Kuleli sonto into enkulu ezobhekwa ngamehlo abomvu kuzobayizibalo zomkhiqizo. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzobhekwa izibalo zomkhiqizo ngabomvu kuleli sonto

YINTATHELI YOMBELE

UMA kubhekwa izimakethe zasekhaya kuthanda ukuthuleka kuleli sonto, ngaphandle kwezibalo zomkhiqizo ezizodonsa amehlo.

Izibalo zangoMeyi zizokhombisa ukuthi amanani kawoyela nobudlelwano bamazwe omhlaba kuwaphathe kanjani amabhizinisi.  

Ucwaningo lukhombisa ukuthi kungenzeka ukuthi ezinye izinkampani zithenge kakhulu futhi zithengela ukubeka enqolobaneni ekuqaleni konyaka ukulungiselela ukukhuphuka kwamanani nokuphazamiseka kokutholakala kwezimpahla.

Uma kunjalo, kusho ukuthi loko kuzobonakala ngezibalo zangoMeyi nezangoJuni, okungenzeka zibenomphumela wokwehlisa umkhiqizo. Lezi zibalo zizokhombisa ukuthi izinto zihambe kanjani emnothweni nokuthi amanani aphezulu abenamuphi umphumela.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/29/ucwaningo-ngokwehla-kwamandla-emali-lubhekwe-ngabomvu/

Phesheya amehlo azothi njo eChina, lapho khona ukwehla kwamandla emali  nezibalo zamanani omkhiqizo zizobayinkomba ebalulekile yesidingo sezimpahla namanani.

Umnotho waseChina uthwale kanzima ukunciphisa ukwehla kwamandla emali ngisho inqubo kahulumeni izama kangakani kanti izimakethe zizobe zibheke ukuthi ukuphucula kwezinto kuzobonakala yini emnothweni.

Khonamanjalo, eMelika i-purchasing managers index izoveza isimo somnotho omkhulukazi emhlabeni ngemva komhlangano wangoJuni weBhange lomBuso. EYurophu izibalo zezimpahla ezidayisayo nezibalo zamanani omkhiqizo zizokhombisa isimo phakathi kokusimama komnotho nokwehla kwamandla emali. – Le mininingwane ithathwe kuBureau for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page