UMnu uLumkile Zinyanga, umsunguli we-AlliNit, ibhizinisi lobuchwepheshe laseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Bavala isikhala sabantu emkhakheni wobuchwepheshe

WUTHOBILE ZWANE

UKUBONA amabhizinisi abantu abamnyama ayingcosana embonini yobuchwepheshe kwamgqugquzela ukusungula ibhizinisi eligxile kule mboni.

UMnu uLumkile Zinyanga, odabuka eMdlovana, KwaZulu-Natali, wasungula i-AllinIt ngo-2018, eyenza ama-website, i-digital marketing, ukushutha izithombe, i-graphic design ne-videography, isize izinkampani ngokuzibhalisa ngokusemthethweni.

Le nsizwa, eneminyaka ewu-32, ineziqu i-Bachelor of Commerce Honours in Information System Technology zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natali eMgungundlovu ngo-2017.

UZinyanga uthi ugqugquzelwe kakhulu wukubona ukuthi eNingizimu Afrika bayashoda abantu abamnyama abanamabhizinisi obuchwepheshe.

UZinyanga ekhangisa ngomsebenzi abewanzayo

“Izingqinamba esibhekana nazo kuleli bhizinisi ziningi kakhulu ngoba ukuqala ibhizinisi akuyona into elula, ikakhulu uma uwumuntu omnyama. Ekuqaleni ucabanga ukuthi uzodinga usizo lwezimali kodwa ngokuhamba kwesikhathi uyabona ukuthi okubaluleke kakhulu wukuthola amakhasimende nsuku zonke ukuze ibhizinisi liqhubeke nokusebenza. Kudingeka futhi ufunde ngebhizinisi, ukwazi ukuhola abantu nokuphatha izimali. Kufanele uhlale ufuna ulwazi oluningi ukuze ibhizinisi lihambe kahle,” kusho yena.

UZinyanga uthi i-Allinit ihluke kwamanye amabhizinisi ngamanani ayo aphansi kodwa ibe yenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.

FUNDA NALAPHA: Wethule ubuchwepheshe obusiza wonke umuntu abe nekheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

“Abantu bakithi siyazi ukuthi abanamali etheni. Yikho nje sibanika amanani angcono futhi sikwazi ukusebenza nanoma wubani ngoba sinemikhiqizo eyenzelwe amakhasimende ahlukene,” kusho yena.

Uthi into emthokozisa ngokubanebhizinisi wukuthi uzibona enza ushintsho oluletha impilo engcono kubantu futhi ubanika ulwazi. Usevule amathuba emisebenzi ngokuqasha izisebenzi eziyisishiyagalombili aziqashe ngokuphelele.

Ecebisa abanye abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi abaqale ngoba ziningi kakhulu izeluleko ezitholakala kubantu. Uthi: “Qala. Uma usuqalile, yilapho uzobona khona ukuthi impilo yakho iya kuphi. Uma ungaqali, akukho okunye ongakwenza. Qala ngonakho, uzobona nokuthi izinto obucabanga ukuthi zizokuhlula uzokwazi ukuzinqoba ngoba uzobe usuqalile, kunomuntu ohlala ekhuluma engenzi.”

UZinyanga uthi ufisa ukuthi i-Allinit ikhule, iqashe abanye abantu futhi yenze i-software eningi ezosiza ukusimamisa impilo yabantu neyomphakathi.

Facebook: Allinit Durban

Tik Tok: Allinit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page