Isinqumo seS&P sitshengisa inkinga ekhona ngokusebenza kweTransnet, kuloba uBusi Mavuso
ISINQUMO seS&P Global sokwehlisa indlela iTransnet ekleliswe ngayo uma iboleka imali yizindaba ezidumazayo kuthina abasemabhizinisini futhi esimagange ukubona indlela le nkampani esebenza ngayo.
Lesi sinqumo asitshengisi nje ukubheda kwesimo sezimali eTransnet kodwa siyisikhumbuzo sokubheda kobuholi osekuyiminyaka kwenzeka, izinyunyana ezingophumasilwe nohulumeni oloku uqhubekile nokutakula amabhizinisi awo ngaphandle kokufuna ukuthi kubenezinguquko ezinqala.
I-S&P ikholwa wukuthi iTransnet ibhubhudla imali kodwa alikho ithemba loshintsho endleleni esebenza ngayo futhi iTransnet Freight Rail izohluleka ukuthutha umthamo wezimpahla obekiwe. Yibhizinisi leli elinezindleko ezinkulu ezingashintsheki kalula, elidinga ukuthi kutshalwe imali enkulu kulo futhi linesikweletu esikhulu. Isinqumo seS&P sokwehlisa indlela eklelise ngayo le nkampani sikhombisa ukuthi ikhathazekile ngokuthi izokwazi yini ukukhokhela isikweletu sayo.
Ngokubona kweS&P, iTransnet “ithembele ekusekweni wuhulumeni” kanti “inenkinga enkulu yemali edingekayo ukuqhuba umsebenzi”. Uma inkampani isebenzisa uR13.5 billion ngaphezu kokuhleliwe ukwenza umsebenzi ekubeni izisebenzi zayo zikhushulelwa imiholo ngo-6%, okuyimali ephindaphindiwe emandleni emali kucacela wonke umuntu ukuthi kwenzekani uma imali ingasetshenziswa ngendlela efanele futhi kuthenjelwe ezibambisweni zikahulumeni.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/18/sidinga-izinyathelo-ezinqala-nobuholi-okuzofaka-itransnet-emgqeni-kuloba-ubusi-mavuso/
I-S&P ikhuluma ngezinto esezicacile kwabaningi bethu. I-Transnet ayifuni ukushintsha futhi izinto ziyatotoba. Uma kuqhathaniswa ne-Eskom esikwazi ukusimamisa indlela esebenza ngayo futhi eqhubekayo nokuphokophela ukuletha izinguquko ezinqala.
Isisombululo akusiko okunye ukutakulwa noma izibambiso zikahulumeni ezengeziwe. Sekuyisikhathi sokuthi umNyango weziMali ubeke imibandela eqinile uma uzoyiseka (iTransnet) ngomuso, imibandela evumela ukuncintisana nemboni ezimele, into iTransnet eyidinga ngokushesha.
Inqubekelaphambili esanda kwenzeka ngokuhlukanisa uphiko lwengqalasizinda yezitimela kweminye imisebenzi, okwenzeke ngenxa ye-Operation Vulindlela, iyisiqalo kodwa kufanele kunyakazwe ngokushesha.
Ukusebenzisana nemboni ezimele emachwebeni nasekulawuleni ukwengamelwa kwezitimela kufanele kuphuthunyiswe. Izinkampani zikulungele ukutshala kwingqalasizinda yethu yezitimela kodwa zidinga isiqiniseko sokuthi ngeke ukugxambukela kwepolitiki nokungafuni kweTransnet ukushintsha kuphazamise imali eziyitshalile.
Ukulungisa ezokuthutha ngenye yezinto ukubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni okugxile kuyona. Ngokusebenza ngekomiti elengamele izinkinga zokuthutha i-National Logistics Crisis Committee kunenqubekelaphambili esiyenzekile – amachweba asenciphisile ukubambezeleka kwezimpahla futhi iyaphucuka indlela izimpahla ezithuthwa ngayo emizileni yezitimela ebalulekile. Kodwa izinto ezihlupha kakhulu zisekhona futhi nendlela ushintsho olwenzeka ngayo iyatotoba.
Ngesikhathi amabhizinisi ehlangene nethimba likahulumeni elaliholwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngoJanuwari lazibophezela ukuphuthumisa izinguquko ukukhulisa umnotho. Kuthe uma kukhona izinto ezisalelayo kwezokuthutha saphinda sahlangana ngoMeyi futhi savumelana ngezinto ezizosheshiswa ezinyangeni ezintathu ezizayo. Loku kudinga umfutho othe xaxa.
Kunezinguquko ezinqala okufanele zisheshiswe ikakhulu ukuvumela ezinye izinkampani zibambe iqhaza ekusebenzeni kwezitimela namachweba nokuthi kuqale kusebenze umlawuli ozolawula yonke le mboni yokuthutha izimpahla.
Njengoba isho neS&P, kufanele kuphuthunywe ukuphucula ukusebenza kweTransnet, kusukela kwezokuphepha kuya ekulungiseni ingqalasizinda. Indlela yokwenza loku ngokubambisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele iyaziwa kodwa ngenxa yabantu abangafuni ukumukela ushintsho noma abahlehlisela izinto emuva ngamabomu akwenzeki.
Isinqumo seS&P kufanele sisiphaphamise. Indlela eyenza ngayo iTransnet ayilungile futhi kufanele ilungiswe ngokushesha. I-Transnet ayikwazi ukwenza sengathi izinto ziqhubeka njengokujwayelekile futhi umengameli kufanele akusukumele ukuthi izinguquko okwavunyelwana ngazo zenziwe ngokushesha.
Ngiyasithakasela isinqumo esithathwe wungqongqoshe womNyango wezokuThutha uNks uBarbara Creecy ekuhlakazeni ibhodi yesikhwama esinxephezela abantu abalimale ezingozini zogwaqo iRoad Accident Fund (iRAF).
Lesi sinqumo esinesibindi sitshengisa uhlobo lobuholi esibudingayo ukubhekana nokungasebenzi kahle kwezinhlaka zikahulumeni.
I-RAF ibalulekile ekubhekana nemiphumela emibi yezingozi zomgwaqo kodwa irekhodi layo lokungaphathwa komsebenzi ngendlela efanele liyihlazo. Njengoba iSpecial Investigating Unit yenza uphenyo njengokucela kukangqongqoshe, sinethuba lokuvundulula inkohlakalo esiholele ekutheni kuhlale kugqigqwa ezinkantolo.
INingizimu Afrika ifanele ukubaneRAF esebenza ngendlela eyaziwa yiwo wonke umuntu, esebenzisa kahle imali futhi ehlinzeka umsebenzi ngendlela efanele kubantu abadinga usizo lwayo kakhulu.
Loku kufanele sikubone kwenzeka nasezikhungweni zikahulumeni zemishwalense eziqhubekayo nokwenzela phansi abantu. Isikhwama esisiza abantu abaphelelwe wumsebenzi i-Unemployment Insurance Fund (i-UIF) neCompensation Fund asisebenzi kahle.
Ngesikhathi iBusiness Unity South Africa iphakamisa ukuthi i-UIF ayiphathwe wumlawuli ngonyaka odlule kwakungenxa yokuthi izisebenzi zazingakwazi ukuthola ngesikhathi imihlomulo yazo eziyisebenzele.
NeCompensation Fund iyahluleka ukuseka izisebenzi ezilimale emsebenzini, ezigulayo nezifela emsebenzini, okuwukwenzela phansi abantu abathwele kanzima kakhulu.
Yize ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi uNks uNomakhosazana Meth esezenzile izinguquko ezidingekayo ebuholini, lezi zikhwama azikakasondeli nakancane ekwenzeni umsebenzi ngendlela efanele.


