UmXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa usenamandla okubizela enkantolo abaphathi bezikhwama zempesheni abamzibayo. Isithombe: Sithunyelwe

Kuphelile ukuziba umXazululi weziNdaba zeMpesheni

YINTATHELI YOMBELE

UMXAZULI weziNdaba zeMpesheni akaseyona inja engalumi kanti abamzibayo sebezophendula enkantolo.

UmXazululi weziNdaba zeMpesheni uMnu uLebogang Mogashoa uthe izikhwama zempesheni ezingamphenduli ngesikhathi esifanele, ezicela ukwandiselwa isikhathi sokuphendula nalezo ezingaphenduli into eqondile kwizikhalo ezifakwe ngamalungu ezimpesheni zizobizelwa enkantolo.

Uthe umthetho wezimpesheni ukubeka kucace ukuthi ukuziba leli hhovisi kuyicala futhi okwenza loko uzoziphendulela enkantolo.

“Sesizothumela amasamanisi kumphathi wesikhwama nosihlalo webhodi uma bengaphenduli. Loku kuzoqinisekisa ukuthi izikhwama zempesheni ziphendula ngesikhathi nabantu basheshe benzelwe iqiniso,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: Isikhwama esingakhokhele umfelokazi sesibikwe kwiFinancial Sector Conduct Authority

Uzwakalise ukukhathazeka ngezikhwama ezithatha isikhathi ukukhokha uma amalungu azo esefile. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJanuwari umXazululi weziNdaba zeMpesheni uxazulule inkinga yomfelokazi obeselinde impesheni yomyeni wakhe kusukela ngo-2023 ayithole ngoba sekungenelele leli hhovisi.

“Izikhwama ezingaphenduli ngesikhathi kufanele ziqinisekise ukuthi ziyasilungisa lesi simo ngoba ngokuqhubeka kwesikhathi sizozidalula. Abaphathi bazo bazoziphendulela ngaloku,” kusho uMogashoa.

Kuzokhumbuleka ukuthi isikhwama esiphethe imali yonogada besikhala kakhulu ngabaqashi abangayithumeli imali yempesheni kusona emva kokuyidonsa emiholweni yezisebenzi.

Unogada ongathandanga ukudalulwa ngoba enqena ukuthi kuzothiwa ukhuluma kakhulu nowayesebenza eMafoko Security Patrols, eyayiswa enkantolo ngoba ingaphenduli umxazululi, uthe yisinyathelo esihle lesi ngoba izinkampani zizithatha kancane izisebenzi.

“Inkampani engangiyisebenzela kudala ihlala isezindabeni ngokuphula umthetho. Uma siya kumxazululi wezinkinga zempesheni ubezama ukusilekelela kodwa kuthathe isikhathi eside. Siyajabula ukuthi manje usenamandla okukhipha amasamanisi. Loku kuzosilekela kakhulu ukuthi singaxhashazwa,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page