UNkk uLesego Phiri, umsunguli weMaeto Holdings, inkampani yezokuthutha ngamaloli yaseGermiston, eGoli, eGauteng. Izithombe Zithunyelwe

Imbokodo iyibambe ishisa ‘emkhakheni wamadoda’

WUTHOBILE ZWANE

NGESIKHATHI intombazane ikhula ePitoli kwawuyiyona yodwa eyayidlala ibhola nabafana emgwaqweni. Abanye abantu babebona into engavamile kodwa yona yayingakunaki loko.

Yayizitshela ukuthi umuntu angenza noma yini uma ezimisela, ngaphandle kokubheka ubulili. Yaqala lapho ukungesabi ukungena ezindaweni okwakuthiwa ngezamadoda.

Namuhla uNkk uLesego Phiri, waseMamelodi, ePitoli, eGauteng, uwumnikazi wenkampani yezokuthutha izimpahla ngamaloli iMaeto Holdings. Le nkampani yaseGermiston, eGoli, eGauteng, iphethwe ngabantu besifazane abanamava eminyaka engaphezu kwawu-38 ezimbonini ezihlukene njengeyokuthutha ukudla, eyokuthutha amakhemikhali, eyezimoto, eyezimayini nosimende.

UNkk uPhiri, ugabe ngeziqu i-National Diploma in Chemical Engineering zaseMangosuthu University of Technology eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali. Uthi ngemuva kokuphothula izifundo zakhe ngo-2001, wasebenza iminyaka ewu-17 emkhakheni wobunjiniyela, nawo ogcwele amadoda.

FUNDA NALAPHA: Intokazi ihamba nabo embonini yezokuthutha ngamaloli

Useke wayi-technical consultant, i-production engineer ne-production manager. Ngo-2008 wabawumuntu wesifazane wokuqala ukuba yi-production manager kwenye enkampanini ayesebenza kuyona futhi wabangowesifazane wokuqala ukuphatha yonke imisebenzi yenkampani eyi-head of operations.

Nakuba kwakuhamba kahle emsebenzini, uNkk uPhiri uthi wayefuna ukuziqalela into yakhe.

Ngo-2018 washiya umsebenzi. NgoDisemba wango-2019 wabambisana noNkk uVeli Khumanda, owayesebenza naye basungula iMaeto Holdings. Igama lenkampani lisuselwa egameni lesiTswana elithi “leeto”, elisho uhambo kanti ukuthi “maeto” wubuningi bohambo.

Umhuqa weloli eMaeto Holdings elishosholoza iNingizimu Afrika namaphethelo

Uthi uhambo lwabo aluzange lubelula. Baqala benamaloli amahlanu kuphela. Ezinyangeni ezintathu beqalile kwafika i-Covid-19, lapho kwavalwa khona izwe.

“Sasiqale ngoDisemba, kwathi ngemva kwezinyanga ezintathu kwafika i-Covid-19 kwavalwa yonke into. Kwasithatha isikhathi eside ukuthi sibuyele esimweni ngoba namakhasimende ethu amaningi ayengasebenzi,” kusho yena.

Kuzo zonke lezo zinselelo abadlula kuzona uthe, abazange badikibale. UNkk uPhiri uthi enye yezinto ezinzima kakhulu kuleli bhizinisi wukuthola usizo lwezimali ngoba abantu abaningi abakholwa ukuthi abantu besifazane abamnyama bangaphumelele embonini yezokuthutha.

“Uma uya kofuna usizo uqala ubhekwe wena kuqala ngaphambi kokuthi kubhekwe ibhizinisi lakho. Sake sabuzwa ukuthi thina sazini ngamaloli,” kusho yena.

Elinye lamaloli eMaeto Holdings zisha ngomsebenzi

Uthi abantu abaningi bathi bona “ababukeki njengabantu abasebenza kwezokuthutha” ngoba lo mkhakha ugcwele amadoda abelungu, ikakhulu amaBhunu.

Namuhla iMaeto Holdings uthi inamaloli angaphezu kweshumi asebenza nsuku zonke ezweni lonke.Manje sebeqashe izisebenzi eziwu-30.

UNkk uPhiri uthi abantu besifazane akufanele bazibukele phansi ngenxa yobulili babo. Uthi: “Uma uzimisela, ugxila entweni ethile uyakwazi ukuyenza. Akumele sihlukanise izinto ngobulili.”

Kubantu abafuna ukuqala ibhizinisi, uthi into ebalulekile wukubekezela nokungapheli amandla. “Ibhizinisi alilula. Ziningi izinselelo kodwa umuntu akufanele ayeke uma izinto zingahambi kahle,” kusho yena.

Uthi yize okwamanje egxile kwezokuthutha, isifiso sakhe esikhulu wukungena embonini yokukhiqiza nokwakha ibhizinisi elivula amathuba omsebenzi kubantu abaningi, ikakhulu intsha nabantu besifazane.

“Sifisa ukubangenye yezinkampani ezivelele ezikhethwa ngamakhasimende uma kukhulunywa ngezinsiza zokuthutha, ukukhiqiza nokululeka eNingizimu Afrika nangaphandle,” kusho yena.

LinkedIn: Maeto Holdings Pty Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page