Impi eseMiddle East iholele ekutheni imalimboleko ime ku-6,75%

UKWEHLA nokunyuka kwemalimboleko kuncike ekutheni impi eqhubeka eMiddle East, lapho i-Israel neMelika behlasele i-Iran izophela nini. Loku kucace izolo ngesikhathi umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ethi imalimboleko isazohlala ku-6,75%. 

Umasipala uphuthumisa ukusimamisa umnotho wasolwandle

UMASIPALA waseThekwini ufuna ukubheka olwandle ukusimamisa umnotho waleli dolobha ngemva kokwenza ingqungquthela i-Ocean Innovation Africa Summit, ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

URamaphosa uthembisa into engekho ngesibonelelo sabangasebenzi – ingqapheli 

IZINGQAPHELI zomnotho zishaya amakhala ngesimemezelo sikamengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa sokuthi isibonelelo sabantu abangasebenzi uR370 sizobayisibonelelo sabantu abafuna umsebenzi.

I-Canal+ izophenywa ngokuvala iShowmax

NGEMVA kokuvela kwezindaba zokuthi iCanal+ eyathenga iMultiChoice engabanikazi beDStv izovala iShowmax uma kuphela u-Aphreli, iCompetition Commission imemezele ukuthi izophenya le nkampani. 

‘Imali ayizale enye imali, kunokuthi iphume’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPhilani Charles Mthethwa. Uwusomahlaya, umphathi wohlelo emicimbini, umhleli wemicimbi, i-voice artist, umlingisi nombhali. Useke wanandisa kwi-Bar Comedy Central, i-Showmax, i-SABC 3 Funny People, i-Johannesburg International Comedy Festival ne-MTV Base’s Summer Beach Festival. Useqokwe kane kwi-Savanna Comic Choice Awards futhi usenze imicimbi yamahlaya eyimpumelelo ewu-30 bukhoma okubalwa i-Star Dust Comedy Show ne-Lifestyle of My Comedy Time

UMasipala waseThekwini usukumele phezulu kunqamuka amanzi

ASEPHUMA ngendlela ejwayelekile amanzi ezindaweni ebezikade zingenawo kuMasipala waseThekwini ngemva kokungasebenzi kahle kwe-valve yedamu loMngeni-uThukela Water iNagle. 

Umqoqintela uqinisa izinhlelo zokuqeda inkohlakalo eminyangweni kahulumeni

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) imemezele ukuthi ziyaqhubeka izinhlelo zokuqeda inkohlakalo nohwebo olungekho emthethweni. Kuloku iSars ithi ngeke igxile kuphela ezinkampanini nakubantu nje kodwa izongena naseminyangweni kahulumeni.

Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane

SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.

Kufanele sikunqande ukucekeleka phansi kwezinto komasipala, kuloba uBusi Mavuso

NGIMANGELE ngesonto elidlule ngesikhathi umqondisi-jikelele emNyangweni wamaNzi nokuThutha iNdle uMnu uSean Phillips ekhuluma “ngendlela izinto eziqhubeka nokubheda ngakhona” mayelana nokuhlinzeka amanzi komasipala abaningi.  

ITheku belinesithangami esibheka okwenzeka emnothweni

NGEMVA kweNkulumo eBhekiswe esiZweni kamengameli uMnu uCyril Ramaphosa neSabelomali, umNyango wokuSimamisa umNotho kuMasipala waseThekwini ubunesithangami esibheka umnotho waseNingizimu Afrika nemiphumela yawo kulo masipala ngeso elibanzi.

Intsha entulayo ewu-231 isilungele ukungena embonini yamabhizinisi

ABANTU abasha abawu-231 basemiphakathini entulayo baphothule izifundo zabo ezibafaka embonini yamabhizinisi olungaphansi kwezinhlelo zikamengameli zokudala imisebenzi i-Presidential Stimulus Programme (iPESP).

Zizokhokha izikhwama zempesheni eziphuzayo ukukhokha 

SEZIQALILE ukuhlawulela isikhathi ezisimosayo izinkampani zezikhwama zempesheni eziphuza ukukhokhela abantu imali emva kokuthi iHhovisi lomXazululi weziNkinga zemPesheni seliyalele ezimbili ukuba zikhokhele abantu imali yabo.

U-R168 billion weSabelomali saseKZN uzobeka inhlalakahle eqhulwini 

SIZOLETHA impilo engcono kubantu baKwaZulu-Natali iSabelomali esiwuR168 billion esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uFrancois Rodgers eMgungundlovu ngoLwesibili.

Ukugwetshwa komuntu wokuqala ngokugwamanda amandla ombuso kubuyisa ithemba, kuloba uBusi Mavuso   

YIZE izinto zitotoba kodwa isiqala ukubonakala inqubekelaphambili ngokuthi abantu baphendule ngezinto abazenzile eNingizimu Afrika. Ukugwetshwa kowayeyilungu lePhalamende le-ANC uVincent Smith iminyaka eyisikhombisa kusho ukuboshwa komuntu wokuqala ngecala lokugwamanda amandla ombuso ngemva kweminyaka kulindwe ubulungisa.

Owa’phoxa’ abazali eshintsha indlela usewumfuyi wezinkomo zohlobo

NGEMVA kokuphothula i-Diploma in Animal Production nokucijwa wumNyango wezoLimo, insizwa yaseMpumalanga nabazali bayo babenethemba lokuthi izothola umsebenzi ehhovisi  likaNokusho elinesihlalo esijikelezayo. Nokho izinto zahamba ngenye indlela.

Umasipala wethule isikhungo senhlalakahle ukukhuthaza izisebenzi nezinga eliphezulu

UMASIPALA waseThekwini uthathe igxathu elinqala emkhankasweni wokuqinisekisa ukuthi uhlinzeka umphakathi ngosizo olusheshayo, lobuchwepheshe nolunobuntu ngokuvula iSINAWE Wellness Centre.

Intsha eyikhulu izoqeqeshelwa amakhono omsebenzi wengqalasizinda

UMASIPALA waseThekwini uthathe izinyathelo ezinqala zokuqeqesha intsha ngamakhono azoshintsha impilo yentsha. Izolo intsha engasebenzi ewu-100 yaseNtuzuma namaphethelo iqale uhlelo lwezinyanga ezintathu lokuqeqeshelwa amakhono eThekwini Municipal Academy. 

Akumangazi okukhonjiswa wucwaningo ngesimo seNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO lwezakhamuzi zamazwe awu-25, okubalwa kuwona amathathu ase-Afrika, luveza imininingwane emqoka ngokuthi izakhamuzi zala mazwe zisibona kanjani isimo sawo. Elinye lamazwe amathathu yiNingizimu Afrika. Lolu cwaningo luveza isimo sakuleli zwe, esingamangazi nokho uma kubhekwa okwenzeka ezweni.

Qonda ukuthi isinqumo somThethosisekelo sithini ngokwaba amafa omshado uma kunelobolo – abeluleki 

ISINQUMO esisanda kukhishwa yiNkantolo yomThethosisekelo esigcwalisa ukuthi eNingizimu Afrika yonke imishado yesintu ihlanganisa amafa sisho ukuthi kubalulekile ukuhlelela amafa omuntu. Isho ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqonda imiphumela yomthetho kubantu abahlela ukushada.

Zimbili izinto ngomnotho ezibhekwe ngabomvu kuleli sonto 

KULELI sonto zimbili izinkomba ezimqoka ezimakethe zezimali zangale kota yokuqala yonyaka ezibhekwe ngabomvu. Namhlanje sibheka i-Absa purchasing managers fund (i-PMI), inkomba yesimo somnotho sokudingeka nokudayisa kwezinto ezidayisayo, ekhombise ukusimama kancane ngoJanuwari ngemva kokuntenga ngekota yesine yangonyaka odlule.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page