INYANGA yentsha siyisonga ngomuntu omusha osanda kusungula ibhizinisi lamakhekhe elihlukile njengoba lihambisana nezipho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ULULEKWE wuyise ukuthi akangapholisi maseko ngokuqala ibhizinisi ngoba usezibonile ukuthi unothando lwalo. Le ntokazi isilandelile lesi seluleko njengoba isinenkampani ethi yona nakuba ineminyaka ewu-17.

Ukuthola abaSamariya abalungileyo ezinkundleni zokuxhumana kumsizile wavuselela ibhizinisi lakhe umlimi osafufusa owacishe waphonsa ithawula evuka imfuyo yakhe ilele izigingqane. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

WACISHE wadikibala waphelelwa wumdlandla webhizinisi umlimi osemncane osezakhele udumo ngokudayisa izinkukhu. UNksz uSne Ngubane usephenduke iqhawekazi nesibonelo entsheni yangakubo eKuthukuzeni, eManguzi.

Kukho konke akwenzayo ugqugquzelwa wukuletha uguquko ezinhlakeni zomnotho njengoba ethi umthetho weBEE uyabatotosa labo okumele badedele amatomu omnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngeBEE, ubuholi nokunye

ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu.

Engosini lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali, namhlanje sinomlingisi uFundiswa Zwane, oseke walingisa kwi-Generations, Imbewu: The Seed neminye. Unebhizinisi leziqholo iCamagu by Fundi Zwane

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali. Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange? Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi. Uma ucabanga … Read More

Bahlanganiswe wubungani, nokuthe uma kufika umqondo webhizinisi banquma ukulisebenza ndawonye. Manje basezinhlelweni zokuvula amagatsha ezweni lonke. Omunye wabo uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO

UBUNGANI babo nothando lwezinto ezifanayo yikona okwenze ukuthi izinsizwa zaseThekwini zisungule ibhizinisi lokuwasha nokunakekela amateku nezicathulo elikhula ngamandla.

Lolu qweqwe lukasomabhizinisi lufakazela isisho esithi ubudoda abukhulelwa. Nakuba esemncane kodwa uwumakadebona emkhakheni wamabhizinisini. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

KUNEZINTO ezimbalwa eziqapheleka ngesikhulu esiphezulu senkampani egxile kumshwalense nezemfundo. Okokuqala wukuthi ibhizinisi lisegazini kuye. Okwesibili wukuthi unothando lwento ayenzayo. Okwesithathu, nokumqoka, wukuthi uyivulandlela endleleni yokuphatha ibhizinisi, phecelezi i-innovator. Okokugcina wukuthi uyakholelwa emandleni abantu abamnyama ebhizinisini.

Kuleli sonto sinethulela ingosi entsha lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali. Namhlanje sinoNkosinathi ‘Dr Love’ Mshengu woKhozi FM. UMshengu uphinde abe wumphathi wenkampani yezokwakha Umshiza Holdings

Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Ngenxa yokuthi umama ubesebenza emajalidini ehlala kude nami, kwangiphoqa ukuthi ngisheshe ngizifunele amatoto. Ngaleyo ndlela umama wayebhekana nezidingo zesikole, engingabala kuzona umfaniswano wesikole nokunye. Ngagcina … Read More

SETHULA ISIGQOKO

UQWEQWE lukasomabhizinisi, umholi kwezamabhizinisi nesishoshovu sangoJuni 16 ngo-1976 sishone ngoSuku lweNtsha. UMnu uJabu Mabuza, obeneminyaka ewu-63, ushone ngenxa yeCOVID-19, esiphinde yaqubuka okomlilo wequbula njengoba kunesiwombe sayo sesithathu ezweni. UMshengu kukude … Read More

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

Basebenzisa ulwazi lwezolimo, ezemvelo nomhlabathi ukusiza abalimi abasafufusa nabadayisi basemgwaqweni. USLINDILE KHANYILE uxoxe nomunye wabo

LANGA limbe esafunda isikole samabanga aphezulu eduze kwalapho ayefunda khona kwakwakhiwa inxanxathela yezitolo entsha eduze omfula.

Uwumakadebona emabhizinisini njengoba esesungule amabhizinisi emikhakheni ehlukene. Manje usesabalalele kwezokuvakasha. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO ngohambo lwakhe

ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.

Ukubalekela ukubhuquza ekhaya ngenkathi esafuna umsebenzi kwamenza wachitha isizungu ngokubhaka. Umndeni nabangani bameluleka ukuthi aqale ibhizinisi lokubhaka. Manje lisimama wena owabona inhlama ikhukhumala. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UQALE ukubhaka ngoba echitha isizungu emva kokungawutholi umsebenzi eseqede ukuqeqeshwa. Wayenzela umndeni nabangani bakhe nobekuthi uma bemncoma bavele bamkhuthaze ukuthi akawadayise amakhekhe ngoba ehla esiphundu.

EKUGCINENI SEKUZOKHANYA

UKUWA komnotho emhlabeni ngo-2008 okwadalwa wukwehla kwamanani emkhakheni wamabhilidi nezindlu nokuhluleka ukukhokha izikweletu kwabantu base-USA kwazwela naseNingizimu Afrika. Imibiko yaveza ukuthi bawu-1 million abantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yaloku kuwa komnotho … Read More

Ukubona unina ehluphekela ukuthola incwadi yolimi lwebele angayifunda kwamkhuthaza ukuthi kungabi yiBhayibheli nezincwadi zesikole kuphela okubhalwe ngolimi lwakhe. Uxoxe noLUCAS LEDWABA ngohambo lwakhe

UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.

UMCWANINGIMABHUKU-jikelele waseNingizimu Afrika uNksz uTsakani Maluleke uthi ukhathazekile ngokuboshwa komunye wezisebenzi zaleli hhovisi eGauteng esolwa ngenkohlakalo. UNksz Maluleke uthe izinsolo ezibekwe lesi sisebenzi ngeke bazithathe kancane. Uthe bakhathazekile futhi baphoxekile kakhulu ngokwenzekile. Uthe akuhambisani nendlela yokuziphatha abayilindele kwizisebenzi zabo. Uthe balindele ukuthi zonke izisebenzi zabo ziziphathe ngendlela efanele futhi zihloniphe umsebenzi, ngakho-ke ubugebengu abamukelekile kanti kumele badedele umthetho wenze umsebenzi wawo. Ngokwemibiko, enye yezimenenja ehhovisi lomcwaningimabhuku eGauteng izame ukugwazela isikhulu sehhovisi lomNyango wezaseKhaya kade iyofaka isicelo se-passport.

I-VISUAL International Holdings isiqoke uNkk uZanele Mbokazi-Nkambule njengomunye wabaqondisi bebhodi layo. Le nkampani ethuthukisa izakhiwo iqale ukuhweba eJSE ngo-2014. UNkk uMbokazi-Nkambule uwusomabhizinisi nosaziwayo oneminyaka engaphezu kwewu-20 esebenza emkhakheni wezokusaza, izindaba nokuxhumana. Waqala ukwaziwa ewumsakazi kuKhozi FM kanti kusukela ngo-2001 usungule inkampani yakhe iMirror PR & Events, neyenza nemicimbi efana namaCrown Gospel Awards. Une-BA Honours yase-University of Natal, esibizwa nge-UKZN.

ABANTU abangasebenzi eNingizimu Afrika sebewu-32.6%, nokuyisibalo esikhukhuphukile sisuka ku-32.5%. Loku kuvezwe yizibalo zekota yokuqala ka-2021 ezikhishwe yiStatistics South Africa ekuqaleni kwesonto. Isibalo sabangasebenzi lesi esibizwa nge-expanded definition of unemployment sona sinyuke ngo-0.6% njengoba sebewu-43.2%. Ngokwalezi zibalo abantu abasebenzayo banciphe ngabawu-28 000, njengoba sebengu-15.0 million, kanti abangasebenzi bawu-7.2 million njengoba benyuke ngabawu-8 000. Abantu asebephelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi banyuke ngabawu-201 000 kanti abangenaqhaza emnothweni hhayi ngoba bephelelwe wumdlandla banciphe ngo-38 000.

UYISIBONELO ESIHLE

ISIZULU sithi umthente uhlaba usamila. Intombazane yaseThekwini esibhale ngayo kwaSafufusa ngesonto elidlule iyasifakazele lesi saga. USiphesihle Mhlongo, odume ngelikaSippy, unebhizinisi lokupheka nokubhaka kanti ufundisa ezinye izingane ukupheka nokubhaka. U-Sippy, oneminyaka … Read More

Ziseningi izinselelo ezinqinda ukukhula kwabalimi abamnyama njengokungatholi amatayitela ngesikhathi nokungaxhaswa ngendlela efanele uma sebebuyiselwe umhlaba. USILINDILE NYATHIKAZI uyabika

YIZE umNyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya usubuyisele u-50% womhlaba kahulumeni ukuthi ulinywe kodwa ukwesekwa kwabalimi abasha nokudluliselwa komhlaba ngokupheleyo kusazoba yizinto ezisazomhlupha ungqongqoshe walo mnyango.

Uwumuntu wokuqala omnyama onekhofi lakhe kanti usengenise ngamandla ezitolo zokudla ezweni lonke. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

WAQALA evubela ikhofi esebenzela enye yezinkampani ezihamba phambili ekukhiqizeni ikhofi kanti manje usenekhofi elithi yena. UMnu uSihle Magubane usizwe wukubekezela ngenkathi elinde izinto ukuthi zihlangane njengoba esenekhofi lakhe iSihle’s Brew, nokuyikhofi lokuqala lomuntu omnyama eNingizimu Afrika.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page