UNksz uSthabile Khathi, umsunguli weSKhathi Collection yaseThekwini, KwaZulu-Natali, esika ingqephu yekhethelo yabantu besifazane. Izithombe: Zithunyelwe

Owaqala kwa‘mlungu’ usezimele ngesitolo sengqephu

WUSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE ethanda inqqephu njengoba ayevame ukudweba imisiko ehlukene yabantu besifazane ezibona ewumsiki wengqephu odumile uma esemdala.

Nokho ngokulandela umthetho wabazali ababefuna agxile emfundweni, uNksz uSthabile Khathi uqale wenza i-BCom in Financial Management e-University of South Africa, wasebenza iminyaka ewu-16 kwelinye lamabhange amakhulu eyi-business manager

Usule ebhange ngonyaka odlule esefuna ukugxila kwiSkhathi Collection, inkampani yezimpahla zabesifazane ayisungula ngo-2016. 

Ikhasimende leSKhathi Collection liziphihle ngengqephu yakhona

“Ngiqala leli bhizinisi bengithenga indwangu, ngithole umuntu ozongithungela izingubo zabesifazane kuphela ngendlela engifuna ngayo, bese ngizigqoka maqede ngizikhangise ezinkundleni zokuxhumana ukuheha amakhasimende abedotshwa wubuhle bomsebenzi wami,” kusho le ntokazi edabuka eMandawe, ogwini oluseningizimu kodwa esizinze eThekwini.

“Ngaphambi kokusula ebhange ngacijelwa imfashini eLindiwe Kuzwayo Academy of Fashion Design ukusiza ukwenza kube lula ukuphatha nokukhulisa ibhizinisi lami lemfashini uma sengigxile ngokuphelele kulona.”

UNksz uKhathi uthi ngenxa yomsebenzi wabo ohluke ngokuthi bakhiqiza imisiko engaphumi esitayeleni wagcina ethintwe yizitolo zezimpahla zokugqoka ezinkulu zicela ukumdayisela.

Manje izingubo zabo sezitholakala ezitolo ezine zakwa-Edgars neziyisishiyagalombili ze-The Space eziseGoli naseThekwini, athi kuvame ukumngenisela uR500 000 ngenyanga.

Izimpahla zeSKhathi Collection e-The Space, eGateway, eThekwini

“Nokho izinsuku azifani ngoba kubuye kucwebe uma kusebusika ngenxa yokuthi izimpahla zethu zilungele ukugqokwa ehlobo kakhulu kodwa ibhizinisi lizinzile ngoba bahlale bekhona abacela ukuthungelwa izimpahla. Asincikile enzuzweni esiyenza ngezimpahla ezidayisa ezitolo,” kulanda uNksz uKhathi.

Kuningi uNksz uKhathi asekufunde ngokuphatha ibhizinisi. Muzwe eluleka abasiki bengqephu abasafufusa ukuthi bangasimama kanjani. 

Uthe kwesinye isikhathi umsebenzi uba mningi kakhulu, okuphoqa ukuthi basebenze amahora amaningi ukuqeda umkhiqizo ofunekayo ngesikhathi. I-SKhathi Collection isisimeme yaze yaqasha izisebenzi eziwu-11 ezisebenza ngokugcwele.

“Manje sengibheke ukuthi ibhizinisi lami likhule kunaloku, lingene nakwiTakealot, okuzokwenza izimpahla zethu zidayise emhlabeni wonke,” kuphetha uNksz uKhathi.

  • Facebook: SKhathi Collection
  • Instagram: skhathi_collection

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/04/21/nakuba-efundele-omunye-umsebenzi-uthando-lwakhe-lwezinto-zokugqoka-ezinemibala-egqamile-lumholele-kwimfashini-uxoxe-noslindile-khanyile/ 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page