‘Zithokozise kodwa wonge imali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noDJ Mello, uNjabulo Meyiwa, odume ngokudlala umculo we-soul ne-R&B, ongasoze wabuna, i-Hip Hop, i-Jazz ne-House. Udlala emicimbini eyahlukene okubalwa imishado nezindawo zobumnandi. Uphinde abe wumnikazi webhizinisi iMello Musiq Entertainment nomkhiqizo wakhe wezingubo zokugqoka
WUTHOBILE ZWANE
Usemcane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa imali futhi ngangithanda ukuyonga. Ngikhumbula ngesikhathi ngisafunda e-Ogwini Comprehensive High School, uMa wayengipha uR5 wokudla esikoleni kodwa mina ngiyigcine. Ngawo ngagcina sengithenga i-CD yami yokuqala ethi My My My. Yilapho ngabona khona ukuthi nginothando olukhulu ngomculo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Ngesikhathi ngiqala ukusebenza ebhange ngo-1996. Ngayivula eFirst National Bank, kuGale Street, eThekwini.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbula nowayifunda ngemali?
Ukusebenza ebhange ngoba khona ngafunda ukubaluleka kokonga nokungasebenzisi imali budedengu. Ngikhumbula futhi uMa omncane, uMaMeyiwa (uNkk uNtombela), engiyala ngokufihla imali. Ngake ngayifihla ngaphansi kombhede ngaze ngakhohlwa ukuthi ngiyibeke kuphi. Lokho kwangifundisa ukubaluleka kokugcina imali endaweni ephephile njengebhange.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngawunika abazali bami. Bathatha abakudingayo bangibuyisela okwasala. Leyo yindlela esasikhuliswe ngayo ekhaya futhi yangisiza kakhulu ngoba ngangisahlala ekhaya ngingakhokhi irenti.
Yini into enhle othi usuke wayenza ngemali?
Ukuqala ukongela umhlalaphansi kusanesikhathi. Ngaphinde ngakwazi nokubeka imali eyangisiza ukuthenga i-sound system yenkampani yami.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ukuvula ama-akhawunti ezitolo. Angikuthandi lokho futhi namanje angisenayo ngisho neyodwa i-akhawunti yasesitolo.
FUNDA NALAPHA: ‘Imali akuyona into yokubhubhudlwa namantombazane’
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhange?
Cha, angikaze futhi akusoze kwenzeka. Ukusebenza ebhange kukufundisa ukuthi ukuqaphele ngemali nokuba yisibonelo esihle kwabanye.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukuyijabulela imali yakho usaphila kodwa uyisebenzise ngokuhlakanipha. Kubalulekile ukuba nezinto ezifana nomshwalense wempilo, ukuhlela umhlalaphansi, ukonga nokutshala imali ezintweni ezizokusiza esikhathini esizayo.
Uma ungawina u-R1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawutshala emabhizinisini, ngakhe imiqasho. Ngingafaka imali eningi kwibhizinisi lami, ngithuthukise i-sound system, ngithenge amathuluzi esiteji futhi ngilungiselele imicimbi emikhulu enezihlwele eziningi. Ngingaphinde ngikhulise nomkhiqizo wezingubo iMello Musiq Clothing.
Ungabaluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Wukuthi baqale ukongela ikusasa kusanesikhathi. Kubalulekile ukuba nencwadi yefa, wongele izingane imfundo yazo, ube nomshwalense wempilo futhi utshale imali ezintweni ezizokusiza esikhathini esizayo.
Imali iyashesha ukuphela, ngakho kubalulekile ukuyisebenzisa kahle futhi uqinisekise ukuthi yonke imali oyitholayo wenza izinto eziphusile. Zithokozise ngezinto ozithandayo kodwa ungakhohlwa ukuzinakekela nokuphila kahle.
