Yize ilitha kapharafini nekadizili yehlile kodwa abantu abampofu bathi basazoshayeka. Isithombe: Sithunyelwe 

Ukwehla kwamanani kadizili ngeke kwehlise imali yokugibela – inhlangano yabampofu

WUBONISWA MOHALE 

INHLANGANO elwela amalungelo abantu abaswele i-Abahlali baseMjondolo isinxuse uhulumeni nabantu abenza ucwaningo ukuthi beze emazingeni aphansi uzobona ukuthi azoncipha yini amanani ezimpahla njengoba ilitha kadizili yehle ngoR2,61 noR3,35 kuleli sonto. 

Ilitha kapharafini yehle ngoR5,96 kodwa abashayeli bezimoto ezisebenzisa uphethroli bazokhokha uR1,43 njengoba unyukile kanti nekhilo le-gas linyuke ngo-17c no-20c.

Iphini likamengameli we-Abahlali baseMjondolo uMnu uMqapheli Bonono lithe izitolo ezidayisa upharafini osetshenziswa ngabantu abawu-500 000 baseNingizimu Afrika ngeke zilehlise ngoR5,96 ilitha lawo futhi amatekisi namabhasi akade esenyuse imali yokugibela ngeke ayehlise. 

“Kuhle ukuthi uhulumeni uwehlisile amanani kapharafini nakadizili futhi wawehlisa ngemali ebonakalayo ngoba sasikhala ngesikhathi enyuka. Okubi wukuthi izitolo eziseduze nabantu eziwudayisayo ngeke ziwehlise. Imali yokugibela amatekisi namabhasi nayo ngeke yehle.

“Sifisa uhulumeni uze emazingeni aphansi uzoqinisekisa ukuthi amanani okudla nawo ayehla. Sisazompintsheka singabantu abampofu,” kusho yena.

UBonono uthe uma amagaraji ehlisa amanani kadizili nakapharafini, abalimi bayawehlisa amanani okudla kodwa izitolo namatekisi azivamisile ukwehlisa awazo. Uthi yingakho befuna ukuthi uhulumeni usondele uzobheka ukuthi ehla ngempela yini. 

Ucele uhulumeni ukuthi unyuse isibonelelo sabantu abangasebenzi sibe wuR1 500 ngoba uR350 awusizi kanti imindeni eminingi ayisakuthengi ukudla okunomsoco njengoba igrosa isibiza ngaphezu kwangoR5 000. 

FUNDA NALAPHA: Bangaphezulu kwango-500 000 abasindwa yizindleko zokukhuphuka kukapharafini 

UmNyango wokuMbiwayo uthe wehlise amanani ngoba amanani kawoyela ehlile aba ngaphansi kwango$100 (uR1 627) ngesonto elidlule.

Umkhulumeni weCongress of South African Trade Unions ezindabeni zasePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe ukunyuka kukaphethroli kuzothwesa izisebenzi nabaswele umthwalo.

“Ukukhuphuka kwezindleko kudla imali encane yezisebenzi. Sidinga isisombululo sokubiza kwezindleko, kusebenze kahle zonke izinto zokuthutha. Sidinga nemboni ezimele itshale imali emnothweni ukuze kuzodaleka eminye imisebenzi kuphuce nempilo yabo bonke abantu,” kusho yena.

Isazi somnotho wezolimo e-Agricultural Business Chamber of South Africa uMnu uWandile Sihlobo sithe amanani okudla okuqinile ngeke anyuke njengoba iNingizimu Afrika izoba nesivuno samathani awu-17.1 million ombila, awesoya nezinhlamvu zikabhekilanga. 

Uthe izimvula ezinhle zizoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika idayisa ukudla ekuvunile futhi isala nokunye okuningi ezokubekela unyaka ozayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page