Omasipala baseNingizimu Afrika abayilandeleli imali ewuR62 billion emosiwe
WUBONISWA MOHALE
UMCWANINGIMABHUKU-JIKELELE uNks uTsakani Maluleke ufuna kuqine isandla kwizaphulamthetho komasipala abazithele ngabandayo ekubuyiseni imali ewuR62 billion emosiwe kubona kule minyaka emihlanu edlule.
UNks uMaluleke ubesePhalamende ngoLwesihlanu eyochaza ngomsebenzi wakhe kwi-Standing Committee on the Auditor-General.
Uthe imali ewu-80% kuya kwengango-99% emosiwe noma esebenze ngaphandle kokulandela imigomo efanele yokusebenzisa izimali zomphakathi komasipala ayikaze ibuyiswe. Uphenyo lwakhe belubheka omasipala baseNingizimu Afrika iminyaka emihlanu kusukela ngo-2021.
“Sithole ukuthi kumoseke uR62bn komasipala futhi senza izincomo zokuthi kumele le mali ibuye, abathinteka ekumosekeni kwayo kufanele bakhokhe. Uma sibuyela komasipala sithole ukuthi incane kakhulu imali ebuyile ngoba u-99% walo R62bn uvele wacishwa futhi akekho ojezisiwe,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/20/ihhovisi-lomcwaningimabhuku-jikelele-likweletwa-ur13-billion/
Bathole nokuthi uphenyo olwenziwa komasipala ngokumoseka kwemali aluvamile ukuhamba kahle futhi imali emosiwe ivele icinywe kwesinye isikhathi ngisho umkhandlu owengamele umasipala ungavumanga.
Wenze isibonelo sokuthi kuMasipala waseMkhanyakude, KwaZulu-Natali, kwavela ukuthi kunezikhulu zaloya masipala ezingawenzanga kahle umsebenzi wazo, okwaholela ekumosekeni kwemali kodwa azizange zikhokhiswe le mali.
Ubalule ukuthi babone ukuthi abamosa imali abajezi ngendlela efanele nakuMasipala waseNelson Mandela Bay eMpumalanga Kapa, owasoThukela eKZN, eCollins Chabane eLimpopo nabanye.
“Ngo-Okthoba wonyaka odlule sayalela imeya yomasipala iNgaka Modiri ukuthi ilande imali eyayimoswe ngowayimenenja yalo masipala kodwa sithole ukuthi le menenja ishiyile kulo masipala futhi ayizange iyikhokhe imali ewuR4.6 million ebesiyiyalele ukuthi iyikhokhe. Lesi simo sikhombisa ngokusobala ukuthi uma sesenze izincomo, omasipala abazilandeli. Akufanele kubenomuntu omosa imali ogcina engayikhokhanga,” kusho yena.
Uthembise ukuthi bazolusukumela lolu daba ngoba abafuni kumoseke imali yomphakathi.
Ucebise omasipala ukuthi kufanele bazenzele umbiko wezimali, hhayi ukuthi basebenzise izinkampani zangaphandle ukwenza lo msebenzi ukuze babenamakhono adingekayo okuphatha imali.
Uthembise ukuthi iHhovisi loMcwaningimabhuku-jikelele lizolandela omasipala abangaziphethe kahle izimali ukuqinisekisa ukuthi izincomo zabo ziyasebenza.

