Zihamba kahle izinhlelo zikamasipala neTransnet zokuphucula ukusebenza echwebeni
YINTATHELI YOMBELE
IMEYA kaMasipala waseThekwini isanda kubiza umhlangano ukudingida ngomsebenzi owenziwayo ukuphucula umsebenzi wechweba laseThekwini, elibalulekile ekukhuliseni umnotho wedolobha.
Umasipala ubambisene neTransnet Port Terminals (iTPT) ukuqinisekisa ukuthi ichweba lisebenza kahle ukuze kungabi nesiminyaminya.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/
Emhlanganweni, obungomhlaka-29 Agasti, bekukhona iMeya uMnu uCyril Xaba, imenenja kamasipala uMnu uMusa Mbhele nezikhulu eziphezulu zikamasipala nezaseTransnet njengoba befuna leli chweba libesezingeni eliphezulu, liqhubeke nokubalwa namanye avelele emhlabeni.
“Siwumasipala sizimisele ukwenza leli dolobha lihehe kubatshalimali futhi ichweba laseThekwini yilona eliyindlela yokungena e-Afrika, yilona elizokhulisa umnotho wethu,” kusho uXaba.
Ukhulume ngezinhlelo eziningi ezizoguqula ingqalasizinda yaseThekwini, zinciphise isiminyaminya futhi zenze kubelula ukuthutha izimpahla. Kuzona kubalwa ukwakha i-dry port, indawo yezimpahla engelona ichweba, eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini, ukulungisa ingqalasizinda yezitimela nokwakha izindawo okuzopaka amaloli kuzona uma ezolanda izimpahla echwebeni.
Ziyaqhubeka nezinhlelo zokwakha umgwaqo wesibili ongena echwebeni. Sesisayiniwe isivumelwano sokusebenzisana phakathi kukamasipala neTPT.
UXaba uveze ukuthi umasipala uhlela ukwakha isikhumulo samabhanoyi sesibili eningizimu yaseThekwini ukuze kubelula ukuhamba kwezimpahla nabagibeli.
Imenenja yeTPT uMnu u-Earle Peters ugcizelele ukuthi bafuna ukubayindawo yezimpahla ezithuthwa ngomkhumbi evelele eNingizimu Afrika. Uthe kubalulekile ukuthi umasipala usebenzisane nabo kanti nokubakhona kwamaphoyisa kamasipala kuyasiza ukulawula isiminyaminya nokuphepha.
Uthe batshala imali emishinini yokuthutha izimpahla, enciphise isikhathi esilindwa ngamaloli asuke ezolayisha noma ezoshiya izimpahla ngamaminithi awu-95.

