I-Standard Bank ingenise uR26,1 billion ezinyangeni eziyisithupha zonyaka
YINTATHELI YOMBELE
BATHAKASILE abaphathi beStandard Bank ngemva kokuthi ingenise uR26,1 billion ezinyangeni eziyisithupha zokuqala zalo nyaka.
Isikhulu esiphezulu seStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala sikhiphe lo mbiko ngoLwesine ngesikhathi leli bhange elikhulu kunawo wonke Afrika ngokwezimpahla ezinalo lithula umbiko walo wezimali kusukela kuqale unyaka kuze kubemhlaka-30 wangoJuni.
Njengoba kungene uR26,1bn kusho ukuthi imali engenile kueli bhange ikhule ngo-10% ngesikhathi sokubika ngemali. Indlela elikhulisa ngayo inzuzo ngemali elisuke linayo, phecelezi i-return on equity, inyuke ngo-19,8%. Loku kuhambisana nezinhlelo zalo zokuthi ibephakathi kwango-18% nango-22%.
UTshabalala uthe ukukhula kwabo kuhambisana nokukhula kwamakhasimende abanawo, ukuphatha kahle imali nezikweletu. Kusukela ngo-2022 uTshabalala uthi iStandard Bank Group iseke amakhasimende ayo ngoR328bn, bafuna le mali inyuke ngoR450bn. Kusukela kuqale unyaka kuze kuphele uJuni walo nyaka bese benoR50,6bn wokusiza amakhasimende.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/14/i-standard-bank-ingenise-ur45-billion-ngonyaka-odlule/
“I-Standard Bank ingenise imali enhle ngohhafu walo nyaka. Imali ingeniswe amakhasimende emikhiqizweni yethu engenanzalo, kuhlangene nokuphatha izikweletu kahle. Kusizile ukukhulisa imali engenile nenzuzo esiyingenisayo ngemali esisuke sinayo ngaphansi kohlelo i-Basel III capital framework.
“Izifunda zase-Afrika zingenise imali ewu40%, iNingizimu Afrika ikhule kakhulu. Kuyasigqugquzela ukukhula kwayo isikhathi eside. Indlela esikhula ngayo izosisiza ukuthi siqhubeke nokuseka amakhasimende, sithathe namathuba avelayo e-Afrika,” kusho yena.
UTshabalala uthe izimpahla zeStandard Bank zikhule ngoR14% zawuR1.8 trillion. Uma kubhekwa izifunda zaleli bhange e-Afrika yonke, iNingizimu Afrika ingenise uR13,4bn, okuwu-51% wayo yonke imali engenile. Ibigxile kakhulu ekukhuliseni isibalo samakhasimende asebenzisa ubuchwepheshe, okukhule ngo-9%. Amakhasimende awu-69% asesebenzisa ubuchwepheshe ukuthola izinsiza zebhange. Loku kukhule ngo-17%.

UTshabalala uthi iNingizimu Afrika izihole phambili ngokungenisa imali
Emalini ewu-40%, noma uR10,4bn, engeniswe yizifunda zase-Afrika, ivela e-Angola, eGhana, eKenya, eMauritius, eMozambique, eNigeria, e-Uganda naseZambia. Amabhizinisi ayo aphesheya angenise uR1,3bn, kwathi u-40% ose-Industrial & Commercial Bank of China Standard Bank wengeza ngoR1,0bn, okuwu-5% no-4% wemali engenile.
UTshabalala uthe: “Sikwazile ukukhula seloku kuqale unyaka futhi sisazokhula kakhulu e-Afrika kunakwezinye izifunda ngenxa yamathuba avelayo. Siyabona ukuthi ukuncintisana embonini kuyakhula, imithetho iyaguquka nobuchwepheshe bushintsha ngokushesha. Siyazi nokuthi ama-franchisee ethu ahlukene azoqhubeka nokukhula. Ukungabibikho kwesimo esijwalekile emhlabeni kusikhombisile ukubaluleka kwama-franchise.”
Uphethe ngokuthi izinhlelo zabo zango-2028 zizoqinisekisa ukuthi bayancintisana nabanye futhi bayaphumelela ezimakethe abazikhethile.
“Siyawakhetha amathuba esiwathathayo kodwa siyaqhubeka nezinhlelo zethu zokukhula. Sinemikhiqizo ehlukene namabhizinisi namakhasimende azimisele ukukhula isikhathi eside. Siyiqonda kabanzi imakethe yethu yase-Afrika futhi sizimisele ukukhula nayo namakhasimende ethu, izisebenzi, abanamasheya nemiphakathi.”

