Uhulumeni utakula iTransnet ngoR47bn onemibandela. USLINDILE KHANYILE uyabika
UHULUMENI uzolekelela iTransnet ngoR47 billion ukweseka izinhlelo zayo zokulungisa izinto okubalwa ukukhokhela ezinye izikweletu zayo. UmNyango wezeziMali uthe lesi yisinqumo esithathwe emva kwezingxoxo phakathi kwawo nomNyango wamaBhizinisi kaHulumeni.
Esitatimendeni esikhishwe namhlanje ekuseni, umnyango uthe iTransnet ibaluleke kakhulu emnothweni waseNingizimu Afrika nasezinhlelweni zikahulumeni zokukhulisa umnotho ukufukula wonke umuntu.
“Lolu sizo lwemali luzohlinzeka le nkampani ngesibambiso esiwuR47bn iTransnet ezokwazi ukuthi iqale ikhiphe kusona uR22.8bn ukubheka izinkinga zayo zemali njengokukhokhela izikweletu osekufike isikhathi sokuthi zikhokhelwe,” kusho umyango ngesitatimende.
Ngenyanga edlule uSihlalo weBhodi yeTransnet uMnu u-Andile Sangqu uthe enye yezinto eklinya le nkampani yizikweletu, wathi inzalo yazo ibadla uR13bn ngonyaka.
Umnyango wengeze ngokuthi kunemibandela okuzofanele iTransnet izibophezele kuyona kanti ukuthola kwayo enye imali kuncike ekutheni igcine leyo mibandela.
Ukungasebenzi kahle kwale nkampani eyengamele amachweba nezitimela ezithutha izimpahla ngesinye sezizathu umnotho waseNingizimu Afrika ungakhuli.

Kunezinkulungwane zezisebenzi ezidilizwa yizimayini kanti enye imbangela yaloku wukuthi lezi zinkampani azikwazi ukuthutha imikhiqizo yazo embiwa phansi ngenxa yokungasebenzi kahle kwamachweba.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe uyathemba ukuthi izinguquko okufanele zethulwe ukuze iTransnet ibuyele esimweni zingenzeka, inqobo nje uma le nkampani izozibophezela emibandeleni ebekiwe futhi isheshe yenze izinguquko eziphakanyiswe yikomidi elihlanganiselwe ukulungisa izinkinga zezokuthutha iNational Logistics Crisis Committee.
Isivumelwano phakathi kweTransnet nohulumeni sizophothulwa emasontweni amabili.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan ugcizelele ukubaluleka kweTransnset emnothweni waseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngoba izwe lithembele kokumbiwa phansi neminye imikhiqizo edayiselwa amazwe.
Kunezinhlelo ezimbalwa iTransnet ezenzayo ukuzama ukulungisa ezizothatha izinyanga ezintathu kuya kweziwu-18. USangqu wathi lona wumsebenzi ozodla cishe uR50bn kanti uthinta ukulungisa ingqalasizinda, ukuphucula amachweba, ukwandisa indawo imikhumbi ethulula kuyo nokuthuthukisa ubuchwepheshe ebusebenzisayo.
Ichweba laseThekwini okuyilona chweba elikhulu kunawo wonke lithutha u-40% wezimpahla ezithuthwayo eNingizimu Afrika.

