UMnu uKganki Matabane, isikhulu esiphezulu seBlack Business Council

Izithombe: Zithunyelwe

Kukho konke akwenzayo ugqugquzelwa wukuletha uguquko ezinhlakeni zomnotho njengoba ethi umthetho weBEE uyabatotosa labo okumele badedele amatomu omnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngeBEE, ubuholi nokunye

ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu. 

Ukuzwa loku yikho kanye okwamgqugquzela ukuthi uma esefundela umsebenzi afune ukwenza lesi sifundo ngoba wazitshela ukuthi “akukwazi ukuthi ingaba likhuni kimina ngaleyo ndlela”.

Waqala kanjalo-ke uMnu uKganki Matabane, isikhulu esiphezulu seBlack Business Council (iBBC), ukufundela ezamabhizinisi, nokwakuwuqala kokucabeka kwendlela ezogcina imenza omunye wabaholi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika. 

UMatabane, owaqala nge-National Diploma in Cost and Management Accounting ayiphothula eWits Technikon ngo-1995, usephathe ezimbonini ezinhlobonhlobo futhi nakhona ekuholeni ubumbano lwamabhizinisi umnkantshubomvu.

Esethole iziqu zakhe uqale ezimayini, eqashwe yi-Anglo Platinum eRustenburg, eNorth West, nokwalandelwa wukusebenza eTransnet, eCity Power kanti uke waba sesiShayamthetho saseGauteng.

Eqala ukuphatha enhlanganweni ewubumbano lwamabhizinisi wayeyi-operations manager kwiBlack Management Forum, ngaphambi kokudlulela kwiBusiness Unity South Africa, lapho ayeyi-operations and transformation manager

Udlulele eSentech, lapho ebeyi-chief operations officer khona, ngaphambi kokuyoba yisikhulu esiphezulu seBBC.  

Akalwi nje izimpi zosomabhizinisi abamnyama emoyeni kodwa uyakuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuphatha ibhizinisi ngoba uyingxenye ye-consortium eyathenga amasheya emagatsheni akwaMercedes-Benz asezindaweni ezinjengeSandton, iBryanston neRosebank, eGoli, ngo-2006.

Ngo-2016 ube ngomunye wabaqondisi beKTVR Bus Service, inkampani enenkontileka yokuphatha iBus Rapid Transit Ekurhuleni. Ulekelela osomatekisi abayingxenye yalolu hlelo ukuthi baqonde ukuthi izinkampani ziphathwa kanjani.

UMatabane, oneminyaka engu-50, uthi ukuphokophela ukuletha uguquko kwezemfundo nasezinhlakeni zomnotho yiyona nto emgqugquzelayo.  

“Senginesikhathi eside ngiyilungu leBMF, nokungakho ngigcine ngize nakwiBBC. Kusukela ngisasebenza eRustenburg ngiyilungu leBMF, nokuyikona okwangenza ngisukumele ukufaka isandla ekuletheni uguquko ezweni. Uma ukwiBMF ukwazi ukuxoxa nabantu abenza izinqumo,” kusho yena.  

Ngenkathi ewusihlalo wegatsha laseGoli leBMF wakha ubudlelwane neJSE “ngakho sasiyaye simeme izikhulumi futhi kunabaningi ababeqala ukuza kwiJSE njengoMnu uGwede Mantashe noMnu uFikile Mbalula”.

“Ngisho namhlazane nowayekhulumela iHhovisi likaMengameli uSmuts Ngonyama esho lamazwi angehlanga kahle ‘Angizange ngijoyine umzabalazo ukuze ngihlupheke’ wayekade eseJSE emcimbini weBMF ezomela uKgalema Motlanthe (owayewuNobhala-jikelele we-ANC) kodwa wathi esephendula imibuzo wazisholo okwakhe,” kukhumbula uMatabane ehleka.

Uthi kwakumqoka ukuthi benze abantu baqonde ukuthi yini iJSE futhi isebenza kanjani nokuthi baqonde ukuthi akukho mali khona kodwa yindawo yokuthi izinkampani zihwebe.

UMatabane uwuqweqwe ezinkampanini nasezinhlanganweni zobumbano

Nakuba uMatabane evuma ukuthi umthetho wokuletha uguquko kwezamabhizinisi, iBEE, muhle futhi naye ehlomulile ngawo kodwa uthi kukhona okudinga ukubuyekezwa ngalo mthetho.

“I-BEE iwumgomo ocophelelayo futhi abantu sebewenze ngendlela yokugcina icala, yingakho nje izinkampani eziningi zithi uma zidayisa amasheya zingeqi kulo-26% obekiwe kanti phela lesi yisikali esanqunywa kuthiwa yisona abantu abangaqala ngaso, hhayi ukuthi sekumele kuphelele kusona. Yingakho uzwa abantu bebuza ukuthi iphela nini iBEE? Impendulo yalowo mbuzo ilula. I-BEE  iyophela mhlazane abantu abamnyama sebengabanikazi bayo yonke into ngoba yibona abaningi njengoba ubona e-USA izinto eziningi ngezabelungu ngoba yibona abaningi kanjalo uma ubheka e-UK noma eChina abantu abaningi yibona abangabanikazi bezinto zakhona.

“Ngisho indlela abantu abaqoka ngayo abantu bayenza nje ukugcina icala ngoba benzela amaphuzu. Uma uqoka umuntu wesifazane omnyama mqoke bese umnika amandla okuthi akwazi ukuqoka nabanye nokuphatha,” kusho uMatabane.

Uthi kumele kunyuswe lo-26% futhi kube nendlela yokubheka ukuthi ngempela abantu abamnyama bayalibamba iqhaza ekulawulweni komnotho futhi kumele kube nendlela yokuzijezisa izinkampani ezingawugcini umthetho. 

UMatabane uthi kumqoka abantu abamnyama baqonde ukubaluleka kobuningi babo nobumbano.

“Thina siqonda ubumqoka bobuningi bethu uma kusuke kuwukhetho kuphela, ngale kwaloko asikusebenzisi. Uma singawasebenzisa la mandla singashintsha izinkampani eziningi ngokuthi sithi nje asithengi enkampanini ethize kuze kube (iyaguquka).

“Kumqoka nokuthi siqonde imithetho, nokuthi sibambe iqhaza uma umthetho uzoshaywa. Imithetho iyashaywa, singabambi iqhaza ingakashaywa kuphela bese siyakhononda,” kusho yena.

Enaba ngeBEE, ukhale nangengxenye yalo mthetho ethi ukunquma ukuthi wubani onikwa umsebenzi kuzosetshenziswa u-90/10 noma u-80/20, nathi kuyazicwasa izinkampani zabantu abamnyama ngoba le ngxenye enamaphuzu amakhulu esuke ibheka ukuthi uzokwazi yini ukuwenza umsebenzi (i-functionality) zikhala ngaphansi kuyo ngoba azinazo izinsisa zezinkampani zabelungu futhi zihlulwa nakulesi sigaba samanani.

Uthi loku kwenza izinkampani zabelungu zingazixaki ngokusukumela iBEE ngoba vele amaphuzu amaningi awatholakali kuzona. 

Ephawula ngobuholi, uMatabane uthi muhle umholi onomgogodla nokwazi ukuthatha izinqumo ngisho ngabe kuthiwa leso sinqumo sigcina singabanga sihle.

“Vele umlando uyohlale ukwahlulela noma ngabe isinqumo sakho sasinjani. I-China ayinqeni ukuthatha izinqumo futhi kucacile kahle ukuthi izwe libhekephi yizinqumo ezilandelwayo ngisho ngabe kuthiwa wubani osuke ephethe, asishintshi isinqumo ngoba nakhu sekuphethe omunye umuntu. 

“Sidinga ukuthi uhulumeni kazwelonke, izifundazwe nomasipala bakhulume ngezwi eliodwa. Sidinga umbono owodwa wezwe bese wonke umuntu esebenzela phezu kwawo. Buka nje udaba lwama-e-toll, kuloku kubanjwa kuyekwa. Cabanga uma kuthiwa uphethe iSanral, awazi wenzenjani.” Uthi nabatshalimali iyabaxosha into yokuthi kungacaci ngezinqumo.

Usincomile isinqumo sokuvumela izinkampani ezinegunya ukuth iziphehle ugesi ongafinyelela ku-100MW, nathi kuzokhuthaza abatshalimali.  

Okunye ngaye:

  • Udabuka eMakurung  ga Mphahlele, eLimpopo;
  • Ezinye iziqu anazo yiMaster’s in Business Leadership yase-Unisa; iPost-graduate Diploma in Business Management yaseGibs neB Tech in Cost and Management Accounting eTechnikon SA;
  • Uyilungu lomkhandlu ophethe i-Unisa;
  • Uganiwe futhi unamadodakazi amathathu; 
  • Uphumula ngokugijima, ukudlala igalofu nokuvakashela izindawo nomdeni;
  • Abanye babantu abukela kubona ngoMnu uMpho Makwana, uNkk uNolitha Fakude noMnu uLot Ndlovu ongasekho;
  • Uwumqondisi eSandown Motor Holdings;
  • Uwumqondisi nosihlalo weREMCO eKTVR Bus Service;
  • Uyilungu lomkhandlu leBroad-Based Black Economic Empowerment Council Information and Communications Technology Charter; 
  • Uyilungu lesigungu esiphezulu seNEDLAC.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page