Kuzoncinciza amaphanta, abemfashini nabezokuvasha ngendumezulu yomcimbi wamahhasi. INTATHELI YOMBELE iyabika

KULINDELEKE abantu abaphakathi kuka-35 000 no-48 000 ukuthi batheleke eThekwini, KwaZulu-Natali, ngempelasonto esiya kuyona ukuzokwethamela umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo.

Ucilo wazishaya endukwini kosekuvuthwe ibhizinisi aliqala ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUHLALA ekhaya ngesikhathi se-COVID-19 kumzalele ibhizinisi le-sauce ebabayo. UMnu uLinda Khuzwayo wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wenkampani iSamambedu ekhiqiza i-sauce kapelepele, iSlomo Chilli Sauce.  

Besulwe izinyembezi, babongwa ngemiklomelo abemboni yezokuvakasha. USLINDILE KHANYILE uyabika

WADAYISA izinkomo ezimbili ukuze athenge urisho ngoba efuna enye indlela azoziphilisa ngayo kanti ngenakthi eqala ibhizinisi lalihamba kahle impela ngoba wakwazi nokulungisa kwakhe eCiyane, KwaNongoma, KwaZulu-Natali.

Izinkakha zosomabhizinisi zicije abalangazelela ukuba namabhizinisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcibini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.

Kuletha ithemba ukubambisana okusha phakathi kukahulumeni nosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.

Abanamava emboni yokufuya izinyosi bahlangane nomakhelwane basungula umfelandawonye owenza imikhiqizo ehlukene yoju. INTATHELI YESOLEZWE iyabika

SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.

Bancoma umsebenzi wokufukula amabhizinisi asemalokishini kodwa bayavuma ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe, u-ANNA MAJAVU uyabika

UHULUMENI usutshale uR66 billion uxhasa amabhizinisi asemalokishini kusukela ngo-2003 usebenzisa izikhungo zawo ezihlukene, kanti amabhizinisi ahlomulile angaphezu kuka-1 000.

Bakhala bayizithulisa abemboni yezinkukhu ngesivumelwano sokuhweba neMelika. UTEBOGO MOKWENA uyabika 

I-SA POULTRY Association (iSapa), engabanye babantu abavuma umhlahlandlela wale mboni i-Poultry Sector Master Plan, izophikisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokuba yingxenye yesivumelwano se-African Growth Opportunity Act (i-Agoa).

Banebhizinisi elivuthayo elinakekela imvelo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele.

Imali yokusiza omabhizinisi abancane ‘iphelela ezinkampanini eziyizipoki’. U-ANNA MAJAVU uyabika

UPHIKO lukahulumeni oluxhasa amabhizinisi asafufusa ngemali iSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) enye inkampani elisebenzisana nalo kungenzeka ukuthi ibikhokhela izinkampani ezingekho imali. 

Kusabhimba uhlelo endleleni yokuphatha imali komasipala kwanda imibiko enogcobho ngo-2022. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page