Ubhasikidi wokudla okumqoka komndeni wehlile uma kuqhathaniswa uDisemba noNovemba, ngokusho kweHousehold Affordability Index esanda kuphuma. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani okudla ehlile ngoDisemba – inkomba yamandla okuthenga

YINTATHELI YOMBELE


Amanani okudla ehlile ngoDisemba – inkomba yamandla okuthenga yamakhaya

AMANANI okudla okumqoka okuwu-44 kwasemasuphamakethe awu-47 namabhusha awu-32 enyukile ngoDisemba ezinhlotsheni eziwu-18 zokudla, ehla kweziwu-26.

Isho kanje inkomba yamandla okuthenga ukudla yemizi i-2025 Household Affordability Index esanda kukhishwa yiPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (iPMEJD), inhlangano engenzi nzuzo elwela iqiniso emnothweni nesithunzi sabantu abahlwempu.

Lolu cwaningo lwenziwa nyanga zonke eGoli (eSoweto, e-Alexandra, eTembisa naseHillbrow), eThekwini (KwaMashu, eMlaza, eSiphingo, enkabeni yedolobha, ePinetown naseMpumalanga), eCape Town (eKhayelitsha, eGugulethu, ePhilippi, eLanga, eDelft naseDunoon), eMgungundlovu, eMtubatuba (enyakatho yeKwaZulu-Natali) naseSpringbok (eNyakatho Kapa).

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/27/ukudla-kubiza-ukudlula-amaholo-ucwaningo/

Izibalo zikhombisa ukuthi ubhasikidi wokudla womuzi ojwayelekile wehle ngoR80,08 usuka kuR5 413,53 wangoNovemba, wabawuR5 333,45 ngoDisemba.

I-PMBEJD ithi phakathi kokudla okukubhasikidi okunyuke ngo-5% kuya phezulu kubalwa ukherothi (ngo-(9%), ubhanana (ngo-6%) nama-orintshi (ngo-9%).

Ekudleni okunyuke ngo-2% kuya phezulu kubalwa ufishi (ngo-3%), utamatisi (u-3%) nespinashi (ngo-2%). 

Ekudleni okwehle ngo-5% kuya phezulu kukhona i-rice (ngo-5%), amazambane (ngo-8%), u-anyanisi (ngo-9%) ne-butternut (ngo-28%).

Ekudleni okwehle ngo-2% kuyaphezulu kukhona impuphu (u-3%), istambu (ngo-2%), amafutha (ngo-2%), usawoti (ngo-3%), amaphisisi enkukhu aqandisiwe (ngo-2%), isibindi senkomo (ngo-2%), u-green pepper (ngo-2%), ubisi oluyimpuphu (ngo-4%), ufishi osethinini (ngo-3%), ubhontshisi osethinini (ngo-2%), i-margarine (ngo-2%) nojamu (ngo-2%).

Ehlile amanani obhasikidi bokudla baseGoli, eCape Town, eSpringbok, eMgungundlovu, eMtubatuba naseMthatha.  Ubhasikidi wokudla waseThekwini awushintshanga okutheni, nokho wenyuka kancane.

Ubhasikidi waseGoli wehle ngoR66,08 uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla ngoR17,27 uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka wabawuR5 538,42. 

Ubhasikidi waseThekwini unyuke ngoR0,72 uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla ngoR54,19 uma kuqhathaniswa  unyaka nonyaka wabawuR5 306,47.  

Ubhasikidi waseCape Town wehle ngoR163,90 uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla ngoR60,15 uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka wabawuR5 185,27.  

Ubhasikidi waseSpringbok wehle ngoR162,62 uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla ngoR186,25 uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka wawuR5 649,20.

Le nhlangano ezinze eMgungundlovu ithi ubhasikidi waseMgungundlovu wehle ngoR44,56 uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla  ngoR6,69 uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka wawuR5 029,73. 

Ubhasikidi waseMtubatuba wehle ngoR96,89 (-1,8%) uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, kwehla ngoR201,96 uma kuqhathaniswa  unyaka nonyaka kwawuR5 296,45.   

Ubhasikidi waseMthatha wehle ngoR49,32 (-0,9% (-0,9%) uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga, wehla ngoR17 waya kuR5 589,56 kusukela ngoFebhuwari kuya ngoDisemba wangonyaka odlule. 

NgoDisemba imali kabhasikidi wokudla okunomsoco kwabantu abane bekuwuR3 678,87.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page