Ezokuvakasha zisinika ithuba lokusimamisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso
IMBONI yezokuvakasha ingenye yezinto okucacile ukuthi singakhulisa umnotho ngazo futhi sakhe imisebenzi. Ngo-2025, kufike izivakashi ezingaphezulu ngo-10.5 million kunesibalo sezazifika ngaphambi kokubheduka kwe-Covid-19.
Le mboni ifaka u-9% emnothweni wezwe futhi iqashe ngokugcwele cishe abantu abayisigidi neminye imisebenzi eqhamuka kwezinye izimboni ezisebenzelana nayo.
Ngesonto elidlule emcimbini weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eCape Town, eNtshonalanga Kapa, ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha uNkk uPatricia de Lille uthe kufike ezinye izivakashi eziwu-2m ngoJanuwari nangoFebhuwari futhi umnyango wakhe uphokophele ukuthi kufike eziwu-11m kulo nyaka.
UmNyango wezokuVakasha unezinhlelo ezihlukene zokuzuza loku, kusukela ekuphuculeni indlela okufakwa ngayo izicelo zemvume yokungena ezweni kuye kwezokuphepha nokuvikela izivakashi. Umnyango uzibekele ukuthi kushaye u-2030 usuwengeze eminye imisebenzi eyisigidi.
Ezokuvakasha zibalulekile ekwakheni imisebenzi uma kubhekwa ukuthi zikwazi ukuqasha intsha, isibalo esiphezulu sabantu besifazane nokudala imisebenzi enohlonze ezindaweni zasemakhaya.
Zinika osomabhizinisi abancane amathuba, okubalwa nokungawabantu abamnyama nabatshalimali njengenkampani yamahhotela aphesheya afana neClub Med. Ingabayimboni esebenza ngaphandle kokuthembela kokumbiwa phansi. Ingaxhasa izinhlelo ezinkulu zokuvikela imvelo.
Abaningi bakwazi ukuma yize kwakunabaningi abebempongoloza bephazamisa imboni yaseNingizimu Afrika. Izinto zethu eziheha izivakashi kusukela kwiziqiwi kuye ezindaweni zokuvakasha emalokishini nolwandle, zisamile namanje. Sikhona nakwizingqungquthela nemicimbi yamabhizinisi njengoba iNingizimu Afrika iphumelele ukubanezingqungquthela eziwu-53 ezicelweni eziwu-90 ebizifakile.
Okwenzeka eMiddle East kudala ithuba okufanele silibambe ngezandla zombili. I-Dubai neQatar baziwa njengezindawo zokuvakasha futhi nokwenza izingqungquthela nebhizinisini kodwa impi ese-Iran isikuphazamisile loko. Izisebenzi zakwamanye amazwe ziyakhishwa, izingqungquthela ziyayekwa kanti izivakashi zibheka ezinye izindawo ezingazivakashela.
Sisebenzisa isikhathi esisodwa. Sinengqalasizinda efanayo eCape Town naseGoli. Imboni yezingqungquthela idinga izindawo ezithembekile, okungaphazamisekile ukusebenza kwamabhanoyi nezokuphepha kuzona.
Abantu abaya kwezinye izindawo ngenxa yamabhizinisi babaluleke kakhulu, laba bantu basebenzisa imali eningi, bahlala isikhathi eside kanti bavama ukubuya sebevakashela ukuzongcebeleka. Nokho leli thuba ngeke lihlale likhona unomphela. Namanye amazwe alibheke ngabomvu futhi ayazilungiselela. Sidinga indlela ecacile yokuzikhangisa kubantu abahlela izingqungquthela, zisheshisa ukukhipha izimvume kwizisebenzi ezisele dengwane futhi sixoxe ngqo nezinkampani ezisebenza emazweni ahlukene ezizama ukutholela izisebenzi zazo ezinye izindawo. Impumelelo yethu ekwenzeni imicimbi yamabhizinisi ikhombisa ukuthi singancintisana, kufanele singapholisi maseko.
Ukuze sisebenzise leli thuba kufanele silungise okuyizingqinamba zangempela. Ukungabibikho kwabantu abanele nokufaka ingcindezi, ikakhulu esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo kuyinkinga ngempela. Yize indlela esibheka ngayo izicelo zabafaka izimvume zokungena ezweni isiphucukile kodwa isatotoba futhi inemidanti eminingi uma kuqhathaniswa namanye amazwe.
Izinkolelo abantu abanazo ngobugebengu ziyaqhubeka nokwenza ezinye izivakashi zinqene ukuvakasha ngisho zingelona iqiniso. Amakhono abantu abasebenza kwezokuvasha abuye angafani, okwenza indlela izivakashi eziphathwa ngayo ingafani.
Ingqalasizinda kwezinye izindawo okufanele zibesezingeni eliphezulu ibuye ingabisesimweni esihle, izindawo zishoda ngemigwaqo nezindawo zokuhlala ezikwazi ukumumatha abantu abaningi.
Akuzona izinselelo ezinkulu lezi kodwa zidinga kuqashelisiswe. Ukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele yiyonandlela yokulungisa lezi zingqinamba kube kungena amathuba amasha.
IKhabhinethi isezinhlelweni zokuphasisa i-Tourism Growth Partnership Plan, uhlelo lokusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele olugxile ekuqhamukeni nengqalasizinda nemikhiqizo emisha yezokuvakasha.
Imboni ezimele isitshale uR50m ekusekeni ukuguqula umthetho, okufaka imenenja yomsebenzi ezosheshisa izinguquko ezinhlelweni zikahulumeni. Ukusebenzisana kuyadingeka futhi nakwezokuphepha nokuvikela njengokusebenzisa ubuchwepheshe izindawo ezifana neTable Mountain iphephe nokuseka noma wubani ongase agetshengwe.
Esikuzuze ngokushintsha indlela izicelo zemvume yokungena ezweni ezicutshungulwa ngayo nokubambisana kwezokuphepha kukhombisa ukuthi le ndlela iyasebenza.Sesidinga ukuyisebenzisa nasekuthuthukiseni ingqalasizinda, ukucija amakhono nokukhangisa izindawo.
Iqhinga lokukhulisa umnotho lifaka ukwenza ukuthola izimvume zokuvakasha kubelula nokuheha izivakashi eziqhamuka emazweni athuthukayo njenge-India neMexico kube kuqhutshekwa nokuseka izivakashi zasemazweni aseYurophu nakwezinye izindawo ezikude.
Kunemizamo yokukhangisa izindawo ezingavakashelwa kakhulu njengeClarens, eFree State, neCape Agulhas ukugcizelela ukuthi ezokuvakasha eNingizimu Afrika azigcini nje ngokubuka izilwane eziqiwini kuhanjwa ngezimoto neTable Mountain.
Yiqiniso ukuthi okubalulekile yisandla izivakashi ezisifakayo emnothweni. Kufanele sigxile ekutheni ziza nani, hhayi nje isibalo sazo kuphela. Ungqongqoshe uchaze ukuthi sekunoshintsho endleleni ezokuvakasha ezithathwa ngayo emnothweni.
Ezokuvakasha zingaxhasa ingqalasizinda okunomphumela nakwezinye izimboni njengeyezokuvakasha nokuxhumana. Ukuzama ukuqikelela ukuthi imiphumela idlulela nakwezinye izindawo kungaqinisekisa ukuthi umnotho uyaqina futhi kwakheka imisebenzi.
Ngiyambongela ungqongqoshe ngempumelelo yemizamo yakhe nabanye kuhulumeni abaseke ukwakhela izivakashi zasemazweni aphesheya ithuba elihle. I-BLSA kade yayeseka le mboni nezinye izindawo lapho amabhizinisi nohulumeni besebenzisana khona kutshengisa ukuthi singayisheshisa intuthuko. Ezokuvakasha ngelinye ithuba emnothweni okusezandleni zethu ukulisebenzisa. Kuhle ukubona lo mnyakazo owenzekayo.
Ukusebenza komthetho kubalulekile kwezokuvakasha kodwa futhi nakumabhizinisi. Yingakho sizikhandla ukuseka ukuvuselela kokusebenza kwezobulungisa nokuqinisekisa ukuthi abanecala bayabhekana namacala abo. Ngakho ngijabulile ngoMgqibelo uma ngizwa ngokumiswa emsebenzini kwephini lenhloko yamaphoyisa omgwaqo kumasipala wase-Ekurhuleni uMnu uJulius Mkhwanazi oboshiwe.
Loku kwenzeke ngenxa yobufakazi obuqhamuka kwikhomishini kaMadlanga ngophiko oluzenzela umathanda oluthinteka ekudunweni kwezimoto, abantu, ukugwazisa, ukweba nenkonhlakalo.
Uboshwa ngemva kokuboshwa kwamaphoyisa awu-12 ngenyanga edlule ngenxa yezinsolo zenkohlakalo endleleni okwakhishwa ngayo ithenda yezempilo eyatholwa yinkampani kaVusumuzi “Cat” Matlala, nako okwenzeka ngenxa yobufakazi obuvele kwikhomishini.
Okuhle wukuthi uPhiko lokuShushisa eZweni luthatha izinyathelo ngokushesha, alulindi ukuthi ikhomishini ize iphothule umsebenzi wayo.
Yiloku kushesha kanye endleleni izinqumo ezithathwa ngayo esikudingayo. Manje sekufanele kulandelwe wukushushisa ngendlela efanele.


