UNksz u-Oratile Sibanyoni, umsunguli weNeoBin, inkampani eqoqa izibi yaseMamelodi, ePitoli, eGauteng. Izithombe: wuLorraine Mokhatla nesithunyelwe

Intokazi iyivulandlela ekuqoqeni zibi ngendlela yesimanje

WU-LORRAINE MOKHATLA

UKUKHULELA elokishini eMamelodi kwavula intokazi amehlo ngezinkinga eziningi zemvelo, ikakhulu ukulahla izibi budedengu, imigqomo echichimayo nokungaqoqwa kahle kwezibi.

Lezi zinselelo zemihla zabayisisekelo sokuthi uNksz u-Oratile asungule iNeoBin, ibhizinisi elinegalelo ekwakheni imiphakathi ehlanzekile nenempilo.

“I-NeoBin yasungulwa ngombono wokugqugquzela ukuvikela imvelo kube kukhuthazwa ukulahla zibi ngendlela efanele. Lo mqondo waqhamuka ngokubona ukuthi imigqomo ejwayelekile ivame ukuchichima, ingcolise izindawo zokuhlala futhi ingakhuthazi ukuphinda kusetshenziswe izinto. Bengifuna ukudala into engeke ixazulule lezi zinkinga kuphela kodwa ezokwenza ukuqoqa zibi ngendlela yesimanje futhi kangcono,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-21 nesanda kuphothula i-N6 kwi-Business Management.

Le nkampani iza nesixazululo sesimanje sokuphatha nokuhlunga izibi ngendlela ehlakaniphile, ngenhloso yokuthuthukisa indlela eziqoqwa ngayo. Okwenza iNeoBin ihluke kwamanye amabhizinisi asemkhakheni wokuqoqa izibi wukuthi ihlanganisa ubuchwepheshe nokunakekela ngemvelo.

UNksz uSibanyoni usungule iNeoBin, umgqomo wobuchwepheshe okwazi ukuhlukanisa izibi ngendlela efanele, ugcine nezinto ezingabuye zisetshenziswe zihlanzekile. Lo mgqomo unobuchwepheshe bokuzwa obukhombisayo uma usugcwele ukuze kugwenywe ukuchichima kwezibi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/12/17/ukuba-yiqhathanzipho-kumholele-ekusunguleni-ibhizinisi-lokuqoqa-izibi-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

I-NeoBin, umgqomo wezibi onobuchwepheshe bokuqoqa izibi

I-NeoBin isesigabeni sokuthuthukiswa, ngakho okwamanje ayikabinezisebenzi. Nokho uNksz uSibanyoni unezinjongo ezinkulu. Uhlose ukufaka ubuchwepheshe bokuzwa, ukuhlukanisa izibi ngokuzenzakalela nezinto ezisebenza ngogesi welanga.

Ezinhlelweni zakhe kubalwa ukuthuthukisa imifanekiso yokusebenza ephelele, ukuxhaswa, ukubambisana nomasipala, izikole, izibhedlela nezinhlangano ezizimele nokwakha amathuba omsebenzi entsheni.

Uhambo lukaSibanyoni kwezamabhizinisi belungelula. Njengabasunguli abaningi abasebasha, waqala enombono kuphela nesifiso sokwenza umehluko. Ngocwaningo, ukuzimisela nokululekwa abeluleki, wawucija lo mqondo wawuphendula wayibhizinisi.

Uhambo lwakhe lwafinyelela esigabeni esibalulekile ngesikhathi engenela i-Allan Gray Makers Entrepreneurship Challenge. I-NeoBin yadla umhlangansio ezweni esigabeni se-Business Idea ngo-2025. Loku kwamqinisa idolo lokuthi abantu abasha banamandla okuqhamuka nezixazululo ezinomphumela omuhle emphakathini.

“Okwamanje iNeoBin isesigabeni sokuthuthukiswa. Nakuba ingakadayiswa ngokuphelele emakethe kodwa mkhulu umsebenzi wocwaningo namathuba okuxhumana nabanye nokuyithuthukisa ngokugcwele.

“Impumelelo emncintiswaneni nemibono yabanye abantu kungikhuthaze ukuthi ngiqhubeke nokuthuthukisa lo mqondo nokubheka amathuba okubambisana nabanye abantu nokuthola ukuxhaswa,” kuphetha uNksz uSibanyoni.

Intagram: @neobinrecyles

Lolu daba luqale lwashicilelwa kwi: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page