Isikhulu seStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala uthole indondo yokubayisikhulu esivelele kulo nyaka e-Afrika i-CEO of the Year yeTAB Global. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhulu seStandard Bank sihlabane ngendondo yomphathi ovelele e-Afrika 

YINTATHELI YOMBELE 

INKAMPANI ehlela izingqungquthela zomhlaba e-Asia, eMiddle East nase-Afrika i-TAB Global iklomelise isikhulu seStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala ngokubayisikhulu esiphezulu esivelele e-Afrika.

Okunqobise uTshabalala le ndondo wukuthi uyisikhulu esinombono, esibheka ikusasa nesikhulisa ibhange e-Afrika nakwamanye amazwe.

Ngokwesitatimende seTAB Global, uTshabalala, owummeli futhi onolwazi olunzulu lwezimali, usephathe izikhundla ezihlukene eStandard Bank Group, wakwazi ukuyikhulisa nokuyiphatha kahle ngokutshala imali ezinhlelweni ezingenisa inzuzo isikhathi eside e-Afrika namaphethelo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/14/abantu-baseningizimu-afrika-bantula-ulwazi-ngemali-utshabalala/

Leli bhange alikho nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa lisebenza ezimakethe eziwu-21 zase-Afrika futhi lisebenzisana nezinye izinkampani ukuqinisekisa ukuthi lisimamisa iminotho ezindaweni ezihlukene.

Linezizinda zokusebenza eLondon, eNew York, eBeijing naseDubai ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuhweba nokutshala imali awuvinjwa yimingcele. Ukukhula kwalo ngale ndlela kukhombisa ukuthi uTshabalala uyakwazi ukuqinisekisa ukuxhumana kwalo namanye amazwe ebe ebhekene nezinselelo zokusebenza emazweni anezimakethe ezisimamayo. Uqinisekisa ukuthi uhlanganisa okwenzeka e-Afrika nasemhlabeni jikelele ukuze leli bhange livelele ukuletha uguquko e-Afrika. 

Ngaphansi kobuholi bukaTshabalala leli bhange lixhasa izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda e-Afrika, ukunakekela imvelo nokuyivikela ekuguquguqeni kwesimo sezulu. 

Abanye abaholi bebhange akabashiyi ngaphandle njengoba ebuhlomisa ngamakhono abenza baphathe kangcono. Unabaholi ababeka i-Afrika phambili, abafuna ukuyibona inezamandla ezihamba kahle nengqalasizinda esezingeni eliphezulu. La maphuzu amenze wadla umhlanganiso uma eqhathaniswa nabanye abaholi abakule mboni yamabhange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page