Imithetho yomasipala ibalulekile ukulawula ukusebenza kwamabhizinisi amancane. Ukhetho lwangoNovemba yithuba lokubamba iqhaza ekubuyekezeni le mithetho. Isithombe: Sithunyelwe

Imithetho kamasipala ilawula ukusebenza kwabahwebi abancane

WUMA-AFRIKA BATYI

IMITHETHO kamasipala ineqhaza elikhulu kubadayisi, ikakhulu abasebenza emgwaqweni namabhizinisini amancane. Le mithetho ingavikela umphakathi kodwa futhi idale izithiyo kubantu abafuna ukuziphilisa.

Imithetho kamasipala, phecelezi ama-bylaw, yenziwa ukulawula imisebenzi engaphansi kohulumeni bendawo. Phakathi kokunye, ilawula ukudayisa emgwaqweni, ukusebenzisa izindawo zomphakathi, ukuhlinzeka ezempilo, ukuqoqa imfucuza, ukulawula izinga lomsindo, ukulungisa imigwaqo nokusebenza kwamabhizinisi ezindaweni ezohlala abantu ezinjengamadolobha namalokishi.

Le mithetho yomasipala isekelwe kwiSigaba 156 somThethosisekelo. Ngemva kokubhalwa yisigungu noma umkhandlu kamasipala, le mithetho iyashicilelwa ukuze izakhamuzi zizobeka imibono, bese ivotelwa ngamalungu omkhandlu kamasipala ngaphambi kokushicilelwa kumqulu wezimemezelo zikahulumeni wesifundazwe.

Kubadayisi abanamatafula izidingo ezifana nezimvume, izindawo zokudayisa nemithetho yezempilo zingenza kubenzima ukusebenza. Ngakolunye uhlangothi, umasipala unesibopho sokuqinisekisa ukuthi izindawo zokudayisa ziphephile, zihlanzekile futhi aziphazamisi abanye abantu.

Okubalulekile yindlela le mithetho egcinwa ngayo. Uma abanye abadayisi behlawuliswa noma besuswa ezindaweni zokuhweba kodwa abanye bavunyelwe ukusebenza kungaqubuka imibuzo ngokwenzelela nokungachemi.

Izakhamuzi zinethuba lokubanezwi kule mithetho ngokubamba iqhaza ezinhlelweni zomphakathi uma kwenziwa noma kubuyekezwa imithetho yomasipala. Ukhetho lohulumeni bendawo lubalulekile ngoba izakhamuzi zikhetha amakhansela athatha izinqumo ngemigomo nemithetho ethinta umphakathi.

Imithetho kamasipala yimithetho okufanele ilandelwe, nakuba ingathinta amathuba abantu okuziphilisa. Ukuqonda le mithetho, ukuqapha indlela egcinwa ngayo nokubamba iqhaza okhethweni nasemihlanganweni yomphakathi kungasiza ukuqinisekisa ukuthi imithetho iyasebenza, iyalingana futhi ihambisana nezidingo zomphakathi.

– Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: https://pondolandtimes.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page