Inkantolo imise izinhlelo zokuvala iTongaat-Hulett
WUBONISWA MOHALE
NGEMVA kokuthi i-Industrial Development Corporation (i-IDC) ifake uR200 million ozokwenza le nkampani iqhubeke nokusebenza cishe izinyanga ezimbili, wehlile umthwalo obusemahlombe abalimi nezisebenzi ezingaphezu kwango-40 000 zemboni kashukela.
NgoLwesine icala lokuvala iTongaat Hulett belisenkantolo kanti bekulindeleke ukuthi lihlale izinsuku ezimbili kodwa kugcine kungenzekanga ngemva kokuthi inkantolo itshelwe ukuthi i-IDC isifake uR200m ozokwazi ukusiza le nkampani ukusebenza izinyanga ezimbili kuze kutholakale isisombululo.
Abengamele izinhlelo zokuhlenga iTongaat Hulett bathe noma besithakasela isinyathelo se-IDC kodwa loku akusho ukuthi zizoma unomphela izinhlelo zokuyivala uma isisombululo singatholakali.
Ummeli weVision Group yenjinga uMnu uRobert Gumede u-Adv Blou van Kerckhoves uthe enkantolo bafuna imise izinhlelo zokuvala iTongaat Hulett ngoba banesiqiniseko sokuthi bazosithola isisombululo ezinyangeni ezimbili ezizayo.
I-Vision Group ngabanikazi abasha beTongaat Hulett ngemva kokuyithenga ngoR11.7 billion ngonyaka odlule. Nokho kukhona ebingavumelani ngakho mayelana nezimali okufanele zikhishwe ukuze le nkampani iqhubeke nokusebenza.
FUNDA NALAPHA: Ugingqigongqo ngodaba lweTongaat Hulett oselusezithebeni zenkantolo
Ijaji uRithy Singh lithe ukuvala kweTongaat Hulett kuzobanomphumela omubi kubantu, embonini kashukela nasemnothweni wasemakhaya, ngakho liyavuma ukuthi zime izinhlelo zokuyivala ukuze izinhlaka ezithintekayo zizosebenzisa lesi sikhathi ukuthola isisombululo.
Usihlalo weSouth African Farmers Development Association uDkt uSiyabonga Madlala uthe bayasithakasela isinqumo sokuma kwezinhlelo zokuvala iTongaat Hulett ngoba sinika abalimi isiqiniseko sokuthi umoba abawuhlahla kulo nyaka uzodayisa.
“Isinqumo siletha ithemba kubalimi bomoba abancane ngoba umoba wabo bawudayisela iTongaat Hulett. Sigqugquzela izinhlaka ezithintekayo ukuthi zibeke imboni phambili, zithole isisombululo esizoyilekelela ukukhula,” kusho yena.
I-SA Canegrowers Association ithe isinqumo sisho ukuthi abalimi bomoba abaphezu kwango-18 000, iningi labo okungabalimi abancane abasezindaweni zasemakhaya, bazoqhubeka nokulima futhi kusinde nemisebenzi eyinqwaba.
“Izigayo zomoba besezivulile kodwa ezingaphansi kweTongaat Hulett ezisetshenziswa ngabalimi abancane bezingakavuli. Isinqumo senkantolo sisho ukuthi nazo zizovula bese abalimi bomoba nezisebenzi zabo bethola imali ngomoba abawuhlahlayo,” kusho isikhulu esiphezulu seSA Canegrowers uDkt uThomas Funke.
Uthe i-IDC enkantolo izibophezele ukuthi izonyusa imali eyifake eTongaat Hulett isuke kuR2.3bn, iye kuR2.5bn.
Unobhala weCongress of South African Trade Unions KwaZulu-Natali uMnu u-Edwin Mkhize uthe bayayijabulela yonke imizamo yokusindisa imisebenzi nevikela impilo yabalimi abancane.
“Sifuna imali ekhishwa wuhulumeni ihambisane nemibandela enqala ezovikela izisebenzi nabalimi. Kufanele ivikeleke yakhe isikhwama esizoqinisekisa ukuthi izisebenzi ziphephile.
“Sifuna ibhekwe ngeso lokhozi ukuthi yenza okufanele ikwenze futhi nasebhodini leTongaat-Hulett kubenabazomela izisebenzi ngoba uma izikhulu zizodwa zibuye zenze inkohlakalo. Yinkohlakalo yezikhulu ezaziphethe iTongaat-Hulett eyifake kulesi simo ekusona namhlanje,” kusho yena.
Icala lizobuyela enkantolo ngoJuni 17.

