‘Ungqongqoshe wezolimo’ ucija abalimi nabafuyi
WUTHOBILE ZWANE
IZINGANE eziningi zikhula zifisa ukubawodokotela noma osaziwayo. UNksz uMosa Seshoene wazi eseyintombazanyana ukuthi impilo yakhe isemhlabathini.
Uthi wakhula ephila impilo yaselokishini neyasemakhaya ngamaholidi esikole eya epulazini likamkhulu wayo eTurfloop, eLimpopo. Ngamaholidi zazithi ziyodlala ezinye izingane, yena wayevuka ayosiza epulazini ngokutshala utamatisi, achelele, aphakele izinkukhu nezingulube.
“Ngafunda kanjalo kancane kancane umsebenzi wasepulazini. Ngakhula sengibona ukuthi ukulima akukhona nje ukudla kuphela kodwa kuyindlela yokuphila. Loko ngakufunda ngisemncane kumkhulu,” kukhumbula le ntokazi eneminyaka ewu-32.
Le ntokazi, edabuka eTurfloop, eLimpopo, namuhla iwumnikazi weFarminist, ibhizinisi lezolimo nemfuyo nelifundisa abantu ukuqala izingadi eliseDe Deurs, eVaal, enyakatho yeGauteng.
FUNDA NALAPHA: Uphendule umhlaba womndeni ipulazi elondla abantu bendawo

Ispinashi esinomsoco ngenye yezitshalo aziqhenya ngazo uNksz uSeshoene
Uthando lwakhe lwezolimo lwamholela eNorth-West University, lapho afunda khona iziqu i-Bachelor’s Degree of Science in Agriculture egxile kwi-Animal Health, aziphothula ngo-2014.
Wasungula iFarminist ngesikhathi se-Covid-19 ngesikhathi kuvalwe izwe. Waqala ezinkundleni zokuxhumana eluleka abantu ngokuqala izingadi, engalindele ukuthi kuzogcina kuyibhizinisi.
“Abantu baqala ukungicela ukuthi ngibafundise, becela usizo lokuqala izingadi nezeluleko zokulima. Yilapho engabona khona ukuthi ngingaqala ibhizinisi lezolimo. Namuhla iFarminist isiyibhizinisi elifundisa ngezifundo zokulima, ukuqala izingadi, ukunakekela izitshalo emahhovisi nasezindlini, ukusungula ama-kitchen garden nokululeka abantu abafuna ukungena kwezolimo.”
UNksz uSeshoene uthi uFarminist yinhlanganisela ka-farm (ipulazi) no-minister (ungqongqoshe). Uthe lichaza umsebenzi wobungcweti bokunakekela umhlaba nokwengamela imisebenzi yolimo ngendlela ehlelekile nephumelelayo.

I-Farminist ayigcini ngokulima futhi iyafuya
I-Farminist isiqashe izisebenzi ezimbili ngokugcwele epulazini kanti iqasha ezetoho ngezikhathi zokuvuna noma uma umsebenzi umningi.
Uthi ukuqala ibhizinisi kwakungelula njengoba wayengenalo usizo lwezimali. Uthi kunesikhathi lapho yena nezisebenzi zakhe ezimbili kuphela babenza yonke imisebenzi epulazini.
Enye yezinselelo aseke babhekana nazo wukushoda kwamanzi ngesikhathi indawo yabo ibhekene nokunqamuka kukagesi. Kwaholela ekufeni kwezitshalo eziningi. “Lokho kwasifundisa ukuthi kwezolimo kufanele uhlale unezindlela ezihlukene zokusebenza ngoba izinto zingashintsha noma nini,” kusho uNksz uSeshoene.
Ufisa ukukhulisa iFarminist ikhiqize amaveji amaningi futhi ingene ezimakethe ezinkulu. “Ngifisa ukuthi iFarminist ikhule ibeyindawo enkulu yokucija intsha nabantu abafuna ukufunda ngezolimo, ikakhulu abacabanga ukuthi ukulima kudinga ukubanomhlaba omkhulu noma imali eningi.
“Ngifuna abantu babone ukuthi ungakwazi ukuqala noma unengadi encane. Ukuzilimela ukudla kukunika amandla futhi kusiza nomqondo wakho,” kusho yena.
Facebook: Farminist
Instagram: @farm_minist

