Phisana ngesipho sikaKhisimusi sangunaphakade, kubhala INTATHELI YOMBELE

KUHLE ukupha abantu obathandayo izipho zikaKhisimusi ezijwayelekile kodwa uke ucabange ukubapha amasheya, ama-EFT, ama-ETN noma ama-unit trust ukuze batshalelele ingomuso nesipho esingapheli?

Ukubeka isenti phezu kwesenti esaqashiwe kube yisisekelo sebhizinisi kowafunda ibhodwe kugogo wakhe kosenebhizinisi lokudla okungqangqayo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUZIMISELA, ukungalikhohlwa iphupho lakhe nokungalahli ithemba kwenze uMnu uSandile Skheshe wagcina ephumelele ukusungula ibhizinisini lakhe lokupheka iSkheshe Grills.

Amaholidi kaKhisimusi yisikhathi sokuzithiba ngoba umnotho usazodonsa kanzima, kusho ingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

ABANAMABHIZINISI abagweme ukuwakhulisa mawala ngoba umnotho usazodonsa kanzima futhi abantu abanayo imali kanti abathengi ababuke uKhisimuzi njengesikhathi esifana nezinye.

Amasu okuphepha okuhlukanisa imali yestok’fela ekupheleni konyaka. INTATHELI YOMBELE iyabika

SEKUYIMINYAKA eminingi kakhulu izitokofela zineqhaza elikhulu ukukhuthaza isiko lokubeka imali nokusiza abantu ukuthi bakwazi ukwenza abakufisayo ngemali yabo.

Ushiye umsebenzi wasebhange wagxila ekufuyeni izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAYENGAKAZE azicabange eqala ibhizinisi ngelinye ilanga futhi wayejabule ngomsebenzi ayewenza kwelinye lamabhange kodwa inkinga yaqala mhla ezwa engasawuthandi umsebenzi awenzayo, esefuna inselelo entsha.

Ukwesekwa ngabangani kumkhuthaze ukuqala ibhizinisi osedayisa ukudla ezitolo zesikhondlakhondla. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

NGAPHAMBI kokuqala ibhizinisi ubevame ukumema abangani bakhe kubo, abaphekele ukudla, badle bashaye esentwala. Kugcine kuwumkhuba wabo ukuhlangana kudliwe ukudla okuphekwe kuye.

Kunenhlasi yethemba ngendima esikhathulwe yiNingizimu Afrika ukuzikhipha kwi-greylist. USLINDILE KHANYILE

ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ezithinta kakhulu ukugcina imithetho eyenza amazwe agweme ukushushumbisa imali nabaxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page