UMnu u-Aphiwe Poyo, umnikazi weMgquba Agri Holdings Primary Co-operative Limited yaseNgcobo eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Owashiya impilo edolobheni usewumholi kwezolimo

WUTHOBILE ZWANE 

KUYE kuthiwe umnotho usezandleni. Leyo nkulumo ayigcinanga ngokuba ngamazwi nje kowesilisa waseMpumalanga Kapa. Waqala ibhizinisi lezolimo ukuziphilisa.

UMnu u-Aphiwe Poyo, waseNgcobo, oneminyaka ewu-27, wavulela amehlo ngesikhathi impilo imphoqa ukuthi abheke phambili, wasebenzisa umqondo nezandla ukuziphilisa.

Uthi ngemva kokushonelwa wumkhulu wakhe ngo-2023, owathathwa yi-Covid-19, wabuyela kubo, esuka eThekwini, lapho ayedayisa imizi khona. Uthi waqala ngokulapha abantu, enemibuzo eminingi ekhanda.

“Ngangizibuza ukuthi ngizophila kanjani. Ngakhuleka, ngacabanga kakhulu. Ngakhumbula umkhulu wami ukuthi wayenomhlaba, elima. Ngabona ukuthi njengoba sinomhlaba, ngazibuza ukuthi kungani mina ngingaqhubeki lapho agcina khona,” kukhumbula.

FUNDA NALAPHA: Ukhamba lufuze imbiza kumlimi omncane ophatha umhlabathi ngothando

Ngawo lowo nyaka, wasungula iMgquba Agri Holdings Primary Co-operative Limited, umfelandawonye wamalungu omndeni amahlanu. Akekho kubona owayenolwazi lwezolimo kodwa babezimisele. Uthi uyena ohola umsebenzi ngoba abanye basafunda. 

IMgquba itshala ummbila, amazambane, iklabishi, i-butternut nokherothi. Umkhiqizo bawudayisela umphakathi ngamanani aphansi. Isikhwama sombila esiwu-40kg siwuR200 namazambane awosayizi abahlukene. U-7kg uwuR75, u-10kg uwuR100, u-5kg uwuR70.

 Udedangendlale wepulazi leMgquba elinombila

Uthi: “Ukuphatha ipulazi akuyona into elula. Kudinga ukubekezela nokusebenza kanzima, kodwa angililahlanga ithemba, ngaqhubekela phambili.”

Usebenza nabalimi abawu-40 abafundisa ukutshala, ukuphatha umhlaba nokunye “Ukubona abantu sebeqalile ukutshala yinto enkulu kimi. Kutshengisa ukuthi amathuba ayavuleka,” kusho yena.

Nokho, zisekhona izinselelo, kusho yena. Ukhala ngemali, ikakhulu imoto yokuthutha izimpahla, isomiso, ilanga elishisa kakhulu nemvula enganele.

IMgquba iqashe izisebenzi ezine ngokugcwele kanti ngesikhathi sokuvuna yengeza ezinye kanti ifisa ukukhulisa ipulazi lisuke kumahektha amahlanu liye ngaphezu kwawu-80 noma awu-100. Ifisa ukuba nezokuthutha, umhlaba obiyelwe kahle namathuba omsebenzi amaningi.

“Ngifuna ukubona abantu bethola izitifiketi, bezimela ngenxa yesikwenza lapha,” kusho uPoyo.

Facebook: Aphiwe Poyo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page