Ibhodi ye-Innovate Durban inosihlalo omusha
INTATHELI YOMBELE
IBHODI ye-Innovate Durban isimemezele ukuthi isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry uNkk uPalesa Phili siqokwe ukuthi sibewusihlalo wayo.
UNkk uPhili uqokwe ngemva kweminyaka eyisithupha eyilungu lebhodi ye-Innovate Durban, lapho ebengomunye wabeluleki bale nkampani ngamaqhinga ebhizinisi, ubudlelwano nokufinyelela ezimakethe.
UNkk uPhili owuqweqwe lomholi wamabhizinisi uyilungu eliqavile leSouth African Institute of Directors nele-Association of South African Chambers.
Isitatimende sebhodi sithe: “(UNkk uPhili) ungena esikhundleni sikasihlalo enolwazi olujulile lomsebenzi we-Innovate Durban neqhaza layo lokweseka abantu abenza izinto ezintsha, osomabhizinisi nabanye abalingani. Siyambonga ngeqhaza lakhe kuze kubemanje kanti ukubawusihlalo kwakhe kwebhodi ye-Innovate Durban sikubheke ngabomvu.”
UNkk uPhili unamava okusebenza emikhakheni ehlukene okubalwa kuyona ezobuchwepheshe nokuxhumana, lapho esebenzele khona izikhondlakhondla zezinkampani ezinjenge-IBM, iHewlett Packard kanti wake wayinhloko yeVodacom Business KwaZulu-Natali nenhloko yeMTN Business eKZN.
Une-MBA yase-University of Johannesburg, i-Advanced Business Management Certificate yaseWits University ne-Diploma in Information Systems.

