Abantu baseNingizimu Afrika bakhala kufanele – uRamaphosa
WULANGA KHANYILE
NGEMVA kwemibhikisho esisabalele ezweni mihla yonke ikhala ngabantu bokufika, nesiqubule impikiswano phakathi kwezakhamuzi, umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ugcine ephoqeke ukuphinde akhulume nesizwe. Ukhulume nesizwe ngeSonto ntambama.
Le mibhikisho owokhukhulelangoqo, neholwa wuNkk uJacinta Ngobese-Zuma weMarch and March noMnu uNkosinathi Ndabandaba weNsizwa noBunsizwa noBunsizwa Development Foundation asebebekele abantu bokufika abangenamvume yokubaseNingizimu Afrika umnqamlajuqu wokuthi umhlaka-30 Juni ungabafici besesekuleli zwe.
Phakathi kwezinto lezi zishoshovu ezikhala ngazo wukuthi abantu bokufika baphula imithetho yezwe, okubalwa kuyona ukugwazela ubuzwe nezimvume zokuhweba emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya nokuvalela izakhamuzi amathuba emikhakheni ethile yomnotho.
Kulezi zimboni uNkk uNgobese-Zuma noNdabandaba babala izindawo zokwenza izinwele, ukudayisa ematafuleni, ukudayisa kumaspaza, ukushayela amaloli nokusebenza ezindaweni zokudla, abathi kuphambene nemithetho yezwe ethi umuntu wangaphandle kufanele abenesabamba semali ethile ebhange ngaphambi kokubanebhizinisi eNingizimu Afrika nokuthi kufanele bavale izikhala ezinqabile ezweni.
Kolunye uhlangothi kunabantu baseNingizimu Afrika abathi lo mzabalazo uyinzondo ebhekiswe kubantu abamnyama bakwamanye amazwe ase-Afrika futhi unenhlese yobuzwe, okubalwa amaTsonga namaVenda.
Enkulumweni yakhe, umengameli wezwe uthe: “Lezi zinkonondo zizwakala emiphakathini yakithi, ezindaweni zokusebenza, ezikoleni, emitholampilo yethu nasezinkundleni zokuxhumana.
“Abantu baseNingizimu Afrika babuzwa imibuzo enzima nezwakalayo. Babuza ukuthi imingcele yethu iphephile yini.
“Bakhathazekile ngemisebenzi. Bazibuza ukuthi ngabe uhulumeni uyazithatha yini izinyathelo ezidingekayo ukubhekana nalezi zinselelo.
Umengameli uvumile ukuthi izwe libhekene nenkanankana yokungabibikho kwemisebenzi. “INingizimu Afrika iyqahubeka nokubhekana namazinga aphezulu okushoda kwemisebenzi, ikakhulu kubantu abasha. Kunzima ukuphila emindenini eminingi.
Uthe kunzima emiphakathini eminingi kudlange ububha. “Imiphakathi eminingi ibhekene nobubha futhi awenele amathuba,” kusho uRamaphosa.
Nokho uthe abantu abafohle imingcele yezwe abayona imbangela enkulu yezinkinga ezweni. “Kufanele sazi ukuthi ukufohla kwabantu bangaphandle akuyona imbangela yazo zonke izinkinga zethu zomnotho.
FUNDA NALAPHA: Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso
Umengameli uthe uhulumeni uyayazi into edingekayo ukuxazulula le nkinga. Uthe: “Impendulo (isixazululo) kufanele kubewukusimama komnotho ngokushesha, ukutshala izimali, ukudlondlobala kwezimboni, ukuthuthukisa ingqalasizinda nokudala imisebenzi emisha eyizinkulungwane.
Uvumile ukuthi kunenkinga yokufohla ezweni. “Wonke umuntu osebenzayo ezweni lethu kufanele abenemvume yokusebenza. Wonke umuntu onebhizinisi lapha kufanele abenemvume ukubanebhizinisi.
“Kuyanda ukuhambisana kokufohla phakathi kwemigudu yokufohla emingceleni nobugebengu obuhleliwe. Amaqembu ezigelekeqe ezishushumbisa abantu, athelisa abantu imali, amba ezimayini ngokungekho emthethweni, izidakamizwa nokushushumbisa imali avama ukusebenzisa ukufohla nokushushumbisa izimpahla,” kusho yena.
Uthe uhulumeni uzoqhumisa isitshwebhu emabhizinisini aqasha abantu abangenamvume yokubasezweni. Wengeze ngokuthi loku lama bhizinisi akwenza ukuze axhaphaze abantu, okuphambene nemithetho yezwe.
“Abanye abaqashi baqashe abantu bangaphandle abangenamvume noba babakhokhela imali encane engaphansi kakhulu kwenqunywe wumthetho futhi abasebenzise amahora.
“Ehlisa izinga lomsebenzi. Enza futhi kungabinokuqhudelana okufanele. Izobankulu inhlawulo yalezi zenzo nomthetho uzoqina kakhulu,” kuthembisa yena.
Uqhube wathi: “Imiphakathi eminingi ithukuthele ngesibalo sabantu bokufika abanamaspaza, izitolo namanye amabhizinisi angabhalisiwe. Bathi loku kuvalela abantu baseNingizimu Afrika ezindaweni zabo. Akufanele kuchithwe loku.”
Uphethe ngokuthi “wumsebenzi kahulumeni ukuxhasa amabhizinisi endawo, ukukhuthaza ukuqhudelana okuhle nokwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babeneqhaza elibonakalayo”.

