U-R168 billion weSabelomali saseKZN uzobeka inhlalakahle eqhulwini
WUBONISWA MOHALE
SIZOLETHA impilo engcono kubantu baKwaZulu-Natali iSabelomali esiwuR168 billion esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uFrancois Rodgers eMgungundlovu ngoLwesibili.
Ngesikhathi ethula iSabelomali, uRodgers usichaze njengesizolekelela ukuletha inhlalakahle kubantu. Ubalule ukuthi u-80.5% (uR135bn) weSabelomali uwabele umNyango wezeMfundo, owezeMpilo nowokuThuthukisa umPhakathi.
“Ngithula iSabelomali ngokuzethemba njengoba umnotho wesifundazwe ukhula futhi izimali ziphatheke ngendlela efanele. Sisuke esimweni sokuphanta imali, sesisesimweni sokuvuselela. Ukubuyela kwezinto esimweni KwaZulu-Natali nokutshala imali kwingqalasizinda kuzobuyisa abatshalimali, batshale imali yabo bese kudaleka amathuba emisebenzi,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/25/kuhlomule-kakhulu-ezemfundo-ezempilo-nezenhlalakahle-kwisabelomali-sasekzn-esiwur158-4-billion/
Uthe kubalulekile ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi esifundazweni ngoba izibalo zikhomba ukuthi bangaphezu kuka-4 million abantu abathola izibonelelo zikahulumeni.
Ubalule ukuthi ukungacimi kukagesi, ukulunga kwezinkinga zokuthutha emachwebeni kuzokhulisa umnotho futhi bazoqinisekisa nokuthi balungisa imigwaqo nenye ingqalasizinda eyenza ukuthutha izimpahla kubelula.
U-Rodgers uthe ulindele ukuthi umnotho wesifundazwe ukhule ngo-1.5% kulo nyaka bese ngozayo ukhule ngo-1.7% ngenxa yokuthi izokwanda imali abayitshala ekulungiseni nasekuthuthukiseni ingqalasizinda, ukungena kwemboni ezimele nokubakhona kukagesi.
“IKwaZulu-Natali isinomnotho osimamayo, inegama elihle ekuphatheni izimali futhi iyaheha kakhulu kubatshalimali. Lesi Sabelomali siyisisekelo esizoqinisekisa ukuthi izidingo ziyafinyelela kubantu futhi nomnotho ukhula ngendlela efaka wonke umuntu,” kusho yena.

