UmGcinimafa uzofakela umsebenzi wamaSeta izibuko
WUSLINDILE KHANYILE
UHULUMENI uzobuyekeza izinhlelo ezikhona okuhloswe ngazo ukwandisa amakhono ezweni ngoba ezikhona ziyahluleka wukukhiqiza amakhono adingeka emnothweni.
Lesi ngesinye seziphakamiso eziqhamuke kwiSabelomali sango-2026/27 esithulwe ePhalamende ngesonto elidlule. UmNyango weziMali uthe lo msebenzi uzobuyekeza isikhwama salo msebenzi iNational Skills Fund namaSector Education and Training Authority (amaSeta).
UmNyango weziMali uthe: “Intela yokuthuthukisa amakhono ekhokhwa ngabaqashi ixhasa amaSeta neNational Skills Fund ukuthuthukisa amakhono nokuqeqesha. Le mali kubhekwe ukuthi ibewuR88.2 billion eminyakeni emithathu ezayo. Lezi zikhungo ziyahluleka ukuletha amakhono adingekayo ukukhulisa umnotho. UmGcinimafa usucele iGovernment Technical Advisory Centre ukuthi ibuyekeze yonke into eyenziwa ukucija amakhono kulo nyaka ozayo.”
Umnyango uthe uma seluphothuliwe lolu hlelo lokubuyekeza uzoqhamuka neziphakamiso zokuthi yini engenziwa ukuphucula lo msebenzi. Lezi ziphakamiso kungenzeka zithulwe kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba noma ngoNovemba.
Umsebenzi wamaSeta ungaphansi komNyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, ophethwe wuMnu uButi Manamela.
Umbele uwuthintile lo mnyango ukuzwa umbono wawo ngesinqumo somGcinimafa. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela umnyango ungakaphenduli.
Lo mbono othi imbangela enkulu yokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika wukuthi amakhono acijwayo yilawo angadingwa wumnotho usunesikhathi ukhona. Izibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa ziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sesimi ku-34.1%.
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa ngezinye zezinto esazisho ngaphambi kweSabelomali ngesikhathi sixoxa noMbele ngobekulindeleke enkulumweni kaNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana.
“Akuhambisani okwenzeka kwimfundo nokudingeka emnothweni. Bangangizwa kabi abantu kodwa le nto yokuthi sisafundisa izingane izinganekwane namaHubo 23 iyinkinga,” kusho uDumisa.
Ukubuyekeza umsebenzi wamaSeta ngesinye sezimemezelo ezijatshulelwe wumfelandawonye wamabhizinisi iBusiness Leadership South Africa, ekholwa wukuthi ushintsho kufanele lwenziwe ngokubonisana namabhizinisi ukuze aphose esivivaneni ngokwamakhono adingekayo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/25/uhulumeni-ukitaze-izakhamuzi-ngentela-nokulungisa-omasipala-kwisabelomali/
Ezithinta imfundo yizona ezithola imali enkulu. Isiyonke imali eyabelwe yona ngo-2026/27 iwu-R527.2bn kanti u-68.1% wale mali utholwa yiMfundo eyiSisekelo. Imali eyabelwa izifundazwe ukwenza lo msebenzi izokhula ngo-4.2% eminyakeni emithathu ezayo kanti u-77.7% kuyo owokuholela izisebenzi.
Uhlelo lokuphakela izingane ukudla esikoleni lusiza izingane ezingaphezu kwango-9.9 million ezikoleni eziwu-198 000. Imali yalolu hlelo izokhula ngo-4.5% eminyakeni emithathu ezayo ifinyelele kuR33.9bn. Imali yomsebenzi wezinkulisa izonyuka isuka kuR12.2bn ngo-2025/26 ifinyelele kuR18bn eminyakeni emithathu ezayo njengoba izokwanda ngezingane eziwu-300 000.
Imali yomNyango weMfundo ePhakeme izokhulu ngo-2.2% eminyakeni emithathu ezayo kanti isikhwama esixhasa abafundi emanyuvesi nasemakolishi iNational Student Financial Aid Scheme sizosebenzisa uR54.3bn ngo-2026/27 ukuhlinzeka imifundaze kubafundi abahlwempu abawu-744 203.

