Kufunwa abatshalimali abazovusa imboni yamathayi eGqeberha
WUBONISWA MOHALE
NJENGOBA ivala ifemu yamathayi iGoodyear eseKariega, eGqeberha, unobhala-jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) uMnu u-Irvin Jim uthi bafuna abatshalimali abazoyithenga.
U-Jim uthi bakwazile ukutholela izisebenzi ezidilizwa yiGoodyear imali engcono kodwa basematasa nomsebenzi wokufuna abatshalimali abazovusa imboni yamathayi eMpumalanga Kapa.
“Ukuvala kweGoodyear kuzoqeda imisebenzi engaphezu kwewu-900 kodwa kukhona nezinye izinkampani ebezisebenzisana nayo ezizophazamiseka. Yingakho sesifuna abatshalimali abazovusa imboni yamathayi eGqeberha. Sifuna inkampani ezokwazi ukusiza izisebenzi ukuthi zibenamasheya kuyona uma isivula ifemu yamathayi. Phela iGoodyear ithe ayifuni muntu ozosebenzisa ubuchwepheshe bayo kule femu eyivalayo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/08/phansi-amaphaphu-ngokuvala-kwemercedes-benz-south-africa/
Uthe bazosebenzisana nomNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana ukuheha abatshalimali ngoba kubalulekile ukuthi kudaleke imisebenzi emisha.
“Sikhulumile nezinkampani zamathayi ezikhona eNingizimu Afrika kodwa zakhala ngokuthi azinayo imali. Zithe nazo zithwele kanzima ngenxa yamathayi avela eVietnam, eCambodia naseChina. Sicela uhulumeni awavale amathayi avela kwamanye amazwe. Zonke izimoto kufanele zisebenzise amathayi akhiqizwa lapha ekhaya, yiyona nto eqeda imisebenzi ukulanda amathayi phesheya,” kusho uJim.
Uthe imboni yensimbi neplastiki ayimile kahle kulezi zinsuku ngenxa yentela yaseMelika, ukuvalwa kwezimboni zensimbi okunomphumela omubi nasezimbonini ezikhiqiza izinsimbi zezimoto nokunye.
“Intela (kaMnu uDonald) Trump ifuna izimboni zibheke kwezinye izimakethe, siyazi ukuthi iFord ikwazile ukubheka eCanada lapho izimoto zayo eziningi sezizozoya khona. I-Mercedes yona izimoto zayo eziningi ziya eMelika, izobheka enye imakethe kodwa asazi ukuthi ngesikhathi isabheka kwezinye izindawo kuzokwenzekani,” kusho yena.
Mayelana nemihlomulo ezotholwa yizisebenzi ezidilizwayo, uJim uthe zizothola imali yazo yempesheni ehambisana neminyaka eseziyisebenzile, zithole uR100 000 esikhundleni sikaR50 000 obubekwe wumqashi. Ezineminyaka eminingi zizothola ngaphezu kukaR100 000 kuya kuR1 million. Izisebenzi ezingamalungu eNumsa ezikade zaqala ukusebenza noma ezineminyaka emihlanu zisebenza eGoodyear zizothola uR234 000.
Izisebenzi zizohlonyiswa ngamakhono azozosiza ukuphila futhi zilulekwe nangokwengqondo ukuze zikwazi ukwemukela ukudilizwa.
I-Goodyear ithe iyavala ngenxa yokuthi ukwakha amathayi eNingizimu Afrika kuyabiza futhi izihlela kabusha emhlabeni jikelele. Izoqhubeka nokulanda amathayi kwamanye amazwe lapho isakhiqiza khona ukuze iwadayise emagaraji ahlukene.
I-Nelson Mandela Bay Business Chamber izwakalise ukukhathazeka ngokusebenza kwemboni yokukhiqiza eMpumalanga Kapa, yakhala ngokuthi sekuvalwe izinkampani zamathayi zonke ebezisebenzela esifundazweni.
Ithe kufanele lubhekisiswe lolu daba ngoba sekushibhile ukulanda amathayi koVietnam kunokuwakhiqiza ezweni.

