Osaziwayo abahlele ukusebenzisa imali

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noBuhle Ndlovu, umsakazi wohlelo iSenza Kwenzeke olungena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini emsakazweni womphakathi Izwi Lomzansi

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2018, ngayivula eCapitec. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali ayenelisi nokuthi kuleyo encane oyitholayo kumele uzame ukuyibeka 

ukuze yande. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-2016 ngisasebenza ezindaweni zokudlela uma kuvalwe izikole, ngihola ngokomsebenzi engiwenzile.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawunika umama ukuthi athenge izinto ezazishoda ekhaya. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukulekelela ezidingweni zansuku zonke ekhaya nokulungisa umuzi wasekhaya. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali ngokweqile ezintweni ezingenasidingo. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi kumele uzijwayeze ukubeka imali noma ngabe incane kangakanani, ukusiza ukugwema (ukuvaleka). 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingavusa ibhizinisi likamama lokupheka, ngilungise umuzi kagogo netshe lethuna lakhe. Uma kukhona esalayo ngiyitshale emabhizinisini athile.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi abaqinisekise ukuthi uma benemali bayisebenzisa ezintweni ezibalulekile, bahlele ukuthi imali yabo bazoyisebenzisa kanjani bese begwema izikweletu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/07/09/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sinethulela-umsawenkosi-msajero-mbonambi-umsakazi-wezwi-lomzansi-usakaza-uhlelo-i-musotherapy-olungena-ngolwesihlanu-ngo-0300-entathakusa-kuya-ku-06/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page