Okuhle nokubi okwenziwe yiCosatu eminyakeni ewu-40 yasungulwa – izingqapheli
YINTATHELI YOMBELE
KULE nyanga umfelandawonye wezinyunyana omkhulukazi eNingizimu Afrika iCongress of South African Trade Union (iCosatu) ugubha iminyaka ewu-40 wabakhona.
Ngesikhathi usungulwa ngo-1985 izisebenzi zazifuna ukubanesakhiwo esikhulu lapho zonke izinyunyana zizohlangana khona zikhulume ngazwi linye nabaqashi ababexhaphaza izisebenzi ngenxa yemithetho kahulumeni wobandlulo.
Isazi somlando sase-University of South Africa uSolwazi uChitja Twala noMnu uButi Kompi, ofundisa ezomlando e-University of North West bachaza iCosatu njengomfelandawonye wezinyunyana obalulekile emlandweni nakwipolitiki yaseNingizimu Afrika.
Iphepha labo elishicilelwe ngo-2012 elisihloko sithi A Marriage of Inconveniences likubeka kucace ukuthi iCosatu iwenzile umsebenzi omuhle ngokuhlanganisa izisebenzi eminyakeni edlule.
Libalula isiteleka sango-1987 sezisebenzi zezimayini eziwu-300 000 njengomzuzu owakhombisa ukuthi iCosatu ifike kwezwakala ezimbonini ezihlukene.
Bathi ikwazile ukuhlela iziteleka zokuqinisekisa ukuthi izinkampani zilungisa inkinga yokungalingani kwamaholo eyayenziwe wuhulumeni wobandlulo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/09/i-cosatu-ifuna-izinyunyana-eyazixosha-zibuyele-ekhaya/
Okunye okuhle okubalulwa wuTwala noKompi wukuthi iCosatu ibineqhaza elibalulekile ekubekweni kwemithetho evikela izisebenzi i-Labour Relations Act yango-1995, ikwazile ukunika izisebenzi izwi lokubonisana nabaqashi ngamaholo namanye amalungelo ezisebenzi, iqinisekise ukuthi uma kunokungaboni ngaso linye emsebenzini kunezithangami zokulalela amacala nokudlulisa amacala kwi-Commission for Concilliation, Mediation and Arbitration.
Yiyona futhi eyenze isiqiniseko sokuthi izisebenzi zisebenza ngaphansi kwezimo ezifanele ngomthetho i-Basic Conditions of Employment Act wango-1997, ocacisa ukuthi kufanele zisebenze amahora amangaki, zihole malini, zithole isikhathi sekhefu nokunye.
Umkhulumeni weCosatu ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe kuningi abakwenzile bekwenzela izisebenzi ezingaphansi kwezinyunyana nezingekho ngoba uma sebekhulumile kubanomnyakazo.
Ubalule umthetho i-Employment Equity Act wango-1998 owaqeda ukungalingani kwabantu emsebenzini ngenxa yobuhlanga, ubulili nokunye okwakusetshenziswa ngesikhathi sobandlululo ukubandlulula abantu.
U-Parks uthi iCosatu iqiniseke ukuthi izisebenzi ezihola kancane kunazo zonke njengezasemaplazini, ezisebenza ezindlini nezinye ezenza imisebenzi engadingi makhono ukuthi zihole kusukela kuR3 500 ngo-2019 nge-National Minimum Wage (iNMW).
Loku uthi kusize izisebenzi ezingaphezu kwango-6 million. Babuye baqinisekisa ukuthi izisebenzi uma ziphelelwe wumsebenzi zithola umshwalense wokudilizwa, zihole uma zikhulelwe, baqinisekisa ukuthi ezilimala emsebenzini zithola isinxephezelo.
“Abesifazane sebethola isikhathi sokuhlala nezingane zabo uma bekhulelwe, akusasho ukuthi kufanele kuphele umsebenzi. Amadoda nabanye abasuke benabantu abazothola izingane sebethola izinsukwana ukuze bakwazi ukubanomndeni uma kuzalwa ingane.
“Silwile ukuthi izisebenzi ziholele iholo elingconywana nge-NMW. Sicelile nokuthi izisebenzi zihole ingxenye yemali yazo ye-Unemployment Insurance Fund ngesikhathi se-Covid-19. Sisalwa futhi ngeke siyeke,” kusho uParks.
Yize ziziningi izinto ezibalulekile ezenziwe yiCosatu uTwala noKompi bathi ukudlelana kwayo ne-African National Congress (i-ANC) neSouth African Communist Party (iSACP) akuyisiz , kunaloko kuyayivala ukuthi ikhulume ngezinto ezibalulekile ezithinta izisebenzi.
Benze isibonelo sokuthi ayikwazi ukugxeka abaholi be-ANC ngokukhululeka ngoba isuke incenge ukuthi abanye abaholi bayo bangene ePhalamende. Bathi ubufakazi baloku wukuxosha kwayo iNational Union of Metalworkers of South Africa enamalungu angaphezu kwawu-340 000 ngoba ingafuni ukuvotela i-ANC.
Isazi sepolitiki saseNyuvesi yaKwaZulu-Natali uMnu uZakhele Ndlovu sithe iCosatu ihlulekile wukwandisa isibalo samalungu ezinyunyana, ikakhulu manje njengoba abaqashi bamanje bengasazifuni izinyunyana.
Ubalule ukuthi yandile imisebenzi engamatoho futhi iCosatu ayikwazi ukushintsha lesi simo kanti ihlulekile nokuqeda izinkampani ezifunela abantu umsebenzi oyitoho, ezisolwa ngokuba nesandla ekutheni abantu bangaqasheki ngokugcwele ezinkampanini.
UNdlovu uthe ukudlelana kweCosatu ne-ANC neSACP akuyisizi futhi kuyithena amandla okubhikisha nokukhuluma ngezinye izinkinga ezicindezela izisebenzi, njengeyokungabibikho kwemisebenzi eqasha ngokugcwele.
Ubalule ukuthi izinkinga iCosatu ebhekene nazo manje zifana nezezinye izinyunyana emhlabeni jikelele ngoba intsha esebenzayo ayinantshisekelo yokuba ngamalungu ezinyunyana.

