund.
Abangenela ukhetho komasipala abakhulu kufanele bakhokhe idiphozithi ewuR4 700. Abangenela ukhetho lomasipala abakhudlwana bakhokha idiphozithi ewuR2 800 bese abangenela ukhetho komasipala besifunda bakhokhe idiphozithi ewuR1 800. Abangenela ukhetho ngokuzimela bakhokha idiphozithi ewuR1 800.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-IEC ivule i-OCNS ngomhlaka-21 wangoJuni ukuze abafisa ukungenela ukhetho basheshe baqoqe imininingwane edingekayo. Bebewu-119 abazongenela ukhetho ngokuzimela akade besebenzisa i-OCNS namaqembu epolitiki awu-111.


