Akusukunyelwe indaba yomasipala
KUSELE izinyanga ezine ngaphambi kokuphela kombuso wesithupha womasipala, njengoba ngomhlaka-4 kuNovemba abantu baseNingizimu Afrika bezovotela uhulumeni omusha.
Ngeshwa, bazoya okhethweni besazama ukubheka ukuthi wubani ozogcina efeze isethembiso sokuphucula impilo yabo.
Ziningi izinkomba ezikhona ngokubheda kwezinto komasipala kodwa cishe ayikho enobufakazi obuqanda ikhanda njengombiko wokuphathwa kwemali okhishwa yiHhovisi lomcwaningimabhuku-jikelele minyaka yonke.
Kuleli sonto, leli hhovisi, eliphethwe wuNksz uTsakani Maluleke nephini lakhe uNkk uBongi Ngoma, lishicilele umbiko otshengisa indlela omasipala abasebenzise imali ngayo ngonyaka wezimali ka-2024/25. Akusiko nje ukuthi kukhona izinto ezimbalwa ezidinga ukulungiswa komasipala, kodwa kuvalwe ngehlahla. Ngisho komasipala abakhulu izinto ziyabheda, njengoba ungekho ngisho owodwa kubona othole umbiko omuhle.
UNks uMaluleke ukhale kakhulu ngokudembesela kwabaphethe imali nezikhulu zepolitiki ngokuphucula izinto njengoba ethe sekuphenduke isiko ukusebenzela ukuthola umbiko omuhle kodwa onogcobho. Uthe omasipala bazithatha kancane lezi zinto ezinogcobho.
Lilonke, indlela omasipala abasebenzise ngayo imali kusukela uqala lo hulumeni osuzophuma ihlehlele emuva. Nokuthembela kongoti abazimele kusadlangile, okusho ukuthi kunabantu abaholelwa ngomasipala ngokugcwele ukuthi benze umsebenzi othile abahlulekayo kodwa futhi kuphinde kukhokhelwe ongoti abazimele kodwa yize kunjalo, izinto azihambi kahle.
Yebo, sehlile isibalo somasipala abathola imibiko engacwaningeki futhi abawu-98% bayilethe ngesikhathi imibiko yabo kodwa konke okunye kuyabheda.
Zonke izinselelo ezikhona ezweni zibonakala ngamazinga okungalingani, ububha nokusweleka kwemisebenzi. Yizinkinga ezikude ukuxazululeka lezi uma kusanjena komasipala.

