Ungena embonini kawoyela ngomahambanendlwana kadizili
WUNQOBILE NDLOVU
“NGABONA inkinga evame ukususa umsindo ematekisini. Uthola ukuthi abagibeli balinda ukuthi itekisi igcwale baphinde balinde umshayeli uma esecela ukuyothela egaraji. Ngase ngiba necebo lokufeza iphupho lami ngokuxazulula le nkinga.”
Usho kanje uMnu uSinethemba Seku, oneminyaka ewu-33, waseMonti, eMpumalanga Kapa. USeku usungule iSeku Group inkampani kadizili ewumahambanendlwana kuleli dolobha.
USeku ukhule enesifiso sokuba wusomabhizinisi. Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni wenza i-Bcom Law e-University of Fort Hare.
“Kungilekelele kakhulu ukuyofunda enyuvesi. Kubalulekile ukuba nolwazi lokuphatha ibhizinisi nabantu uma ufisa ukuba nebhizinisi eliyimpumelelo. Ngisebenzisa amava nolwazi kwe-Business Management ezinye zezifundo engazenza ukukhulisa ibhizinisi lami,” kusho yena.
Njengoba ibhizinisi esaliphemba, uSeku uzibambela mathupha umsebenzi
Emasontweni ambalwa adlule, umNyango wezokuMbiwa Phansi namaNdla ubike ukuthi abalelwa ku-70 amagaraji atholakale edayisa udizili ongekho emthethweni oxutshwe nopharafini.
“Kubuhlungu ukuzwa izinkampani ezinkulu zisolwa ngomkhonyovu ongaka ngoba kwenza amakhasimende angasithembi thina esinamabhizinisi amancane. Kulikhubaza kakhulu ibhizinisi loku kanti udizili onopharafini uyayilimaza imoto,” kusho yena.
ISeku Group idayisa udizili u-50ppm ngoR22.90 ilitha. Uyiqale kulo nyaka kanti okwamanje usenesibenzi esisodwa esimlekelelayo.
USeku ukhuthaza osomabhizinisi ukuthi bazijwayeze ukukhangisa amabhizinisi abo ezinkundleni zokuxhumana ngoba maningi amakhasimende abangawazuza khona. USeku echaza izinto ezisiza ibhizinisi lakhe. Mlalele echaza:
USeku ufisa ukukhulisa ibhizinisi ligcine selinamaloli amakhulu kadizili.
- Facebook: Sinethemba Seku